ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 13


Isahluko 13

UJuda kanye neJerusalema bazojeziswa ngenxa yokungalaleli kwabo—INkosi iyabacelela futhi iyabahlulela abantu Bayo—Amadodakazi aseSiyoni ayaqalekiswa futhi ayahlushwa ngenxa yokuthanda kwawo umhlaba—Qhathanisa no-Isaya 3. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba bheka, iNkosi, iNkosi yamaBandla, isusa eJerusalema, kanye nakuJuda, insika kanye nodondolo, udondolo lonke lwesinkwa, kanye nensika yonke yamanzi—

2 Indoda enamandla, kanye nendoda yempi, umahluleli, kanye nomphrofethi, kanye nohlakaniphileyo, kanye nomdala;

3 Induna yamashumi amahlanu, kanye nomuntu ohloniphekileyo, kanye nomeluleki, kanye nengcweti ehlakaniphileyo, kanye nesikhulumi esinekhono.

4 Futhi ngiyobanika abantwana ukuthi babe ngamakhosi abo, futhi nezingane ziyobusa phezu kwabo.

5 Futhi abantu bayocindezelwa, yilowo nalowo ngomunye, futhi yilowo nalowo ngumakhelwane wakhe; ingane iyohamba ngokubhensa phambi kwabadala, ngokunjalo namashinga kubo abahloniphekileyo.

6 Lapho umuntu eyobamba umfowabo wendlu kayise, futhi bese ethi: Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, futhi ungayivumeli alencithakalo ize ngaphansi kwesandla sakho—

7 Ngalo lolo suku uyofunga, ethi: Angizukuba angumelaphi; ngokuba endlini yami akukho sinkwa nazingubo; ningangenzi umbusi wabantu.

8 Ngokuba iJerusalema aichithiwe, futhi noJuda buwile, ngenxa yokuthi izilimi zabo kanye nezenzo zabo beziphambene neNkosi, ukucunula amehlo enkazimulo yayo.

9 Isimo sobuso babo siyafakaza ngokumelene nabo, futhi simemezela isono sabo ukuthi sinjengaso ngisho aesaseSodoma, futhi abanakusifihla. Maye emiphefumulweni yabo, ngokuba bazenzele ububi.

10 Yisho kwabalungileyo ukuthi akuhle kubo; ngokuba bayodla isithelo sezenzo zabo.

11 Maye kwababi, ngokuba bayobhujiswa; ngokuba umvuzo wezandla zabo uyoba phezu kwabo!

12 Abantu bami, abantwana bangabacindezeli babo, futhi abesifazane bayabusa phezu kwabo. O bantu bami, labo aabaniholayo benza ukuthi niphambuke futhi bashabalalise indlela yemikhondo yenu.

13 INkosi imele aukunicelela, futhi imele ukwahlulela abantu.

14 INkosi iyongena ekwahluleleni kanye nabadala babantu bayo kanye anamakhosana abo; ngokuba bnidle cisivini dnempango eyabampofu ezindlini zenu.

15 Nichaza ukuthini na? Nishaya abantu bami baba yizicucu, futhi nigaya ubuso babampofu, kusho iNkosi uNkulunkulu wamaBandla.

16 Phezu kwalokho, iNkosi ithi: Ngenxa yokuthi amadodakazi aseSiyoni aphakeme, futhi ahamba nezintamo ezeluliwe kanye namehlo aqhikizayo, ehamba futhi aecokama ekuhambeni kwawo, futhi enza ubukhencekhence ngezinyawo zawo—

17 Ngalokho-ke iNkosi iyolushaya ngoqweqwe ukhakhayi lwamakhanda amadodakazi aseSiyoni, futhi iNkosi aiyozithola izinxenye zezimfihlo zabo.

18 Ngalo lolo suku iNkosi iyobususa ubucwebecwebe bobukhencekhence bemihlobiso yawo, kanye anezigqoko ezinamanethi, kanye bnezimbedu eziyindilinga njengenyanga;

19 Izigqizo kanye namasongo, kanye anezimvakazi;

20 Izigqoko, nemihlobiso yemilenze, nemiqhele, namakha, kanye namacici ezindlebe;

21 Izindandatho, kanye nobucwebe bamakhala;

22 aIzembatho ezingagqokwa nezinye, kanye nezembatho zemikhosi, kanye nezembatho zokumboza ubuso nentamo, kanye nezipeletu zezinwele;

23 aIzibuko, kanye nelineni elicolekileyo, kanye nemishuqulo, kanye namaveyili.

24 Futhi kuyokwenzeka ukuthi, esikhundleni samakha kuyoba khona iququ; esikhundleni sebhande, aukudabuka; esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, impandla; esikhundleni bsesidiya, ukwembatha ingubo yesaka; cukusha esikhundleni sobuhle.

25 Amadoda akho ayokuwa ngenkemba ngokunjalo namaqhawe akho empini.

26 Futhi amasango akhe ayolila futhi akhale; futhi uyophundleka, futhi uyohlala phansi.