ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 8


Isahluko 8

ULehi ubona umbono womuthi wokuphila—Udla isithelo sawo futhi ufisa umndeni wakhe ukuthi nawo wenze njalo—Ubona induku yensimbi, indlela eminyene nengumcingo, kanye nenkungu yobumnyama egubuzela abantu—USariya, uNefi, kanye noSamu badla isithelo, kodwa uLamani noLemuweli bayenqaba. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi sasesiqoqele ndawonye zonke izimbewu ezinhlobo-nhlobo, okwezinhlamvu ezinhlobo-nhlobo, kanye nokwembewu yezithelo ezinhlobo-nhlobo.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ubaba ehlezi ehlane wakhuluma kithi ethi: Bhekani, ngiphuphe iphupho; noma, ngamanye amazwi, ngibone umbono.

3 Futhi bhekani, ngenxa yento engiyibonile, nginesizathu sokuthokoza eNkosini ngenxa kaNefi futhi ngokunjalo noSamu; ngokuba nginesizathu sokucabanga ukuthi bona, futhi ngokunjalo nabaningi benzalo yabo, bayosindiswa.

4 Kepha bhekani, Lamani nawe Lemuweli, ngiyesaba kakhulu ngenxa yenu; ngokuba bhekani, sengathi ngibone ephusheni lami, ihlane elimnyama nelithule.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona indoda, futhi yayembethe ingubo emhlophe; futhi yeza kimi yema phambi kwami.

6 Futhi kwenzeka ukuthi yakhuluma kimi, futhi yangiyala ukuthi ngiyilandele.

7 Futhi kwenzeka ukuthi ngisayilandela ngazibona ukuthi ngisendaweni emnyama nethule lapho kungekho lutho oluphilayo.

8 Futhi ngemuva kokuthi sengihambe isikhathi eside ebumnyameni, ngaqala ukuthandaza eNkosini ukuthi ibe nomusa kimi, ngobukhulu besihawu sayo esimnene.

9 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuba sengithandazile eNkosini ngabona insimu enkulu futhi evulekile.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona isihlahla, isithelo saso esasithandeka kakhulu ukwenza umuntu ajabule.

11 Futhi kwenzeka ukuthi nempela ngaqhubekela phambili ngasidla isithelo leso; futhi ngabona ukuthi sasimnandi kakhulu, ngaphezu kwazo zonke engake ngazinambitha ngaphambili. Yebo, futhi ngabona ukuthi isithelo leso sasimhlophe, ukwedlula bonke ubumhlophe engake ngabubona.

12 Futhi ngesikhathi ngisidla lesi sithelo sawugcwalisa umphefumulo wami ngentokozo enkulu kakhulu; ngalokho-ke, ngaqala ukufisa ukuthi sengathi umndeni wami ungasidla nawo futhi; ngokuba ngangazi ukuthi sasithandeka ngaphezu kwazo zonke ezinye izithelo.

13 Futhi ngesikhathi ngiphonsa amehlo ami ngiqalaza ngapha nangapha, ukuze mhlawumbe ngibone umndeni wami futhi, ngabona umfula wamanzi; futhi ugobhoza, futhi useduzane nesihlahla leso engangidla isithelo kuso.

14 Futhi ngabheka ukuze ngithole ukuthi uqhamuka kuphi; futhi ngayibona inhloko yawo buqamamana; futhi khona lapho enhlokweni yawo ngabona umama wenu uSariya, kanye noSamu, kanye noNefi; futhi babemi sengathi abazi ukuthi kufanele baye ngakuphi.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngabaqhweba; futhi ngaphinda ngasho kubo ngezwi elikhulu ukuthi beze kimi, futhi bazodla isithelo, leso esasithandeka ngaphezu kwazo zonke ezinye izithelo.

16 Futhi kwenzeka ukuthi nempela beza kimi futhi nabo basidla isithelo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngaba nesifiso sokuthi uLamani noLemuweli beze nabo bazodla isithelo leso; ngalokho-ke, ngaphonsa amehlo ami ngasenhlokweni yomfula, ngicabanga ukuthi mhlawumbe ngizobabona nabo.

18 Futhi kwenzeka ukuthi ngababona, kodwa bona abavumanga ukuza kimi futhi bazodla isithelo.

19 Futhi ngabona induku yensimbi, futhi yayiqhubeka ngokulinganisene nosebe lomfula, futhi iholeleka esihlahleni leso engangimi ngakuso.

