ImiBhalo eNgcwele
Mormoni 9


Isahluko 9

UMoroni ucela labo abangakholwa kuKristu ukuthi baphenduke—Wazisa ngoNkulunkulu wezimangaliso, onika izambulo futhi othela izipho kanye nezibonakaliso kwabakholwayo—Izimangaliso ziyaphela ngenxa yokungakholwa—Izibonakaliso zilandela labo abakholwayo—Abantu bayanxuswa ukuthi bahlakaniphe futhi bagcine imiyalelo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Manje, sengikhuluma futhi mayelana nalabo abangakholwa kuKristu.

2 Bheka, niyokholwa yini osukwini lokuhanjelwa kwenu—bhekani, ngesikhathi iNkosi isiza, yebo, ngisho nangalolo asuku olukhulu lapho bumhlaba uyogoqwa ndawonye njengomqulu, futhi konke ckuyoncibilikiswa wukushisa okuvuthayo, yebo, ngalolo suku olukhulu lapho niyolethwa ukuba nizoma phambi kweMvana kaNkulunkulu—ngaleso sikhathi niyosho yini ukuthi akekho uNkulunkulu na?

3 Ngaleso sikhathi niyoqhubeka yini nokumphika uKristu, noma niyoyibona yini iMvana kaNkulunkulu na? Ngabe nicabanga ukuthi ningahlala yini naye ninonembeza onecala na? Ngabe nicabanga ukuthi ningathokoza yini ukuhlala nalowo Muntu ongcwele, ibe imiphefumulo yenu yonakaliswe wunembeza onecala lokuthi selokhu kwathi nhlo niyayiphula imithetho yakhe na?

4 Bhekani, ngithi kini niyoba nosizi kakhulu ukuthi nihlale noNkulunkulu ongcwele futhi nolungile, ninonembeza wokungcola kwenu phambi kwakhe, kunokuba nihlale anabajezisiwe besihogweni.

5 Ngokuba bhekani, ngesikhathi niyobona aubuze benu phambi kukaNkulunkulu, futhi kanjalo nenkazimulo kaNkulunkulu, kanye nobungcwele bukaJesu Kristu, kuyokokheleka ilangabi lomlilo ongacisheki kini.

6 O uma kunjalo-ke nina aeningakholwayo, bphendukelani eNkosini; khalani kakhulu kuBaba egameni likaJesu, ukuze mhlawumbe nitholakale ningenasici, cnimsulwa, nibahle, futhi nimhlophe, nihlanzwe yigazi le dMvana, ngalolo suku olukhulu nolokugcina.

7 Futhi phezu kwalokho ngikhuluma kini nina aeniphika izambulo zikaNkulunkulu, futhi enithi sezaphela, nokuthi akusekho zambulo, naziphrofetho, nazipho, nakuphiliswa, nakukhuluma ngezilimi, kanye bnokuhunyushwa kwezilimi;

8 Bhekani ngithi kini, lowo oziphikayo lezi zinto akalazi aivangeli likaKristu; yebo, akayifundile imibhalo engcwele; uma kunjalo, bakayiqondi.

9 Ngokuba asifundi yini ukuthi uNkulunkulu auyafana izolo, namuhla, futhi naphakade, futhi kuye akukho kuguquka futhi nokuncane ukushintsha na?

10 Manje, uma nizicabangele unkulunkulu oguqukayo, futhi kuye okukhona okuncane ukushintsha, uma kunjalo nizicabangele unkulunkulu ongeyena uNkulunkulu wezimangaliso.

11 Kepha bhekani, ngizonikhombisa uNkulunkulu wezimangaliso, ngisho uNkulunkulu ka-Abrahama, kanye noNkulunkulu ka-Isaka, kanye noNkulunkulu kaJakobe; futhi kusenguye lowo aNkulunkulu owadala amazulu kanye nomhlaba, kanye nazo zonke izinto ezikuwo.

12 Bhekani, wadala u-Adamu, futhi ngo-aAdamu kweza bukuwa komuntu. Futhi ngenxa yokuwa komuntu kweza uJesu Kristu, ngisho uBaba kanye neNdodana; futhi ngenxa kaJesu Kristu kweza cukukhululwa komuntu.

