ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 21


Isahluko 21

Isiqu sikaJese (uKristu) siyokwahlulela ngokulunga—Ulwazi ngoNkulunkulu luyosibekela umhlaba ngeminyaka eyinkulungwane—INkosi iyophakamisa isibonakaliso futhi iqoqe u-Israyeli—Qhathanisa no-Isaya 11. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kuyovela induku kuso isiqu sikaJese, futhi igatsha liyokhula ezimpandeni zaso.

2 UMoya weNkosi uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha kanye nokuqonda, umoya wokwaluleka kanye namandla, umoya wolwazi kanye nowokuyesaba iNkosi.

3 Uyomenza abe ngonokuqonda okusheshayo ekuyesabeni iNkosi; futhi akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma asole ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

4 Kepha uyokwahlulela abampofu ngokulunga, futhi abasole ngokulinganayo abathobileyo bomhlaba; futhi uyoshaya umhlaba ngenduku yomlomo wakhe, nangomphefumulo wezindebe zakhe abulale ababi.

5 Futhi ukulunga kuyoba yibhande lezinkalo zakhe, nokuthembeka kuyoba yibhande lamanyonga akhe.

6 Phezu kwalokho impisi iyohlala newundlu, nengwe iyolala phansi nezinyane lembuzi, ithole kanye nezinyane lengonyama kanye nokukhuluphalisiweyo ndawonye; umntwana omncane uyozihola.

7 Inkomazi kanye nebhele kuyoklaba; amazinyane akho ayolala phansi ndawonye; ingonyama iyodla utshani njengenkabi.

8 Umntwana oncelayo uyodlala emgodini wemfezi, futhi umntwana osanda kususwa ebeleni uyofaka isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana.

9 Abayikulimaza noma babhubhise entabeni yami yonke engcwele, ngokuba umhlaba uyogcwala ulwazi lweNkosi, njengamanzi esibekela ulwandle.

10 Futhi ngalolo suku kuyoba khona impande kaJese, eyokuma njengesibonakaliso kubantu; kuso abeZizwe bayobuthana; futhi ukuphumula kwakhe kuyoba kuhle kakhulu.

11 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku ukuthi iNkosi iyokwelula isandla sayo futhi okwesibili ukubuyisa insalela yabantu bayo abayobe besele, e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, kanye naseziqhingini zolwandle.

12 Futhi uyophakamisela izizwe isibonakaliso, futhi aqoqe abaxoshwa bakwa-Israyeli, aqoqele ndawonye abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini amane omhlaba.

13 Umhawu ka-Efrayimi phezu kwalokho uyosuka, izitha zikaJuda ziyosuswa; u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda, futhi noJuda akayikumhlupha u-Efrayimi.

14 Kepha bayondizela emahlombe amaFilisti ukuya ngasentshonalanga; baphange nabasempumalanga kanye-kanye; bayokwelula isandla sabo kuyo i-Edomi kanye neMowabi; futhi abantwana bama-Amoni bayobalalela.

15 Futhi iNkosi iyolibhubhisa nya ulimi lwasolwandle lwaseGibithe; futhi ngomoya wayo onamandla iyonyakazisa isandla sayo phezu komfula, futhi iyowushaya ube yimifudlana eyisikhombisa, futhi yenze abantu bawele ngezicathulo ezomileyo.

16 Futhi kuyoba khona umgwaqo omkhulu wensalela yabantu bakhe abayosala, e-Asiriya, njengoba kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lolo aphuma ngalo ezweni laseGibithe.