Scripture Stories
IZelamani uNefi noLehi


“IZelamani uNefi noLehi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

UHelamani 3–6

IZelamani uNefi noLehi

Bezwa izwi elivela ezulwini

Isithombe
izelamani uNefi kanye noLehi bafundisa abantu, futhi ibutho lamaLamani liseduze

UNefi kanye noLehi babeyizelamani ezifuna wonke umuntu azi ngevangeli likaJesu Kristu. AmaNefi namaLamani ayesempini, kodwa izelamani zazisafundisa abantu bawo womabili amaqembu. Ngolunye usuku behamba beyofundisa abantu, ibutho lamaLamani labafaka ejele.

UHelamani 3:20–21, 37; 4:4–5, 14; 5:4–21

Isithombe
Ibutho lamaLamani lihamba libheke ejele elinoNefi noLehi

Ezinsukwini eziningi kamuva, ibutho leza ejele ukuzobulala uNefi kanye noLehi.

UHelamani 5:22

Isithombe
isiyingi somlilo nokukhanya kuvikela uNefi kanye noLehi, amasosha awela phansi, bese kuvela ifu elimnyama

Ngaphambi kokuba noma ubani elimaze uNefi noLehi, kwavela isiyingi somlilo sibazungezile. Umlilo awuzange ubashise. Kunalokho, uNkulunkulu wabagcina bephephile. Khona-ke umhlaba wazamazama. Kwaba sengathi izindonga zasejele zizowa. Ngokushesha, ifu elimnyama lamboza wonke umuntu ejele. Abantu babethukile kakhulu.

UHelamani 5:23–28

Isithombe
abantu abami phakathi kwefu elimnyama babheke emsebeni wokukhanya

Kwaqhamuka izwi phezu kwefu elimnyama. Lalithuli, njengokuhleba, kepha abantu belizwa ezinhliziyweni zabo. Kwakuyizwi likaNkulunkulu. UNkulunkulu wabatshela ukuba baphenduke.

UHelamani 5:29–30, 46–47

Isithombe
amadoda nabesifazane babheka phezulu phakathi kwamafu amnyama

Umhlaba kanye nejele kwazamazama kakhulu. Izwi laphinda futhi latshela abantu ukuba baphenduke. Abantu abakwazanga ukunyakaza ngenxa yefu nokwesaba kwabo.

UHelamani 5:31–34

Isithombe
U-Aminadaba ukhomba uNefi kanye noLehi, abakhazimulayo futhi babheke phezulu

Indoda eyodwa esixukwini kwakungu-Aminadaba. Wake waba ngoweBandla likaNkulunkulu. Wabona ukuthi ubuso bukaNefi kanye noLehi baqala ukukhanya ngokugqamile. Babebukeka njengezingelosi. Kwakubonakala sengathi bakhuluma nothile ezulwini. U-Aminadaba watshela wonke umuntu ukuthi ababheke uNefi kanye noLehi.

UHelamani 5:35–39

Isithombe
amadoda nabesifazane babheka phezulu phakathi kwamafu amnyama bakhuleka

Abantu babuza u-Aminadaba ukuthi yini ababengayenza ukuze basuse ifu elimnyama. U-Aminadaba wabelana ngalokho ayekwazi ngoNkulunkulu noJesu. Watshela abantu ukuba baphenduke, babe nokholo kuJesu, futhi bakhuleke kuNkulunkulu. Abantu bamlalela u-Aminadaba. Bakhuleka kwaze kwaphela ubumnyama.

UHelamani 5:40–42

Isithombe
abantu bayakhuleka bezungezwe ukukhanya nomlilo

Umlilo ovela kuNkulunkulu wazungeza bonke abantu futhi awubashisanga. Abantu bagcwaliswa ngoMoya oNgcwele futhi bajabula kakhulu. Basho izinto ezimangalisayo. Labuya izwi futhi. Labatshela ukuba babe nokuthula ngenxa yokholo lwabo kuJesu. Izingelosi zafika zavakashela abantu.

UHelamani 5:43–49

Isithombe
UNefi kanye noLehi bayaphuma ejele, futhi abantu bayabuka

UNefi, uLehi, kanye nabo bonke abantu baphuma ejele. Batshela abantu abaningi ezweni lonke lokho ababekubonile nabakuzwile ngalolo suku. Iningi lamaLamani lakholwa futhi lakhetha ukulandela uJesu. Bayeka ukulwa empini. Kunalokho, basiza abantu ukuba babenokholo kuJesu futhi baphenduke.

UHelamani 5:50–52; 6:1–6