Scripture Stories
Abesifazane Ehlane


“Abesifazane Ehlane,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

1 Nefi 16–17

Abesifazane Ehlane

Ukuhamba neNkosi

Isithombe
abesifazane besebenza

Amadodakazi ka-Ishmayeli ahamba nomndeni wawo ehlane. Kwakungesilo uhambo olumnandi. Emva kwesikhashana, bagana amadodana kaLehi noSariya.

1 Nefi 16:7; 17:1

Isithombe
amadodakazi edangele eduze kwethuna lika-Ishmayeli

Ngolunye usuku, u-Ishmayeli wafa. Amadodakazi akhe ayedangele kakhulu. Ayekhumbula uBaba wabo. Amadodakazi ayekhathazekile ukuthi wona nemindeni yawo bangase bafele ehlane nabo. Babecasukele uLehi noNefi, futhi babefuna ukuphindela ekhaya eJerusalema.

1 Nefi 16:34–36

Isithombe
Izelamani ziduduzana

Izwi leNkosi lakhuluma namadodakazi ka-Ishmayeli nemindeni yawo. Baphenduka, futhi iNkosi yababusisa.

1 Nefi 16:39

Isithombe
USariya nabantwana abancane

Abesifazane babanabantwana ehlane. USariya waphinde wathola amadodana amabili futhi, uJakobe noJosefa.

1 Nefi 17:1; 18:7

Isithombe
Imindeni ihamba

INkosi yabasiza abesifazane ohambweni lwabo. Yababusisa ngobisi oluningi lwabantwana babo. Wasiza abesifazane ukuba babenamandla ngesikhathi behamba.

1 Nefi 17:1–3

Isithombe
umama nabantwana etendeni

INkosi yathi Yayihola amadodakazi nemindeni yawo ukuya ezweni lesethembiso. INkosi yathembisa imindeni ukuba izoba nakhokonke ekudingayo ngesikhathi ihamba. Yenza ukudla ababekuzingela ukuba kulungele ukudliwa, futhi Wabeluleka.

1 Nephi 17:3, 5, 12–14

Isithombe
Imindeni osebeni

Emva kweminyaka eyisishiyagalombili ehlane, imindeni yafika olwandle. Abesifazane bathokoza nemindeni yabo. Umhlaba ongasolwandle wawumuhle. Bawubiza ngeNala ngenxa yezithelo noju olwalungadliwa. INkosi yayibalungisele kona konke.

1 Nefi 17:4–6