ImiBhalo eNgcwele
Abrahama 3


Isahluko 3

U-Abrahama ufunda ngelanga, inyanga, nezinkanyezi ngokusebenzisa i-Urimi neThumimi—INkosi imambulela ngokungafi kwemimoya—Ufunda ngempilo eyandulela eyasemhlabeni, ngokugcotshwa ngaphambi kokuzalwa, ngeNdalo, ngokukhethwa koMhlengi, nesimo sokuphila sesibili somuntu.

1 Futhi mina, u-Abrahama, ngangine-aUrimi neThumimi, enganginikwe yona yiNkosi uNkulunkulu wami, ngise-Uri lamaKaledi;

2 Futhi ngabona aizinkanyezi, ukuthi zazinkulu kakhulu, futhi nokuthi eyodwa yazo yayisondele kakhulu nesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu; futhi kwakukhona eziningi ezinkulu ezaziseduze naleyo;

3 Futhi iNkosi yathi kimi: Lezi ngezibusayo; futhi igama lalena enkulu aiKolobe, ngokuba iseduze nami, ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho: Ngimise lena ukuba ibuse zonke lezo ezingezohlelo olufanayo naleyo ome kuyo.

4 Futhi iNkosi yathi kimi, nge-Urimi neThumimi, leyoKolobe yayihambisana neNkosi, ngokwezikhathi nezinkathi emjikelezweni yayo, ukuthi umjikelezo owodwa kwaku awusuku eNkosini, ngokubala kwezikhathi zayo, futhi lowomjikelezo uyinkulungwane byeminyaka ngokwesikhathi esibekelwe leyo ome kuyo. Lena indlela ebala ngayo isikhathi iNkosi, ngokokubala isikhathi enkanyezini iKolobe.

5 Futhi iNkosi yathi kimi: Iplanethi engukukhanya okuncane, encane kunaleyo ekufanele ibuse imini, ngisho lokho kukhanya okufanele kubuse ubusuku, ingaphezulu noma inkulu kunaleyo omi kuyo ngokubala isikhathi, ngokuba ihamba ngohlelo kancane kakhulu; lokhu kusohlelweni ngokuba ime ngaphezu komhlaba wena ome kuwo, ngakho-ke ukubala kwayo isikhathi akukuningi ngokuphathelene nesibalo sezinsuku, nesezinyanga, neseminyaka.

6 Futhi iNkosi yathi kimi: Manje, Abrahama, alamaqiniso amabili akhona, bheka amehlo akho ayawabona; kunikiwe kuwe ukuba wazi izikhathi zokubala, futhi nezikhathi ezimisiweyo, yebo, isikhathi esimisiweyo somhlaba omi phezu kwawo, nesikhathi esimisiweyo sokukhanya okukhulu okumiselwe ukubusa imini, nesikhathi sokukhanya okuncane okumiselwe ukubusa ubusuku.

7 Manje isikhathi esimisiweyo sokukhanya okuncane yisikhathi esijana ngokuphathelene nokubala kwaleyo nkanyezi kunokubala isikhathi somhlaba omi kuwo wena.

8 Futhi uma kukhona lamaqiniso amabili, kuyokuba nelinye iqiniso ngaphezu kwawo, okungukuthi, kuyokuba nenye iplanethi ukubala kwayo isikhathi okuyoba kujana futhi;

9 Futhi ngaleyo ndlela kuyokuba nokubala isikhathi kwenye iplanethi okungaphezulu kwenye, uze ufike eduze nenkanyezi iKolobe, ehambisana nokubala isikhathi seNkosi; leyo emiswe eduze nesihlalo kobukhosi sikaNkulunkulu, ukubusa wonke lawo maplanethi angoko ahlelo olufanayo naleyo omi kuyo.

10 Futhi kunikiwe kuwe ukuba wazi isikhathi esimisiweyo sazo zonke izinkanyezi ezimiswe ukunika ukukhanya, uze ufike eduze nesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

11 Ngaleyo ndlela mina, u-Abrahama, angakhuluma neNkosi, ubuso nobuso, njengomuntu ekhuluma nomunye; futhi yangitshela ngemisebenzi izandla zayo ezaziyenzile;

12 Futhi yathi kimi: Ndodana yami, ndodana yami (futhi isandla sayo sasilulekile), bheka ngizokutshengisa konke lokhu. Futhi yabeka isandla sayo emehlweni ami, futhi ngabona lezo zinto izandla zayo ezazi zenzile, ezaziningi; futhi zaphindaphindeka phambi kwamehlo ami, futhi angikwazanga ukubona isiphetho sazo.

13 Futhi yathi kimi: Lena iShineha, okuyilanga. Futhi yathi kimi: IKokobe, okuyinkanyezi. Futhi yathi kimi: I-Oliya, okuyinyanga. Futhi yathi kimi: IKokabhimi, okusho izinkanyezi, noma zonke izinkanyiso ezinkulu, ezazise mkhathini wezulu.

