ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 21


Isahluko 21

Isiqu sikaJese (uKristu) siyokwahlulela ngokulunga—Ulwazi ngoNkulunkulu luyosibekela umhlaba ngeminyaka eyinkulungwane—INkosi iyophakamisa isibonakaliso futhi iqoqe u-Israyeli—Qhathanisa no-Isaya 11. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kuyovela ainduku kuso bisiqu csikaJese, futhi igatsha liyokhula ezimpandeni zaso.

2 aUMoya weNkosi uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha kanye nokuqonda, umoya wokwaluleka kanye namandla, umoya wolwazi kanye nowokuyesaba iNkosi.

3 Uyomenza abe ngonokuqonda okusheshayo ekuyesabeni iNkosi; futhi aakayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma asole ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

4 Kepha uyokwahlulela abampofu angokulunga, futhi babasole ngokulinganayo cabathobileyo bomhlaba; futhi uyoshaya umhlaba ngenduku yomlomo wakhe, nangomphefumulo wezindebe zakhe abulale ababi.

5 Futhi ukulunga kuyoba yibhande lezinkalo zakhe, nokuthembeka kuyoba yibhande alamanyonga akhe.

6 Phezu kwalokho impisi iyohlala newundlu, nengwe iyolala phansi nezinyane lembuzi, ithole kanye nezinyane lengonyama kanye nokukhuluphalisiweyo ndawonye; umntwana omncane uyozihola.

7 Inkomazi kanye nebhele kuyoklaba; amazinyane akho ayolala phansi ndawonye; ingonyama iyodla utshani njengenkabi.

8 Umntwana oncelayo uyodlala emgodini awemfezi, futhi umntwana osanda kususwa ebeleni uyofaka isandla sakhe besiseleni sikamantshingeyana.

9 aAbayikulimaza noma babhubhise entabeni yami yonke engcwele, ngokuba umhlaba uyogcwala bulwazi lweNkosi, njengamanzi esibekela ulwandle.

10 Futhi angalolo suku kuyoba khona bimpande kaJese, eyokuma njengesibonakaliso kubantu; ckuso dabeZizwe bayobuthana; futhi ukuphumula kwakhe kuyoba kuhle kakhulu.

11 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku ukuthi iNkosi iyokwelula isandla sayo futhi aokwesibili ukubuyisa insalela yabantu bayo abayobe besele, e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, kanye naseziqhingini zolwandle.

12 Futhi uyophakamisela izizwe aisibonakaliso, futhi aqoqe babaxoshwa bakwa-Israyeli, caqoqele ndawonye abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini amane omhlaba.

13 aUmhawu ka-Efrayimi phezu kwalokho uyosuka, izitha zikaJuda ziyosuswa; u-bEfrayimi akayikuba namhawu cngoJuda, futhi noJuda akayikumhlupha u-Efrayimi.

14 Kepha abayondizela emahlombe amaFilisti ukuya ngasentshonalanga; baphange nabasempumalanga kanye-kanye; bayokwelula isandla sabo kuyo i-Edomi kanye neMowabi; futhi abantwana bama-Amoni bayobalalela.

15 Futhi iNkosi aiyolibhubhisa nya ulimi lwasolwandle lwaseGibithe; futhi ngomoya wayo onamandla iyonyakazisa isandla sayo phezu komfula, futhi iyowushaya ube yimifudlana eyisikhombisa, futhi yenze abantu bawele ngezicathulo ezomileyo.

16 Futhi kuyoba khona aumgwaqo omkhulu wensalela yabantu bakhe abayosala, e-Asiriya, njengoba kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lolo aphuma ngalo ezweni laseGibithe.