20 Futhi ngaphinde ngabona indlela eminyene engumcingo, eyayiza ngokulinganisana nenduku yensimbi, ngisho nasesihlahleni leso engangimi ngakuso; futhi phezu kalokho yaholeleka yaze yafika enhlokweni yomthombo, nakuleyo nsimu enkulu nevulekile, okungathi wumhlaba.

21 Futhi ngabona izixuku ezingabaleki zabantu, abaningi babo bephikelele phambili, ukuze bathole indlela leyo eholeleka esihlahleni leso engangimi ngakuso.

22 Futhi kwenzeka ukuthi baqhubekela phambili, futhi baqala bangena endleleni leyo eyayiholeleka esihlahleni.

23 Futhi kwenzeka ukuthi kwabe sekuvuka inkungu yobumnyama; yebo, ngisho enkulu kakhulu inkungu yobumnyama, kangangokuthi labo abase beyiqalile indlela yabadukela indlela yabo, kangangokuthi badwanguza futhi balahleka.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona abanye bephikelela phambili, futhi beza phambili baze balibamba ichopho lenduku yensimbi; futhi baphikelela phambili kuyo inkungu yobumnyama, bebambelele kuyo induku yensimbi, kwaze kwaba nempela beza ngaphambili bazodla isithelo sesihlahla leso.

25 Futhi emuva kokuthi sebesidlile isithelo sesihlahla baqalaza ngapha nangapha kungathi banamahloni.

26 Futhi ngaphinde ngaqalaza ngapha nangapha, futhi ngabona, ngaphesheya komfula wamanzi, isakhiwo esikhulu nesivulekile; futhi simi sengathi sisemoyeni, siphakeme ngaphezulu komhlaba.

27 Futhi sasigcwele abantu, abadala kanye nabancane, abesilisa nabesifazane; futhi indlela yabo yokugqoka yayisezingeni eliphezulu; futhi babesesimweni sokubhinqa futhi bekhomba ngeminwe yabo kulabo abase bezile esihlahleni futhi sebesidla isithelo.

28 Futhi emuva kokuthi sebesinambithile isithelo baba namahloni, ngenxa yalabo ababe baklolodela; futhi bawela ezindleleni ezingavunyelwe futhi balahleka.

29 Manje mina, Nefi, angiwakhulumi wonke amazwi kababa.

30 Kodwa, ukufingqa ekubhaleni, bheka, wabona ezinye izixuku ziphikelela phambili; zafika zalibamba ichopho lenduku yensimbi; futhi nempela zaphikelela nendlela yazo yokuya phambili, njalo-njalo zibambe ziqinisile endukwini yensimbi, zaze zafika zawa phansi zasidla isithelo sesihlahla.

31 Futhi waphinde wabona ezinye izixuku ziphumputha indlela yazo eya lapho kuleso sakhiwo esikhulu futhi esivulekile.

32 Futhi kwenzeka ukuthi abaningi baminza ekujuleni komfula wamanzi; futhi abaningi balahleka emehlweni akhe, bedwanguza emigwaqweni engaziwa.

33 Futhi sasisikhulu isixuku esangena kuleso sakhiwo esingejwayelekile. Futhi emuva kokuthi sesingene kuleso sakhiwo sangikhomba ngomunwe wokungiklolodela kanye nalabo ababedla isithelo futhi; kodwa thina asibanakanga.

34 Lawa ngamazwi kababa: Ngokuba ngobuningi balabo ababanakayo, bawa.

35 Futhi uLamani noLemuweli abasidlanga isithelo, kwasho ubaba.

36 Futhi kwenzeka ukuthi emuva kokuthi ubaba esewakhulumile wonke amazwi ephupho lakhe noma umbono, ayemaningi, wathi kithi, ngenxa yalezi zinto azibona embonweni, wesaba kakhulu ngoLamani noLemuweli; yebo, wesaba hleze baxoshwe phambi kweNkosi.

37 Futhi wabanxusa ngaleso sikhathi ngemizwa yonke yomzali omnene, ukuthi bawezwe amazwi akhe, nokuthi mhlawumbe iNkosi yayiyoba nesihawu kubo, futhi ingaze yabaxosha; yebo, ubaba nempela wabashumayeza.

38 Futhi emuva kokuthi esebashumayezile, futhi phezu kwalokho esephrofethile kubo ngezinto eziningi, wabayala ukuthi bagcine imiyalelo yeNkosi; futhi wabe eseyeka ukukhuluma nabo.