Scripture Stories
ILiyahona noMnsalo Ophukile


“ILiyahona noMnsalo Ophukile,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

1 Nefi 16

ILiyahona noMnsalo Ophukile

Ukufuna usizo lweNkosi

Isithombe
imindeni ihleli eduze komlilo wekamu

Imindeni kaLehi no-Ishmayeli yahamba ehlane iminyaka eminingi. INkosi yabaholela ezingxenyeni ezingcono zomhlaba. Kwakumele bazingele futhi baqoqe ukudla endleleni. Kwakungesilo uhambo olumnandi.

1 Nefi 16:14; 17:1, 4

Isithombe
ULehi ebuka ukuphuma kwelanga

INkosi yathembisa ukuholela lemindeni emhlabeni omuhle uma igcina imiyalelo yayo. Babengazi ukuthi bazowuthola kanjani lomhlaba, kepha Yayizobahola.

1 Nefi 2:20; 10:13; 17:13–14

Isithombe
ULehi ebambe iLiyahona

Ngolunye usuku ekuseni, uLehi wamangala ukuthola ibhola lethusi ngaphandle kwetende lakhe. Lelibhola lalibizwa ngeLiyahona. Ngaphakathi kweLiyahona, kwakunomcibisholo owawukhomba indlela ekwakumele ihanjwe yileliqoqo. Ngesinye isikhathi babethola imilayezo ebhaliwe eyayiphuma eNkosini. Iyona ndlela iNkosi eyayibaluleka ngayo.

1 Nefi 16:10, 16, 26–29; Alima 37:38

Isithombe
UNefi nomnsalo ophukile kanye noLamani noLamuweli bekhononda

Ngolunye usuku ngenkathi uNefi ezingela, umnsalo wakhe wensimbi waphuka. Imindeni yayingeke ikwazi ukuthola ukudla ngaphandle kwawo. Abafowabo baNefi babethukuthelele yena kanye neNkosi.

1 Nefi 16:18–21

Isithombe
UNefi ebambe umnsalo ophukile noLehi ecasukile

Bonke babekhathele futhi belambile. Abanye babedangele futhi bakhononda. Babesaba ukuthi bazolamba. Ngisho noLehi wakhononda eNkosini.

1 Nefi 16:19–22, 35

Isithombe
UNefi ebambe isando nesixhokolo

UNefi wenza umnsalo nomcibisholo omusha ngokhuni. Wayenokholo lokuthi iNkosi yayizomusiza ukuba athole ukudla.

1 Nefi 16:23

Isithombe
ULehi noNefi bebheke iLiyahona

UNefi wabuza uLehi ukuba angaya kuphi na ukuyozingela. ULehi wayezisola ngokuthi wayekade ekhononda. ULehi waphenduka futhi wacela iNkosi ukuba imusize. INkosi yatshela uLehi ukuba abheke iLiyahona. Kwakunomyalezo owawubhaliwe kuyona. Imindeni yafunda ukuba iLiyahona isebenza kuphela uma benethemba eNkosini futhi belandela imiyalelo.

1 Nefi 16:23–29

Isithombe
Umndeni kaLehi ubheke uNefi ethwele isilwane asizingelile

Ngesinye isikhathi iNkosi yayiwushintsha umyalezo owawukade ukwiLiyahona ukuba basizakale ohanjweni lwabo. ILiyahona yasiza uNefi ukuba azi ukuba azingele kuphi. Wabuya nokudla okwakuzodliwa, futhi bonke babejabulile. Baphenduka futhi babonga iNkosi.

1 Nefi 16:28–32