14 Futhi kwakuyisikhathi sasebusuku ngesikhathi iNkosi ikhuluma lamagama kimi ithi: Ngizo akwandisa, ne bnzalo yakho emva kwakho, njengalezi zinkanyezi; futhi uma ungakwazi ukubala cinani lesihlabathi, liyoba ngako nenani lenzalo yakho.

15 Futhi iNkosi yathi kimi: Abrahama, ngikutshengisa lezi zinto ngaphambi kokuba ungene eGibithe, ukuze uwakhulume wonke lamazwi.

16 Uma kunezinto ezimbili ezikhona, futhi kukhona enye engaphezu kwenye, kuyoba khona nezinye izinto ezinkulu kunazo; ngakho-ke aiKolobe ingenkulu kakhulu kuzazo zonke izinkanyezi osuzibonile, ngokuba iseduze nami.

17 Manje, uma kunezinto ezimbili, enye ingaphezu kwenye, futhi inyanga ingaphezu komhlaba, uma kunjalo kungenzeka ukuthi kungaba khona enye iplanethi noma inkanyezi ngaphezu kwenyanga; futhi konke iNkosi uNkulunkulu wakho eyonquma ukukwenza iyo akwenza ngempumelelo.

18 Nokho yenza inkanyezi enkudlwana; njengoba, futhi, uma kukhona imimoya emibili, futhi omunye eyobe ehlakaniphile ngaphezu komunye, kodwa lemimoya emibili, nakuba omunye ehlakaniphile kunomunye, ayinasiqalo; yayikhona phambilini, ngeke ibe nesiphelo, iyoba khona kamuva, ngokuba aignolaum, noma ingeyaphakade.

19 Futhi iNkosi yathi kimi: Lamaqiniso amabili akhona, ukuthi kunemimoya emibili, omunye uhlakaniphile kunomunye; kuyoba khona omunye ohlakaniphe ngaphezu kwayo; ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, ngi ahlakaniphe ngaphezu kwayo yonke.

20 INkosi uNkulunkulu wakho ithumele ingelosi yakhe ukuba iku akhulule ezandleni zomphristi u-Elkena.

21 Ngihlala phakathi kwayo yonke imimoya; ngakho-ke manje ngehlile ngeza kuwe ukuzokwazisa aimisebenzi eyenziwe yizandla zami, kulokho binhlakanipho yami yedlula ukuhlakanipha kwemimoya yonke, ngokuba ngibusa emazulwini phezulu, nasemhlabeni ngaphansi, ngakho konke ukuhlakanipha nangokuqaphela, phezu kwayo yonke imimoya amehlo akho aseke ayibona kusukela ekuqaleni; ngehlela phansi ekuqaleni phakathi kwayo yonke imimoya usuyibonile.

22 Manje iNkosi yayisingitshengisile mina, u-Abrahama, aimimoya eyayihleliwe bumhlaba ungakabi bikho; futhi phakathi kwayo yonke lena kwakukhona eminingi eyayi cnesithunzi futhi imikhulu;

23 Futhi uNkulunkulu wayebabona labantu ukuthi babelungile, futhi wayeme phakathi kwabo, futhi wathi: Laba ngizobenza ababusi bami; ngokuba wayeme phakathi kwalabo ababe yimimoya, futhi wabona ukuthi babelungile; futhi wathi kimi: Abrahama, ungomunye wabo; awakhethwa ngaphambi kokuba uzalwe.

24 Futhi kwakume aomunye phakathi kwabo owayefana noNkulunkulu, futhi wathi kulabo ayekanye nabo: Sizokwehlela phansi, ngokuba kunomkhathi laphaya, futhi sizothatha ezinye zalezi zinto, futhi bsizokwenza cumhlaba okuzohlala kuwo laba.

25 Futhi sizo abavivinya ngalendlela, ukuze sibone ukuthi ngabe bazo bzenza zonke izinto noma yini iNkosi uNkulunkulu wabo eyobayala ngazo;

26 Futhi labo abagcina aisimo sabo sokuqala sokuphila bayokwengezelwa; futhi labo abangasigcini isimo sabo sokuqala sokuphila ngeke bafumane inkazimulo embusweni ofanayo nalabo abagcina isimo sabo sokuqala sokuphila; futhi labo abagcina bisimo sabo sesibili sokuphila bayokwengezelwa cinkazimulo emakhanda abo phakade naphakade.

27 Futhi aiNkosi yathi: Ngiyothuma bani na? Futhi omunye owayefana ne bNdodana yoMuntu waphendula wathi: Ngilapha, thuma mina. Futhi cnomunye waphendula futhi wathi: Ngilapha, thuma mina. Futhi iNkosi yathi: Ngizothuma owokuqala.

28 Futhi aowesibili wathukuthela, futhi wangasigcina isimo sakhe sokuqala sokuphila; futhi, ngalelo langa, bbaningi abamlandela.