ImiBhalo eNgcwele
Helamani 14


Isahluko 14

USamuweli ubikezela ukukhanya ngesikhathi sasebusuku kanye nenkanyezi entsha ngokuzalwa kukaKristu—UKristu ukhulula abantu ekufeni komzimba kanye nokukamoya—Izibonakaliso zokufa Kwakhe kuzoba yizinsuku ezintathu zobumnyama, ukuqhekeka kwamadwala, kanye nemibheduko emikhulu yemvelo. Cishe ngonyaka wesi 6 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi auSamuweli, umLamani, waphrofetha izinto ezinkulu neziningi kakhulu ezingenakubhalwa.

2 Futhi bheka, wathi kubo: Bhekani, ngininika isibonakaliso; okungukuthi eminyakeni emihlanu ezayo, futhi bhekani, iyobe seyifika iNdodana kaNkulunkulu ukuzokhulula bonke labo abayokholwa egameni layo.

3 Futhi bhekani, ngizoninika lokhu ukuthi kube ayisibonakaliso ngesikhathi sokufika kwayo; ngokuba bhekani, kuyoba khona ukukhanya okukhulu ezulwini, kangangokuthi ebusuku ngaphambi kokuthi ifike ngeke bube khona ubumnyama, kangangokuthi kubantu kuyoba sengathi kusemini.

4 Ngakho-ke, kuyoba khona usuku olulodwa kanye nobusuku kanye nosuku, kube sengathi wusuku olulodwa futhi abukho ubusuku; futhi lokhu kuyoba yisibonakaliso kini; ngokuba niyokwazi ngokuphuma kwelanga futhi kanjalo nangokushona kwalo; ngakho-ke bayokwazi ngempela ukuthi kuyoba nezinsuku ezimbili nobusuku; nokho ubusuku ngeke bube mnyama; futhi lobo kuyoba ngubusuku ngaphambi kokuthi aazalwe.

5 Futhi bhekani, kuyoba khona ainkanyezi entsha eyovela, yohlobo eningakaze nilubone; futhi nalokhu kuyoba yisibonakaliso kini.

6 Futhi bhekani, lokho akusikho konke, kuyoba khona eziningi izibonakaliso kanye nezimangaliso ezulwini.

7 Futhi kuyokwenzeka ukuthi nonke niyoshaqeka, futhi nimangale, kangangokuthi aniyowela phansi.

8 Futhi kuyokwenzeka ukuthi lowo aoyokholwa eNdodaneni kaNkulunkulu, yena kanye lowo uyoba nokuphila okuphakade.

9 Futhi bhekani, ingiyale kanje iNkosi, ngengelosi yayo, ukuthi kufanele ngize ngizonitshela lento; yebo, iyale ukuthi ngizoziphrofetha lezi zinto kini; yebo, ithe kimi: Khala kulaba bantu uthi, phendukani futhi nilungise indlela yeNkosi.

10 Manje, ngenxa yokuthi ngingumLamani, futhi ngikhulume kini amazwi iNkosi engiyale ngawo, futhi ngenxa yokuthi abe lukhuni ngokumelene nani, niyangithukuthelela futhi nifuna ukungibulala, futhi aningixoshile phakathi kwenu.

11 Futhi nizowezwa amazwi ami, ngokuba, ngalenhloso ngize phezu kwalezi ndonga zaleli dolobha, ukuze nizwe futhi nazi ngezahlulelo zikaNkulunkulu ezinilindile ngenxa yobubi benu, futhi nokuthi nazi ngemibandela yokuphenduka;

12 Futhi nokuthi nazi ngokuza kukaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, auBaba wezulu kanye nomhlaba, uMdali wezinto zonke kusukela ekuqaleni; futhi nokuthi nazi ngezibonakaliso zokuza kwakhe, ngenhloso yokuthi nikholwe egameni lakhe.

13 Futhi uma anikholwa egameni lakhe nizophenduka ezonweni zenu zonke, ukuze ngalokho nibe nokuthethelelwa kwazo bngezenzo zakhe ezinhle.

14 Futhi bhekani, esinye isibonakaliso ngininika sona futhi, yebo, isibonakaliso sokufa kwakhe.

15 Ngokuba bhekani, kufanele ngempela afe ukuze kube khona aukusindiswa; yebo, kufanelekile ukuthi afe, ukuze kube khona bukuvuka kwabafileyo, ukuze ngalokho abantu balethwe phambi kweNkosi.

16 Yebo, bhekani, lokufa kwenza kube khona uvuko, futhi akukhulula sonke isintu ekufeni kokuqala—lokho kufa komoya; ngokuba sonke isintu, bngokuwa kuka-Adamu csisusiwe phambi kweNkosi, sithathwa ngokuthi dsifile, ezintweni zasemhlabeni kanye nasezintweni zomoya.

