Scripture Stories
U-Alima oMncane


“U-Alima oMncane,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“U-Alima oMncane,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

Mosiya 25–28; Alima 36

U-Alima oMncane

Ushintsho olukhulu

Isithombe
UMosiya no-Alima Omdala

INkosi uMosiya yanikeza u-Alima amandla okuhola iBandla laseZarahemla. U-Alima wafundisa abantu ukuba baguquke, futhi bathembe uNkulunkuku.

Mosiya 25:19–24; 26

Isithombe
U-Alima oMncane

U-Alima wayenendodana nayo eyayibizwa ngokuthi u-Alima. U-Alima oMncane wayengakholelwa kulokhu okwakufundiswa ngubaba wakhe.

Mosiya 27:8

Isithombe
U-Alima oMncane namadodana kaMosiya baphinde bekhuluma nabantu

UMosiya wayenamadodana nawo ayengakholelwa eNkosini. Babengabangani ba-Alima oMncane. Bonke babefuna abantu beshiye iBandla. U-Alima namadodana kaMosiya baholela abantu ukuba benze izinto ezaziphambene nemiyalelo kaNkulunkulu.

Mosiya 27:9–10; Alima 36:6

Isithombe
U-Alima oMncane namadodana kaMosiya besaba ingelosi

Ngolunye usuku, iNkosi yathumela ingelosi ukuba ibavimbe. Ingelosi yabatshela ukuba bayeke ukuzama ukubhidliza iBandla. U-Alima namadodana kaMosiya basaba ngendlela yokuthi bawela phansi.

Mosiya 27:11–18; Alima 36:6–9

Isithombe
U-Alima oMncane esezinhlungwini

U-Alima wayengakwazi ukukhuluma noma ukunyakaza izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Wayephatheke kabi kakhulu ngenxa yazozonke izinto ezimbi ayekade ezenza. Wayekhathazekile futhi ngoba waholela abantu abaningi kude neNkosi.

Mosiya 27:19; Alima 36:10–16

Isithombe
U-Alima oMncane eguqile

U-Alima wezwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yezono zakhe. Wasekhumbula ubaba wakhe ekhuluma ngoJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Alima 36:17

Isithombe
U-Alima oMncane ejabule

U-Alima wakhuleka ukuba uJesu amuthethelele. Emveni kokukhuleka, wayengasazikhumbuli izinhlungu zakhe. Wayazi ukuthi iNkosi yayimthethelele. Wayengasazizwa kabi ngezono zakhe. Kunalokho, wayezizwa ejabulile.

Mosiya 27:24, 28–29; Alima 36:18–22

Isithombe
U-Alima oMncane namadodana kaMosiya besiza umuntu.

U-Alima wabuyelwa amandla. Yena namadodana kaMosiya banquma ukuphenduka nokuzama ukulungisa bonke ubuhlungu ababekubangile. Basebenzela iNkosi kusukela ngalesiyaskhathi kuya phambili ngokusiza abanye baguquke. Bahamba lonke izwe elalibuswa nguMosiya futhi bafundisa abantu ngoJesu.

Mosiya 27:20–24, 32–37; Alima 36:23–26

Isithombe
amadodana kaMosiya ehamba

U-Alima namadodana kaMosiya babefuna ukwabelana ngenjabulo eyalethwa izimfundiso zikaJesu ezimpilweni zabo. Basebenza kanzima ukusiza iNkosi nabantu. Amadodana kaMosiya akhetha ukuhamba ayofundisa amaLamani mayelana noJesu. U-Alima wakhetha ukuhlala aqhubeke nokufundisa amaNefi.

Mosiya 27:32–37; 28:1–10; 29:42–43