ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 19


Isahluko 19

U-Isaya ukhulumisa okukaMesiya—Abantu abasebumnyameni bazobona ukukhanya okukhulu—Sizalelwe umntwana—Uzokuba yiNkosi yokuThula futhi uzobusa esihlalweni sikaDavide—Qhathanisa no-Isaya 9. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Nokho, ukufiphala akuyikuba njengoba kwakunjalo ngesikhathi sezinkathazo zakhe, lapho ekuqaleni yathi ukulihlupha kancane izwe alakwaZebuloni, kanye nezwe lakwaNafetali, futhi emva kwalokho nempela yahlupha kakhulu endleleni eya oLwandle oluBomvu ngaphesheya kweJordani eGalile lezizwe.

2 Abantu ababehamba aebumnyameni bakubonile ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa, phezu kwabo ukukhanya kubakhanyisele.

3 Usandisile isizwe, futhi awandisa intokozo—bathokoza phambi kwakho njengentokozo yokuvuna, futhi nanjengentokozo yabantu uma babelana impango.

4 Ngokuba uliphulile ijoka lomthwalo wakhe, kanye nodondolo lwamahlombe akhe, nenduku yabacindezeli bakhe.

5 Ngokuba konke ukulwa kwebutho kunesiyaluyalu somsindo, futhi izingubo ziginqwe egazini; kepha lokhu kuyokuba nokuvutha kanye nokushisa komlilo.

6 Ngokuba sizalelwe aumntwana, siphiwe indodana; futhi bumbuso uyokuba semahlombe ayo; igama layo liyothiwa, nguSimangaliso, nguMeluleki, cnguNkulunkulu onaMandla, dnguBaba ongunaPhakade, iNkosi eyokuThula.

7 Ekukhuleni akombuso kanye nokuthula bakukho ukuphela, kubo ubukhosi bukaDavide, kanye nakuwo umbuso wakhe ukuba awuhlele, kanye nokuwuqinisa ngokwahlulela kanye nokulunga kusukela manje nasemva kwalokhu, ngisho ingunaphakade. Intshisekelo yeNkosi yamaBandla iyokwenza lokhu.

8 INkosi ithumele izwi layo kuJakobe futhi likhanyisile phezu akuka-Israyeli.

9 Futhi bonke abantu bayokwazi, ngisho nango-Efrayimi kanye nabantu baseSamariya, abathi ngokuziqhenya kanye nangokukhukhumala kwenhliziyo:

10 Izitini ziwe phansi, kepha siyokwakha ngamatshe aqoshiwe; imikhiwane igawuliwe, kepha siyoyishintsha ibe yimisedari.

11 Ngakho-ke iNkosi iyophakamisa izitha azikaResini ngokumelene naye, futhi ihlanganise izitha zakhe ndawonye;

12 AmaSiriya ngaphambili kanye namaFilisti ngasemuva; futhi abayomshwabadela u-Israyeli ngomlomo ovulekile. Ngokuba kukho konke lokhu bintukuthelo yakhe ayiphelile, kepha isandla sakhe siseluliwe namanje.

13 Ngokuba abantu aabaphendukeli kulowo obashayayo, noma bayifune iNkosi yamaBandla.

14 Ngakho-ke ngabe iNkosi iyonquma ku-Israyeli ikhanda kanye nomsila, igatsha kanye nekhwane ngosuku olulodwa.

15 Omdala, uyena oyinhloko; kuthi umphrofethi ofundisa amanga, ungumsila.

16 Ngokuba abaholi balaba bantu babenza ukuthi baduke; futhi labo abaholwa yibo bayabhujiswa.

17 Ngakho-ke iNkosi ayiyukuba nayo intokozo ngezinsizwa zabo, noma ibe anomusa kwabangenayise babo kanye nabafelokazi; ngokuba omunye nomunye wabo ungumzenzisi kanye nomenzi wobubi, futhi wonke umlomo ukhuluma bubuwula. Ngokuba kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayiphelile, kepha cisandla sakhe siseluliwe namanje.

18 Ngokuba ububi bushisa njengomlilo; buyoshwabadela amakhakhasi kanye nameva, futhi bokheleke emahlozini amahlathi, futhi bayokuba yintaba njengokukhuphuka kwentuthu.

19 Ngentukuthelo yeNkosi yamaBandla izwe lihwaqabele, futhi abantu bayokuba njengalokho kokuvuthisa umlilo; aakukho muntu oyosindisa umfowabo.

20 Futhi uyohlwitha ngesandla sokunene futhi alambe, futhi auyokudla ngesandla sokhohlo futhi abayikwaneliseka; bayokudla wonke umuntu inyama yengalo yakhe uqobo.

21 aUManase, bku-Efrayimi, kanye no-Efrayimi kuManase; bayohlanganyela cuJuda. Kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayiphelile, kodwa isandla sakhe siseluliwe namanje.