17 Kodwa bhekani, ukuvuka kukaKristu akukhulula isintu, yebo, ngisho isintu sonke, futhi kusibuyisela phambi kweNkosi.

18 Yebo, futhi kuletha umbandela wokuphenduka, wokuthi lowo ophendukayo yena kanye lowo ngeke ehliselwe phansi futhi aphonswe emlilweni; kodwa lowo ongaphendukiyo uhlisewa phansi futhi aphonswe emlilweni; bese kuza kubo futhi ukufa komoya, yebo, ukufa kwesibili, ngokuba bayasuswa futhi ezintweni eziphathelene nokulunga.

19 Ngalokho-ke phendukani, phendukani, hleze ngokwazi lezi zinto kepha ningazenzi niyozivumela ukuthi nibekwe icala, bese nilethwa kulokhu kufa kwesibili.

20 Kodwa bhekani, njengoba ngishilo kini mayelana nesinye aisibonakaliso, isibonakaliso sokufa kwayo, bhekani, ngalolo suku eyokuzwa ngalo ukufa ilanga bliyofiphala futhi lale ukuveza ukukhanya kwalo kini; futhi kanjalo nenyanga kanye nezinkanyezi; futhi akuyikuba khona ukukhanya phezu kobuso balelizwe, ngisho kusukela esikhathini leso eyokuzwa ngaso ukufa, isikhathi cesiyizinsuku ezintathu, kuze kube yisikhathi eyovuka ngaso futhi ekufeni.

21 Yebo, ngesikhathi leso eyokhipha ngaso umoya kuyoba khona aukuduma kanye nemibani isikhathi esingamahora amaningi, futhi umhlaba uyozamazama futhi udikize; futhi amadwala aphezu kobuso balomhlaba, akhona ngaphezulu kanye nangaphansi komhlaba, eniwazi manje njengaqinile, noma ingxenye enkulu yawo eyinto eqine kakhulu, bayoqhephuka;

22 Yebo, ayoqhekeka kabili, futhi emva kwalokho aayotholakala eqhekekile futhi enemifantu, futhi eyizingcezu ezihlephukile phezu kobuso bonke balesi sifunda, yebo, ngaphezulu kanye nangaphansi komhlaba.

23 Futhi bhekani, kuyoba khona iziphepho ezinkulu, futhi kuyoba khona izintaba eziningi eziyolaliswa phansi, zifane namathafa, futhi kuyoba khona izindawo eziningi manje ezibizwa ngamathafa eziyokuba yizintaba, ubude bazo obukhulu kakhulu.

24 Futhi imigwaqo emikhulu eminingi iyoqhekeka, futhi amaningi aamadolobha ayosala engenamuntu.

25 Futhi aamathuna amaningi ayovuleka, futhi akhiphe abaningi bawo asebafa; futhi abaningi abangcwele bayovela kwabaningi.

26 Futhi bhekani, ikhulume kanje aingelosi kimi; ngokuba ithe kimi kuyoba khona ukuduma kanye nemibani isikhathi esingamahora amaningi.

27 Futhi ithe kimi ngesikhathi ukuduma kanye nemibani kusaqhubeka, kanye nesiphepho, lezi zinto kufanele zibekhona, futhi nokuthi aubumnyama buyomboza ubuso besifunda sonke isikhathi esingange zinsuku ezintathu.

28 Futhi ingelosi ithe kimi abaningi bayobona izinto ezinkulu kakhulu kunalezi, ngenhloso yokuthi bakholwe ukuthi alezi zibonakaliso kanye nalezi zimangaliso ziyokwenzeka kubo bonke ubuso balelizwe, ngenhloso yokuthi kungabi bikho sizathu sokungakholwa phakathi kwabantwana babantu—

29 Futhi lokhu ngenhloso yokuthi lowo oyokholwa asindiswe, futhi nokuthi lowo ongeyukukholwa, aisahlulelo esilungile size kubo; futhi phezu kwalokho uma bebekwa icala kube bazilethele bona ukubekwa icala.

30 Manje khumbulani, khumbulani, bafowethu, ukuthi lowo olahlekayo, uzilahlekisa yena; futhi lowo owenza ububi, ukwenza kuye uqobo; ngokuba bhekani, anikhululekile; nivunyelwe ukuthi nizenzele; ngokuba bhekani, uNkulunkulu uninike bulwazi futhi wanenza ukuthi nikhululeke.

31 Uninike ukuthi anazi okuhle kokubi, futhi uninike ukuthi bnikhethe ukuphila noma ukufa; futhi ningenza okuhle futhi cnibuyiselwe kulokho okuhle, noma kuthi lokho okuhle kubuyiselwe kini; noma ningenza okubi, futhi lokho okubi kubuyiselwe kini.