“USamuweli uMprofethi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
USamuweli uMprofethi
Efundisa mayelana nokuzalwa nokufa kukaJesu
Umprofethi ongumLamani ogama lakhe linguSamuweli waya ukuyofundisa amaNefi eZarahemla. Wafundisa ngokuphenduka. AmaNefi ayengafuni ukulalela futhi amxosha waphuma edolobheni.
USamuweli wayesezobuyela kubantu bakhe. Kodwa iNkosi yamtshela ukuthi abuyele ukuyowafundisa amaNefi.
INkosi yatshela uSamuweli ukuthi iyakumtshela okumele akusho. USamuweli wayilalela iNkosi. Wabuyela eZarahemla. Kodwa amaNefi ayengafuni angene edolobheni.
USamuweli wagibela udonga lwedolobha. Washo izinto ezazifakwe iNkosi enhliziweni yakhe. Waxwayisa abantu ukuthi babezobhujiswa ngoba babenza izinto ezimbi. Wathi ukuphenduka nokholo kuJesu Kristu kuphela okwakungabasindisa. Wathi uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wayezozalwa eminyakeni emhlanu.
Helamani 13:4–11; 14: 2,8, 12–18
USamuweli wathi kuyoba nezimpawu zokuzalwa kukaJesu. Watshela abantu ukuba babheke izimpawu. Olunye lwazo kwakuyoba ubusuku obungenabo umnyama. Ezinye zezimpawu wukuthi kwakuyoba khona inkanyezi entsha nezinto eziningi ezimangalisayo zaziyovela esibhakabhakeni.
USamuweli wayefuna abantu ukuba babe nokholo kuJesu. Wathi uJesu wayezokufa futhi avuke ekufeni ukuze abantu bonke basindiswe uma bephenduka.
USamuweli uthi kuyoba nezimpawu zokufa kukaJesu. Abantu bayongaliboni ilanga, inyanga, noma izinkanyezi. Akuyikuba bikho ukukhanya izinsuku ezintathu.
Kuyoba nokuduma nombani. Ukuzamazama komhlaba kuyakufika, namadolobha ayakubhubha.
Abanye abantu bamkholwa uSamuweli, kodwa iningi lamaNefi lalimdinelwe. Baphosa amatshe futhi badubula imicibisholo iya kuye. INkosi yamvikela uSamuweli lapho emi odongweni. Akukho matshe namicibisho eyamshaya.
Lapho kungekho owayengakwazi ukumshaya uSamuweli, abanye abaningi bakholelwa emazwini akhe. Kepha iningi labantu lalisadiniwe. Bazama ukumthatha bambophe uSamuweli. USamuweli wabaleka waya ekhaya. Waqhubeka nokubafundisa abantu bakhe.
AmaNefi lawo akholwa uSamuweli aphenduka futhi abhabhadisiwa ngumprofethi uNefi. Bakholelwa kuJesu futhi babheka izimpawu zokuZalwa kukaJesu uSamuweli ayebatshele ngazo.