Scripture Stories
U-Enoshe


“U-Enoshe,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“U-Enoshe,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

Enoshe 1

U-Enoshe

Umkhuleko onamandla eNkosini

Isithombe
U-Enoshe ezingela

UJakobe wanikeza indodana yakhe u-Enoshe izingcwephe. U-Enoshe wabhala kuzona njengoba uJakobe enza. Ngolunye usuku, u-Enoshe wahamba wayozingela ehlathini. Wakhumbula lokhu ubaba wakhe akufundisa mayelana neNkosi. UJakobe wayekade efundise u-Enoshe ukuthi ukulandela iNkosi kwakuzomulethela intokozo.

Jakobe 7:27; Enoshe 1:2–3

Isithombe
U-Enoshe ekhuleka emini.

U-Enoshe wayefuna ukuzwa lentokozo ubaba wakhe ayekhuluma ngayo. Wanquma ukukhuleka eNkosini. Wakhuleka usuku lonke kwaze kaba yisebusuku.

Enoshe 1:3–4

Isithombe
U-Enoshe ebheke phezulu

INkosi yatshela u-Enoshe ukuthi izono zakhe zithethelelwe. U-Enoshe wazizwa ejabule kakhulu. U-Enoshe wayebusisekile ngenxa yokholo lwakhe kuJesu Kristu.

Enoshe 1:3, 5–8

Isithombe
U-Enoshe ekhuleka ebsuku

U-Enoshe wayefuna amaNefi ayizwe lenjabulo nawo. Waqhubeka wakhuleka. Wacela iNkosi ukuba amaNefi azwe intokozo efanayo.

Enoshe 1:9

Isithombe
U-Enoshe ebukeka ejabulile

INkosi Yatshela u-Enoshe ukuthi Yayizoba namaNefi uma egcina imiyalelo Yayo. Ngenkathi u-Enoshe ezwa lokhu, ukholo lwakhe eNkosini lwabanamandla kakhulu.

Enoshe 1:10–11

Isithombe
U-Enoshe ebhala ezingcwepheni zegolide

U-Enoshe wakhuleka futhi. Wacela iNkosi ukuba ibusise amaLamani futhi igcine imibhalo esezingcwepheni iphephile. Wayefuna amaLamani ukuba akwazi ukufunda izingcwephe futhi akholelwe eNkosini. INkosi yathembisa u-Enoshe ukuthi amaLamani ayezoyifunda imibhalo ngolunye usuku.

Enoshe 1:11–17