13 Futhi ngenxa yokukhululwa komuntu, okweza ngoJesu Kristu, babuyiselwa phambi kweNkosi; yebo, kungalendlela lapho bonke abantu bekhululwa, ngokuba ukufa kukaKristu kufeza auvuko, olufeza ukukhululwa bekulaleni okungapheliyo, lapho bonke abantu beyovuswa kulokho kulala ngamandla kaNkulunkulu ngesikhathi kukhala icilongo; futhi bayovuka, abancane kanye nabakhulu, futhi bonke bayokuma phambi kwesihlalo sakhe, sebehlengiwe futhi bakhululwa kulesi csibopho sokufa saphakade, okungukufa kwenyama.

14 Futhi emva kwalokho kuyobe sekuza aukwahlulela koNgcwele kubo; futhi emva kwalokho kuza isikhathi lapho lowo bongcolileyo eyohlala engcolile, futhi lowo olungileyo ahlale elungile; kuthi lowo othokozile ahlale ethokozile; kuthi lowo ongathokozile ahlale engathokozile.

15 Manje, O nina nonke enizicabangela unkulunkulu aongenakwenza zimangaliso, ngifuna ukunibuza ukuthi, ngabe zonke lezi zinto sezedlule, lezo engikhulume ngazo na? Ngabe isiphetho sesifikile na? Bhekani ngithi kini, Cha; futhi uNkulunkulu akakayeki ukuthi abe nguNkulunkulu wezimangaliso.

16 Bhekani, ngabe izinto uNkulunkulu azenzile azimangalisi yini emehlweni ethu na? Yebo, futhi ngabe ngubani ongaqonda aimisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu na?

17 Ngubani ongathi kwakungesona isimangaliso ukuthi angezwi lakhe izulu kanye nomhlaba kwabakhona; futhi ngamandla ezwi lakhe umuntu bwadalwa cngothuli lomhlabathi; futhi ngamandla ezwi lakhe izimangaliso zenzeka na?

18 Futhi ngubani ongathi uJesu Kristu akazange enze azimangaliso ezinkulu neziningi na? Futhi kwaba khona izimangaliso ezinkulu neziningi ezenziwa ngezandla zabaphostoli.

19 Futhi uma ngabe kwaba khona aizimangaliso ngaleso sikhathi, pho kungani uNkulunkulu eseyekile ukuthi abe nguNkulunkulu wezimangaliso kepha ebe enguMuntu ongaguquki na? Futhi bhekani, ngithi kini, akaguquki; uma kunjalo uyoyeka ukuba nguNkulunkulu; kepha akayekile ukuba nguNkulunkulu, futhi usenguye uNkulunkulu wezimangaliso.

20 Futhi isizathu sokuthi ayeke ukwenza aizimangaliso phakathi kwabantwana babantu kungenxa yokuthi bancishelwe wukholo, futhi baphambukile endleleni okuyiyo, futhi abamazi uNkulunkulu okufanele bbamethembe.

21 Bhekani, ngithi kini lowo okholwa kuKristu, engangabazi lutho, anoma ngabe yini ayoyicela kuBaba egameni likaKristu uyonikwa yona; futhi lesi sethembiso esikawonke wonke, ngisho nasemikhawulweni yomhlaba.

22 Ngokuba bhekani, usho kanje uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, kulabo bafundi bakhe abazohlala, yebo, futhi kanjalo nakubo bonke abafundi bakhe, ngesikhathi silalele isixuku: aHambani niye emhlabeni wonke, futhi nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo;

23 Futhi lowo okholwayo futhi abhabhadiswe uyosindiswa, kepha lowo ongakholwa uyoba angaphansi kwamandla kaSathane;

24 Futhi lezi azibonakaliso ziyobalandela labo abakholwayo—ngegama lami bayokhipha bodeveli; bayokhuluma ngezilimi ezintsha; bayothatha izinyoka; futhi uma bephuze noma yini ebulalayo ayiyikubagulisa; bayobeka cizandla kwabagulayo futhi bayolulama;

25 Futhi lowo oyokholwa egameni lami, engangabazi lutho, kuye angizowaqinisa onke amazwi ami, kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

26 Manje, bhekani, ngubani ongamelana nemisebenzi yeNkosi na? aNgubani ongakuphika ekushilo na? Ngubani ongaphikisana namandla amakhulu eNkosi na? Ngubani ongadelela imisebenzi yeNkosi na? Ngubani ongadelela abantwana baKristu na? Bhekani, nonke nina benidelela imisebenzi yeNkosi, ngokuba niyomangala futhi nilahleke.

