“INkosi uBenjamini,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
INkosi uBenjamini
Ukusebenzela abantu noNkulunkulu
INkosi uBenjamini yayingumprofethi owayebusa eZarahemla. Yasebenza kanzima ukusebenzela abantu bayo nokubafundisa ngoNkulunkulu. Ngosizo lwabanye abaprofethi baNkulunkulu, uBenjamini wenza iZarahemla yaba indawo yokuhlala enokuthula futhi ephephile.
Amazwi kaMormoni 1:17–18; Mosiya 1:1–7
UBenjamini wakhula wabamdala. Wacela indodana yakhe uMosiya ukuba iqoqe abantu ndawonye. UBenjamini wayefuna ukubatshela ukuthi uMosiya wayezokuba inkosi yabo entsha.
Abantu abaningi beza bevela kulo lonke izwekazi. Bamisa amatende abo eduze nethempeli ukuba balalele uBenjamini.
UBenjamini wakhuluma phezulu kombhoshongo ukuze abantu abaningi bakwazi ukumuzwa. UBenjamini wathi uNkulunkulu wamusiza ukuba abahole. Njengenkosi, wabafundisa ukuba balalele imiyalelo kaNkulunkulu. Akazange athathe imali yabo noma abenze ukuba basebenzele yena. Kunalokho, wasebenzela abantu bakhe noNkulunkulu.
UBenjamini watshela abantu ukuthi uma besebenzelana, babesebenzela noNkulunkulu. Wase ebatshela ukuthi yonke into abanayo yayiphuma kuNkulunkulu. Ngokubuyisela, uNkulunkulu wayecela ukuba bagcine imiyalelo Yakhe. Lapho belalela, uNkulunkulu wabengezela izibusiso.
UBenjamini wabatshela ukuthi wayengeke esakwazi ukuba inkosi noma umfundisi wabo. Indodana yakhe uMosiya yayizokuba inkosi yabo entsha.
UBenjamini wabe etshela abantu bakhe ukuthi wavakashelwa ingelosi. Ingelosi yathi Indodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yayizofika emhlabeni. Yayizokwenza izimangaliso futhi yelaphe abantu. Yayizozwa ubuhlungu futhi ife khona izosindisa bonke abantu. UBenjamini wafundisa ukuthi uJesu wayezoxolela wonke umuntu owayekholelwa Kuye bese eyaphenduka.
Abantu bakholelwa kulokhu uBenjamini ayebafundisa mayelana noJesu. Babazi ukuthi babedinga ukuphenduka. Bonke abantu bakhuleka futhi bacela uNkulunkulu ukuba abathethelele. Emveni kokuba bekhulekile, uMoya kaNkulunkulu wawunabo. Bazizwa bejabulile futhi babazi ukuthi uNkulunkulu wabathethelela ngenxa yokholo lwabo kuJesu Kristu.
Abantu bazizwa behlukile futhi bebasha ngaphakathi ngenxa yokholo ababenalo kuJesu. Manje babefuna ukwenza izinto ezinhle njalo. Benza isethembiso sokulandela imiyalelo kaNkulunkulu izimpilo zabo zonke. Ngoba babekholelwa kuJesu futhi benza lesisethembiso, babebizwa ngabantu baJesu.