ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 11


Isahluko 11

UJakobe wambona uMkhululi wakhe—Umthetho kaMose ufaniswa noKristu futhi uqinisekisa ukuthi Yena uzofika. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, auJakobe wakhuluma eziningi kakhulu izinto kubantu bami ngaleso sikhathi; nokho yilezi zinto kuphela engenze ukuthi zibhalwe, ngokuba izinto bengizibhalile ziyangenelisa.

2 Manje mina, Nefi, ngibhala okuningi okungamazwi aka-Isaya, ngokuba umphefumulo wami uyathokoza emazwini akhe. Ngokuba ngizobhekisa amazwi akhe kubantu bami, futhi ngizowathumela kubo bonke abantwana bami, ngokuba ngempela wambona buMkhululi wami, ngisho njengoba nami ngimbonile.

3 Futhi umfowethu, uJakobe, ngokunjalo naye aumbonile njengoba nami ngimbonile; ngalokho-ke, ngizowathumela amazwi abo kubo abantwana bami ukubaqinisekisa ukuthi amazwi ami ayiqiniso. Ngalokho-ke, ngamazwi babathathu, uNkulunkulu uthe, ngiyowamisa amazwi ami. Nokho, uNkulunkulu uthumela ofakazi abaningi, futhi uyawaqinisekisa amazwi akhe onke.

4 Bheka, umphefumulo wami uyathokoza aekuboniseni abantu bami iqiniso blokuza kukaKristu; ngokuba, ngalesi sizathu cumthetho kaMose unikeziwe; futhi zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu kusukela ekuqaleni komhlaba, ziya kumuntu, ziwuphawu lwakhe.

5 Futhi phezu kwalokho umphefumulo wami uyathokoza aezivumelwaneni zeNkosi ezenze kobaba bethu; yebo, umphefumulo wami uyathokoza kuso isihawu sakhe, kanye nasekulungeni kwakhe, kanye nasemandleni, kanye nasemseni omkhulu nesu laphakade lokukhululwa ekufeni.

6 Futhi umphefumulo wami uyathokoza ekuboniseni abantu bami ukuthi angaphandle kokuthi uKristu afike bonke abantu kufanele babhubhe.

7 Ngokuba uma aengekho uKristu ngeke abe khona uNkulunkulu; futhi uma engekho uNkulunkulu thina asikho, ngokuba beyingeke ibe khona bindalo. Kepha ukhona uNkulunkulu, futhi unguKristu, futhi uyofika ngokuphelela kwesikhathi sakhe.

8 Manje ngibhala amanye amazwi ka-Isaya, ukuze noma ngubani kubantu bami abayowabona lamazwi baphakamise izinhliziyo zabo futhi bajabule ngabantu bonke. Manje lawa ngamazwi, futhi ningawabhekisa kini futhi nakubo bonke abantu.