27 O ngakho-ke ungadeleli, futhi ungamangali, kepha yizwa amazwi eNkosi, futhi ucele kuBaba egameni likaJesu noma yikuphi okudingayo. Ungangabazi kepha kholwa, futhi qala njengasezikhathini zasemandulo, futhi auze eNkosini bngenhliziyo yakho yonke, futhi cufeze ukusindiswa kwakho ngokwesaba kanye nangokuthuthumela phambi kwayo.

28 aHlakaniphani ezinsukwini zokuvivinywa kwenu; zihlambululeni kukho konke ukungahlanzeki; ningaceli, ukuze ninelise bizinkanuko zenu, kepha celani ngokuqina okungenakunyakaziswa, ukuthi ningakuvumeli ukulingwa, kepha ukuthi nisebenzele uNkulunkulu weqiniso cnophilayo.

29 Bonani ukuthi aanibhabhadiswa ngokungafanelekile; bonani ukuthi banidli isidlo sikaKristu ngokungafanelekile; kepha bonani ukuthi nenza zonke izinto cngokufanelekile, futhi nikwenze egameni likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo; futhi uma nikwenza lokhu, futhi nibekezela kuze kube sekugcineni, ngeke nize nilahlwe ngaphandle.

30 Bhekani, ngikhuluma kini sengathi angikhuluma ngisekufeni; ngokuba ngiyazi ukuthi niyowathola amazwi ami.

31 Ningangisoli ngenxa ayephutha lami, ngisho nobaba, ngenxa yephutha lakhe, noma labo ababhala ngaphambi kwakhe; kepha esikhundleni salokho mbongeni uNkulunkulu ukuthi uwavezile amaphutha ethu kini, ukuze nifunde ukuthi nihlakaniphe ngaphezu kwethu.

32 Manje, bhekani, siwubhale lombhalo ngokolwazi lwethu, ngemifanekiso eqoshiwe yasendulo esiyibiza ngokuthi ayisiGibithe esiguquliwe, eyadluliswa futhi sayiguqula, ngokwendlela yokukhuluma kwethu.

33 Futhi ukuba izingcwephe zethu bezinkulu ngokwanele besiyobhala ngesiHeberu; kepha isiHeberu saguqulwa yithi naso futhi, futhi ukuba sasingakwazi ukubhala ngesiHeberu, bhekani, beningezukuba namaphutha embhalweni wethu.

34 Kepha iNkosi iyazazi izinto esizibhalile, futhi nokuthi akukho namunye umuntu owazi ulimi lwethu; futhi ngenxa yokuthi abekho abanye abantu abazi ulimi lwethu, ngakho-ke ilungise aizindlela zokuhunyushwa kwalo.

35 Futhi lezi zinto zibhalelwe ukuthi sihlanze igazi labafowethu ezingutsheni zethu, asebehlezi kukho aukungakholwa.

36 Futhi bhekani, lezi zinto aebesizifisa mayelana nabafowethu, yebo, ngisho ukubuyiselwa kwabo olwazini lukaKristu, zingokwemikhuleko yabo bonke abangcwele abahlala kulelizwe.

37 Futhi sengathi iNkosi uJesu Kristu angavuma ukuthi imikhuleko yabo iphendulwe ngokokholo lwabo; futhi sengathi uNkulunkulu uBaba angasikhumbula isivumelwano asenza nendlu ka-Israyeli; futhi sengathi angababusisa ingunaphakade, ngokukholwa egameni likaJesu Kristu. Amen.