Scripture Stories
U-Ishmayeli noMndeni Wakhe


“U-Ishmayeli noMndeni Wakhe,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

1 Nefi 7

U-Ishmayeli noMndeni Wakhe

Ukuzibandakanya ohambweni oluya ezweni lesethembiso

Isithombe
UNefi nabafowabo behamba bebheke ngasekushoneni kwelanga ngasemfuleni

Umndeni kaLehi noSariya wawuhlala wodwa ehlane. Ngolunye usuku, iNkosi yatshela uLehi ukuba athumele amadodana akhe, uLamani, uLamuweli, uSamu, kanye noNefi, ukuba baye eJerusalema. Bathunywa ukuba bacele u-Ishmayeli nomndeni wakhe ukuba bahlanganyele nabo. Ndawonye imindeni yabo yayingakhulisa abantwana ezweni lesethembiso.

1 Nefi 7:1–3

Isithombe
UNefi ekhuluma nomndeni ka-Ishmayeli

U-Ishmayeli nomndeni wakhe babefuna ukuyilandela iNkosi. Babekholelwa ekutheni iNkosi yayifuna ukuba bazibandakanye nomndeni kaLehi noSariya. Bakhetha ukushiya iJerusalema futhi bahlangane noLehi ehlane.

1 Nefi 7:4–5

Isithombe
ULamani noLamuweli bekhuluma

Endleleni yabo, kwabakhona abanye ababengasafuni ukulalela. Babefuna ukubuyela emuva ekhaya. UNefi wabacela ukuba babenokholo eNkosini.

1 Nefi 7:6–13

Isithombe
UNefi eboshelwe esihlahleni

UNefi wathi iNkosi ingenza nomayini uma bebanokholo. ULamani noLamuweli babethukuthele. Babopha uNefi base befuna ukumushiya ehlane.

1 Nefi 7:12, 16

Isithombe
Indodakazi ka-Ishmayeli ivikela uNefi

UNefi wakhulekela usizo. Izintambo zaqaqeka, futhi uNefi wasukuma. Kepha uLamani noLamuweli babesafuna ukumulimaza. Enye yamadodakazi ka-Ishmayeli yamuvikela uNefi. Umama wakhe kanye nomunye wabafowabo nabo bamuvikela. ULamani noLamuweli babalalela futhi bayeka ukuzama ukulimaza uNefi.

1 Nefi 7:17–19

Isithombe
ULamani noLamuweli beguqa phambi kukaNefi.

ULamani noLamuweli bashaywa ngunembeza ngezenzo zabo. Bacela uNefi ukuba abaxolele. UNefi wabaxolela abafowabo. ULamani noLamuweli base bekhuleka becela iNkosi ukuba ibaxolele.

1 Nefi 7:20–21

Isithombe
ULehi no-Ishmayeli bebheke imindeni yabo

Baqhubeka bonke nohambo lwabo baze bafika etendeni likaLehi noSariya. Ekugcineni, lemindeni emibili yayindawonye. Babonga iNkosi futhi baYidumisa.

1 Nefi 7:21–22