Scripture Stories
INkosi uNowa neNkosi uLimihi


“INkosi uNowa neNkosi uLimihi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

UMosiya 19–22

INkosi uNowa neNkosi uLimihi

Ukuphunyuka kumaLamani

Isithombe
UGidiyoni uphethe inkemba futhi umi eduze kombhoshongo, futhi uNowa usembhoshongweni futhi ukhomba ibutho lamaLamani

INkosi uNowa yabusa iqembu lamaNefi. Wenza izinto eziningi ezimbi, futhi abanye abantu bamthukuthelela. Indoda okuthiwa uGidiyoni yalwa noNowa ngenkemba. UNowa wabaleka wagibela umbhoshongo. Esembhoshongweni, wabona ibutho lamaLamani liza. UNowa wenza sengathi wesabela abantu bakhe, ngakho uGidiyoni wamyeka ukuba aphile.

UMosiya 11:1–2; 19:2–8

Isithombe
UNowa uyabaleka, futhi abantu bakaNowa bayesaba

UNowa nabantu bakhe babaleka. Kodwa amaLamani abalandela futhi aqala ukubahlasela. UNowa watshela amadoda ukuba ashiye imindeni yawo ahambe naye.

UMosiya 19:9–11

Isithombe
ULimihi, uGidiyoni, kanye namanye amaNefi babhekana nebutho lamaLamani

Amanye amadoda ahamba noNowa. Kepha amadoda amaningi akhetha ukuhlala nemindeni yawo. Indodana kaNowa uLimihi nayo yakhetha ukuhlala.

UMosiya 19:12, 16–17

Isithombe
abesifazane bema phambi kukaLimihi kanye namanye amaNefi

Amadodakazi amaningi ema phambi kwebutho futhi acela amaLamani ukuthi angayilimazi imindeni yawo. AmaLamani alalela amadodakazi futhi avumela amaNefi ukuba aphile. Esikhundleni salokho, amaLamani athumba amaNefi.

UMosiya 19:13–15

Isithombe
UNowa namadoda akhe bathukuthelelana

Amadoda abaleka ayefuna ukubuyela emindenini yabo. Unowa wazama ukubavimba, ngakho amadoda ambulala. Emva kwalokho babuyela emuva emindenini yabo.

UMosiya 19:18–22

Isithombe
amadoda amaNefi abingelela imindeni yawo kanye noGidiyoni

Amadoda ajabula kakhulu ngokuthi imindeni yawo iphephile. Batshela uGidiyoni okwenzeka kuNowa.

UMosiya 19:22–24

Isithombe
ULimihi unikeza amaLamani ukudla nezilwane

Abantu bakhetha uLimihi ukuba abe inkosi yabo entsha. ULimihi wathembisa inkosi yamaLamani ukuthi bazokhokhela amaLamani ingxenye yakho konke abanakho. Ngokubuyisela, inkosi yamaLamani yathembisa ukuthi ngeke ilimaze abantu bakaLimihi.

UMosiya 19:25–27

Isithombe
ULimihi kanye nomkakhe babukeka bedangele, futhi amaNefi amaningi alimele

Baphile ngokuthula iminyaka eminingana. Ngemva kwalokho amaLamani aqala ukuphatha kabi abantu bakaLimihi. Abantu babefuna ukukhuleka futhi. Bazama ukulwa namaLamani, kodwa bahlulwa. Abantu bakhulekela kuNkulunkulu becela usizo.

UMosiya 19:29; 21:1–15

Isithombe
ULimihi kanye no-Amoni bayakhuluma

Ngolunye usuku, umNefi ogama lakhe lingu-Amoni wavakashela uLimihi nabantu bakhe. U-Amoni wayevela ezweni elibizwa ngokuthi iZarahelma. ULimihi wajabula ukubabona u-Amoni.

UMosiya 21:22–24

Isithombe
UGidiyoni, uLimihi, u-Amoni, kanye namanye amaNefi bayakhuluma

U-Amoni wayengabaholela abantu bakaLimhi abayise eZarahemla, kodwa kwakudingeka babaleke kumaLamani kuqala. UGidiyoni wayenecebo.

UMosiya 21:36; 22:1–9, 11

Isithombe
Onogada bamaLamani bayalala, futhi amaNefi ayalishiya idolobha

Ebusuku, uGidiyoni wanika onogada bamaLamani iwayini elengeziwe ukuze balale. Ngesikhathi onogada besalele, uLimhi kanye nabo bonke abantu bakhe babaleka edolobheni.

UMosiya 22:7, 10–12

Isithombe
INkosi uMosiya kanye nabantu bakhe bamukela uLimhi kanye nabantu bakhe

Baya eZarahemla futhi bazihlanganisa namaNefi lapho. ULimihi kanye nabantu bakhe bafunda okwengeziwe ngoNkulunkulu. Benza isivumelwano, noma isithembiso esikhethekile, sokukhonza uNkulunkulu futhi bagcine imiyalelo Yakhe. Babhabhadiswa futhi baba ingxenye yeBandla likaNkulunkulu. Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu wabasiza ukuba baphunyuke kumaLamani.

UMosiya 21:32–35; 22:13–14; 25:16–18