Izindaba zeMibhalo eNgcwele
USamuweli uMprofethi


“USamuweli uMprofethi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

Helamani 13–16

USamuweli uMprofethi

Efundisa mayelana nokuzalwa nokufa kukaJesu

AmaNefi axosha uSamuweli edolobheni

Umprofethi ongumLamani ogama lakhe linguSamuweli waya ukuyofundisa amaNefi eZarahemla. Wafundisa ngokuphenduka. AmaNefi ayengafuni ukulalela futhi amxosha waphuma edolobheni.

Helamani 13:1–2

Samuweli uyathandaza

USamuweli wayesezobuyela kubantu bakhe. Kodwa iNkosi yamtshela ukuthi abuyele ukuyowafundisa amaNefi.

Helamani 13:2–3

USamuweli uma ngaphandle kwedolobha futhi ulibukela phezulu.

INkosi yatshela uSamuweli ukuthi iyakumtshela okumele akusho. USamuweli wayilalela iNkosi. Wabuyela eZarahemla. Kodwa amaNefi ayengafuni angene edolobheni.

Helamani 13:3–4

USamuweli uma odongweni ledolobha futhi ukhuluma neqembu labantu elikhulu

USamuweli wagibela udonga lwedolobha. Washo izinto ezazifakwe iNkosi enhliziweni yakhe. Waxwayisa abantu ukuthi babezobhujiswa ngoba babenza izinto ezimbi. Wathi ukuphenduka nokholo kuJesu Kristu kuphela okwakungabasindisa. Wathi uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wayezozalwa eminyakeni emhlanu.

Helamani 13:4–11; 14: 2,8, 12–18

USamuweli uma odongweni lwedolobha futhi uyakhuluma, futhi kunesithombe eceleni kwakhe sikaJesu esengumntwana, uMariya, noJosefa

USamuweli wathi kuyoba nezimpawu zokuzalwa kukaJesu. Watshela abantu ukuba babheke izimpawu. Olunye lwazo kwakuyoba ubusuku obungenabo umnyama. Ezinye zezimpawu wukuthi kwakuyoba khona inkanyezi entsha nezinto eziningi ezimangalisayo zaziyovela esibhakabhakeni.

Helamani 14:3–7

USamuweli uyakhuluma, futhi kukhona eceleni kwakhe isithombe sikaMsindisi ovuke ekufeni ekhuluma noMariya Magdalena ngaphandle kwethuna Lakhe.

USamuweli wayefuna abantu ukuba babe nokholo kuJesu. Wathi uJesu wayezokufa futhi avuke ekufeni ukuze abantu bonke basindiswe uma bephenduka.

Helamani 14:8; 12–18

USamuweli uyakhuluma, futhi isithombe sedolobha elimnyama singemuva kwakhe

USamuweli uthi kuyoba nezimpawu zokufa kukaJesu. Abantu bayongaliboni ilanga, inyanga, noma izinkanyezi. Akuyikuba bikho ukukhanya izinsuku ezintathu.

Helamani 14:20, 27

USamuweli uyakhuluma, futhi kunesithombe sedolobha eceleni kwakhe livutha nombani ulishaya.

Kuyoba nokuduma nombani. Ukuzamazama komhlaba kuyakufika, namadolobha ayakubhubha.

Helamani 14:21–27

USamuweli uma odongweni lwedolobha, iqembu labantu abadiniwe ngaphansi lizama ukumshaya ngemicibisholo nangamatshe, kodwa akukho okumtholayo uSamuweli.

Abanye abantu bamkholwa uSamuweli, kodwa iningi lamaNefi lalimdinelwe. Baphosa amatshe futhi badubula imicibisholo iya kuye. INkosi yamvikela uSamuweli lapho emi odongweni. Akukho matshe namicibisho eyamshaya.

Helamani 16:1–2

Abanye abantu bayathandaza futhi babukeka bekhathazekile, abanye abantu badiniwe, futhi uSamuweli uyahamba

Lapho kungekho owayengakwazi ukumshaya uSamuweli, abanye abaningi bakholelwa emazwini akhe. Kepha iningi labantu lalisadiniwe. Bazama ukumthatha bambophe uSamuweli. USamuweli wabaleka waya ekhaya. Waqhubeka nokubafundisa abantu bakhe.

Helamani 16:3, 6–8

Umprofethi ogama lakhe linguNefi ukhuluma nabantu eduze komfudlana.

AmaNefi lawo akholwa uSamuweli aphenduka futhi abhabhadisiwa ngumprofethi uNefi. Bakholelwa kuJesu futhi babheka izimpawu zokuZalwa kukaJesu uSamuweli ayebatshele ngazo.

Helamani 16:1,3–5; 3 Nefi 1: 8