Scripture Stories
U-Alima Nabantu Bakhe


“U-Alima Nabantu Bakhe,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

UMosiya 23–25

U-Alima Nabantu Bakhe

Amandla avela kuNkulunkulu ezikhathini ezinzima

Isithombe
U-Alima nabanye abantu babheka amakhaya abo

U-Alima kanye nabantu bakhe babehlala ezweni elihle. Batshala imbewu bakha nemizi. U-Alima wayengumphristi kaNkulunkulu. Wafundisa abantu bakhe ukuba bathandane. Abantu balalela u-Alima futhi bagcina imiyalelo kaNkulunkulu. Imindeni yabo yakhula, bakha idolobha.

UMosiya 23:4–5, 15–20

Isithombe
U-Alima ukhuluma namaLamani

Ngolunye usuku, ibutho lamaLamani lafika. Babedukile. AmaLamani athembisa ukubashiya bodwa abantu baka-Alima uma u-Alima ebasiza ukuba bathole indlela eya ekhaya. U-Alima wakhombisa amaLamani ukuthi angabuyela kanjani ezweni lawo.

UMosiya 23:25, 30, 36–37

Isithombe
U-Amuloni kanye nonogada bebuka u-Alima nabantu bakhe

AmaLamani akazange agcine isethembiso sabo. Kunalokho, bathatha izwe futhi baba nonogada abaqapha abantu baka-Alima. Futhi benza umNefii ongu-Amuloni inkosi phezu kwabantu ba-Alima. U-Amuloni wayengumholi wabaphristi bamanga. Yena nabaphristi bakhe babulala umphrofethi kaNkulunkulu futhi benza nezinye izinto eziningi ezimbi.

UMosiya 17:12–13; 23:31–32, 37–39; 24:9

Isithombe
U-Amuloni ethukuthele

U-Amuloni wayethukuthelele u-Alima. Wenza abantu baka-Alima basebenze kanzima kakhulu futhi wabaphatha kabi. Kwakunzima kubantu ba-Alima.

UMosiya 24:8–9

Isithombe
U-Alima uyakhuleka, futhi u-Amuloni uthukuthele ngemuva

Bakhuleka kuNkulunkulu becela usizo. U-Amuloni wabatshela ukuthi abayeke ukukhuleka. Wathi noma ngubani okhulekayo uzobulawa.

UMosiya 24:10–11

Isithombe
U-Alima kanye nowesifazane basiza indoda endala ukuthi ime

U-Alima kanye nabantu bakhe bayeka ukukhuleka ngokuzwakalayo. Kunalokho, bakhuleka ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu wayizwa imikhuleko yabo. Wabaduduza wabathembisa ukuthi uzobasiza babaleke. UNkulunkulu wenza umsebenzi wabo onzima uzwakale uba lula. Abantu babebekezela futhi bejabule njengoba belalela uNkulunkulu. Babazi ukuthi uNkulunkulu Wayebasiza.

UMosiya 24:12–15

Isithombe
U-Alima uhola abantu bakhe ebusuku

Abantu baka-Alima babemethemba uNkulunkulu futhi babenokholo olukhulu Kuye. Ngolunye usuku, uNkulunkulu wabatshela ukuthi kwase kuyisikhathi sokuhamba. Ngalobo busuku, u-Alima kanye nabantu bakhe bazilungiselela. Baqoqa zonke izilwane zabo nokudla. Ekuseni, uNkulunkulu wafaka amaLamani ebuthongweni obukhulu. Bese u-Alima nabantu bakhe babaleka futhi bahamba usuku lonke.

UMosiya 24:16–20

Isithombe
U-Alima nabantu bakhe babheka iZarahemla

Ngalobo busuku, wonke amadoda, abesifazane, nabantwana babonga uNkulunkulu. Babazi ukuthi uNkulunkulu kuphela owayengabasiza. Bahamba izinsuku eziningi futhi bafika ezweni laseZarahemla. AmaNefi abamukela, futhi u-Alima wafundisa wonke umuntu ngokuba nokholo kuJesu Kristu. Abantu abaningi bakholwa futhi babhabhadiswa.

UMosiya 24:20–25; 25:14–24