Scripture Stories
Isiphepho oLwandle


“Isiphepho oLwandle,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“Isiphepho oLwandle,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

1 Nefi 18

Isiphepho oLwandle

Ukuthola ukuthula eNkosini

Isithombe
imindeni iletha ukudla emkhunjini

INkosi yatshela uLehi ukuthi kwasekuyisikhathi sokungena emkhunjini. Imindeni yapakisha ukudla okuningi okuzodliwa ngesikhathi ihamba. Base begibela bonke emkhunjini base bebheka ngasezweni lesethembiso.

1 Nefi 18:5–8

Isithombe
abantu bephuza besemkhunjini

Emva kwezinsuku eziningi olwandle, abanye abantu baqala ukungahloniphi futhi bedelela. Bakhohlwa ukuthi iNkosi yabasiza.

1 Nefi 18:9

Isithombe
ULamuweli, uNefi, kanye noLamani besemkhunjini ngenkathi kuza isiphepho.

UNefi wayekhathazekile ukuthi bangase bacasule iNkosi. Ngaphandle kosizo lweNkosi, umkhumbi wabo wawungeke uphephe. UNefi wacela abafowabo ukuba bayeke.

1 Nefi 18:10

Isithombe
ULamani noLamuweli bebopha uNefi.

ULamani noLamuweli babemuthukuthelele uNefi. Bamubopha futhi babemuphatha kabi. Babengayilaleli iNkosi, neLiyahona yayeka ukusebenza. Maduze kwaza isiphepho esikhulu. Emva kwezinsuku ezintathu esiphephweni, babesaba ukuthi babezominza.

1 Nefi 18:10–13

Isithombe
owesifazane encenga uLamani noLamuweli

Umndeni kaNefi wancenga uLamani noLamuweli ukuba baqaqe uNefi. Kepha uLamani noLamuweli baqhubeka nokunqabela noma ubani ukuba amqaqe. USariya noLehi babebuhlungu base begula kakhulu. Isiphepho asizange siphele.

1 Nefi 18:17–19

Isithombe
UNefi neLiyahona

Ngosuku lwesine, uLamani noLamuweli babazi ukuthi umkhumbi wawusuzocwila. Baguquka baphinde baqaqa uNefi. Ngenkathi uNefi ekhuleka, isiphepho sanqamuka. ILiyahona yayisisebenza futhi. UNefi wayisebenzisa ukuqondisa umkhumbi khona uzohamba indlela ekwiyona.

1 Nefi 18:14–15, 20–22

Isithombe
imindeni ishiya umkhumbi noLehi ekhuleka

Emva kwezinsuku eziningi, imindeni yafinyelela ezweni lesithembiso.

1 Nefi 18:23