Scripture Stories
USariya


“USariya,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

“USariya,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

1 Nefi 2–3; 5

USariya

Uhambo lokholo lowesifazane

Isithombe
USariya noLehi

USariya wayehlala eJerusalema nomndeni wakhe. Umyeni wakhe, uLehi, wayengumprofethi kaNkulunkulu. Ngolunye usuku, iNkosi yatshela uLehi ukuba ahambe eJerusalema nomndeni wakhe.

1 Nefi 2:1–3

Isithombe
USariya ekhuleka

USariya wayenokholo eNkosini. Yena nomndeni wakhe bashiya ikhaya labo. Bashiya igolide nesiliva labo ukuba bahambe noLehi baye ehlane.

1 Nephi 2:4–5

Isithombe
USariya ehlane

USariya noLehi bathatha ukudla nezinye izinto ababezidinga. Emva kokuhamba izinsuku babeka amatende ukuba bahlale ehlane. Base bakha i-altare futhi babonga iNkosi ngosizo Lwayo.

1 Nefi 2:4, 6–7, 15

Isithombe
USariya ekhathazekile noLehi ekudeni

Ngolunye usuku iNkosi yacela amadodana kaSariya noLehi ukuba aye eJerusalema ukuyothola izingcwephe zethusi. USariya wayesaba ngesikhathi amadodana akhe engabuyi. Wayecabanga ukuthi afile. ULehi wamududuza uSariya. Bakhetha ukwethemba ukuba iNkosi izowavikela amadodana abo.

1 Nefi 3:1–2, 4–6; 5:1–6

Isithombe
USariya noLehi bemukela amadodana abo.

USariya wayegcwele intokozo ngesikhathi amadodana akhe ebuya eJerusalema. Wayesazi okwangempela ukuthi iNkosi yabavikela. Wathemba ukuthi iNkosi yayizobanika amandla okwenza lokhu Eyakucela. Umndeni kaSariya wonke wawujabulile, futhi bayibonga iNkosi.

1 Nefi 5:7–9