Scripture Stories
Okumayelana neNcwadi kaMormoni


“Okumayelana neNcwadi kaMormoni,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

Okumayelana neNcwadi kaMormoni

UJesu Kristu nabantu Bakhe emazweni aseMelika

Isithombe
UJesu ekukhanyeni kwezulu

INcwadi kaMormoni iwumbhalo ongcwele. Isifundisa mayelana neNkosi uJesu Kristu nokuvakasha Kwakhe emazweni aseMelika kudala. KwiNcwadi kaMormoni, singafunda ngevangeli likaJesu. Isifundisa ukuthi singaba kanjani nokuthula manje nokuthi singaphila kanjani noNkulunkulu kanye noJesu futhi ngelinye ilanga.

IBizo leKhasi leNcwadi kaMormoni; isingeniso seNcwadini kaMomoni; 3 Nefi 11

Isithombe
umprofethi nomama nabantwana

INcwadi kaMormoni yabhalwa ngabaprofethi. Bayibhala emakhasini ensimbi abizwa ngezingcwephe. Izindaba zabo nobufakazi babo buyasisiza ukuba sibe nethemba kuJesu. Babhala ngamaqoqo amaningi abantu ababehlala emazweni aseMelika kudala.

IBizo leKhasi leNcwadi kaMormoni; isingeniso seNcwadini kaMormoni

Isithombe
UNefi nomndeni emkhunjini

Iqoqo elinye lasuka eJerusalema laya emazweni aseMelika kucishe kube iminyaka eyama-600 ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu. Baba yizizwe ezimbili ezibizwa ngamaLamani kanye namaNefi.

Isingeniso seNcwadi kaMormoni; 1 Nefi 1:4

Isithombe
AmaJarede eshiya umbhoshongo

Ngaphambili kakhulu, elinye iqoqo lasuka kumBhoshongo waseBabele waya emazweni aseMelika. Lalibizwa ngamaJarede.

Isingeniso seNcwadi kaMormoni; Etere 1:33–43

Isithombe
USamuweli efundisa mayelana nokuzalwa kukaJesu.

Abaprofethi baNkulunkulu bafundisa abantu. Lapho abantu belalela futhi begcina imiyalelo kaNkulunkulu, Wabasiza. Abaprofethi bafundisa ngoJesu futhi basho ukuthi Uyozalelwa eJerusalema. AmaNefi namaLehi afunda ukuthi uJesu uyobavakashela emva kokufa Kwakhe.

2 Nefi 1:20; 25:12–14; 26:1, 3, 9; Mosiya 3:5–11; Alima 7:9–13; Helamani 3

Isithombe
UJesu ovukile kwabafileyo nabantwana

UJesu wafika njengoba abaprofethi babeshilo. Emveni kokuba uJesu ashone aphinde avuswe kwabafileyo, Wavakashela abantu. Wavumela umuntu ngamunye ukuba ezwe amanxeba ezipikili ezandleni nasezinyaweni Zakhe. Babazi ukuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu. Wafundisa ivangeli Lakhe, futhi abantu balibhala phansi. Bakhuluma ngokuvakasha kukaJesu iminyaka eminingi.

3 Nefi 11:7–15, 31–41; 16:4; 4 Nefi 1:1–6, 13–22

Isithombe
UMormoni nezingcwephe zegolide

UMormoni wayengumprofethi owaphila eminyakeni engamakhulu ambalwa emveni kokuvakasha kukaJesu. Ekuphileni kukaMormoni, abantu bayeka ukulandela iNkosi. UMormoni wayenemibhalo yabaprofethi abaphila ngaphambi kwakhe. Wafaka imibhalo yabo eminingi eqoqweni elilodwa lezingcwephe. Lezingcwephe zaba yiNcwadi kaMormoni.

Isingeniso seNcwadi kaMormoni; AmaZwi kaMormoni 1:2–9; Mormoni 1:2–4, 13–17

Isithombe
UMoroni egqiba izingcwephe zegolide

Ngaphambi kokuba uMormoni ashone, wanikeza indodana yakhe uMoroni izingcwephe. Ngesikhathi esaphila uMormoni, abantu babenza izinto ezimbi kakhulu. Babefuna ukubulala noma ubani owayekholelwa kuJesu. UMoroni wayefuna ukusiza abantu esikhathini esizayo, ngakho-ke wayengeza imibhalo ezingcwepheni bese wazigqiba ukuze ziphephe.

Isingeniso seNcwadi kaMormoni; AmaZwi kaMormoni 1:1–2; Mormoni 8:1–4, 14–16; Moroni 1

Isithombe
ingelosi uMoroni ivela kuJoseph Smith

Emveni kweminyaka eminingi, ngo-1823, uMoroni wavela eseyingelosi kumProfethi uJoseph Smith. UMoroni watshela uJoseph ukuthi zikuphi izingcwephe. Ngosizo lukaNkulunkulu, uJoseph wayihumusha imibhalo eyayisezingcwepheni.

Isingeniso seNcwadi kaMormoni; Joseph Smith—uMlando 1

Isithombe
Izelamani zifunda imbhalo engcwele

UNkulunkulu uthumela uMoya oNgcwele ukuba usisize ukuthi sazi uma into iyiqiniso. Uma ufunda iNcwadi kaMormoni, ungathandaza ubuze uNkulunkulu ukuthi iyiqiniso na. Ngendlela efanayo, ungazi ukuthi uJesu unguMsindisi wakho nokuthi Uyakuthanda.

Isingeniso seNcwadi kaMormoni; Moroni 10:3–5