ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 16


Isahluko 16

U-Isaya ubona iNkosi—Izono zika-Isaya ziyathethelelwa—Ubizelwa ukuthi aphrofethe—Uphrofetha ngokuphikwa kwezimfundiso zikaKristu ngamaJuda—Insalela izobuya—Qhathanisa no-Isaya 6. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 aNgonyaka iNkosi u-Uziya eyafa ngawo, ngayibona iNkosi futhi ihlezi esihlalweni sayo sobukhosi, iphezulu iphakeme, bumsila wengubo wayo wawugcwalise ithempeli.

2 Ngaphezu kwaso kwakumi aamaserafi; yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, kwathi ngamabili landiza.

3 Elinye lamemeza kwelinye, lathi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi yamaBandla; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yayo.

4 aIzinsika zomnyango zanyakaza ngenxa yezwi lakhe lowo owayememeza, futhi indlu yagcwala intuthu.

5 Emva kwalokho ngathi: Maye kimi! Ngokuba angiphelile; Ngenxa yokuthi ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile; futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile; ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi, iNkosi yamaBandla.

6 Emva kwalokho elinye lamaserafi landizela kimi, liphethe aelivuthayo ilahle esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-altare;

7 Futhi lalibeka emlonyeni wami, lathi: Bheka, lokhu kuthinte izindebe zakho; aububi bakho bususiwe, nezono zakho zihlanziwe.

8 Phezu kwalokho ngezwa izwi leNkosi, lithi: Ngubani engiyomthuma, futhi ngubani oyosiyela na? Emva kwalokho ngathi: Nangu mina; thuma mina.

9 Futhi yathi: Hamba utshele laba bantu—Yizwani ngempela, kepha abazange baqonde; futhi bonani ngempela, kepha abazange babone.

10 Yenza inhliziyo yalaba bantu ikhuluphale, futhi wenze izindlebe zabo zibe nzima, futhi uvale amehlo abo—funa babone ngamehlo abo, futhi abezwe ngezindlebe zabo, futhi baqonde ngenhliziyo yabo, futhi baphenduke bese bephiliswa.

11 Emva kwalokho ngathi: Nkosi, kuze kube nini na? Futhi yathi: Kuze kuchithwe amadolobha kungabe kusaba bikho ohlalayo, futhi nezindlu zingabe zisaba namuntu, nezwe lichitheke nya.

12 Futhi iNkosi aibadedisele kude abantu, ngokuba kuyoba khona enkulu incithakalo phakathi ezweni.

13 Kepha ngisho namanje kuyoba khona ingxenye yeshumi, futhi bayobuya, futhi badliwe, njengesihlahla somtherebinte, nanjenge-oki esiqu sayo sikuwo lapho besusa amahlamvu ayo; ukuze inzalo engcwele ibe ayisiqu saso.

      • Okung. cishe ngonyaka wama 750 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

      • Okung. umphetho wengubo yayo.

      • HEB izisekelo zomnyango zazamazama.

      • HEB ngisusiwe; okung. wayephele amandla ngenxa yokwazi izono zakhe nezabantu bakubo.

      • Okung. wuphawu lokuhlanza.

      • Okung. Njengesihlahla, nakuba amaqabunga aso ehlakazeka, impilo isekhona kuso futhi sisengakwazi ukuveza imbewu.