ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 2


Isahluko 2

ULehi uthatha umndeni wakhe uya ehlane ngasoLwandle oluBomvu—Bashiya impahla yabo—ULehi unikela ngomhlatshelo eNkosini futhi ufundisa amadodana akhe ukuthi agcine imiyalelo—ULamani noLemuweli bavungamela uyise—UNefi uyalalela futhi uthandaza ngokukholwa; iNkosi ikhuluma kuye, futhi ukhethwa ukuthi abuse phezu kwabafowabo. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba bheka, kwenzeka ukuthi iNkosi yakhuluma kubaba, yebo, ngisho ephusheni, futhi yathi kuye: Ubusisiwe wena Lehi, ngenxa yezinto ozenzile; futhi ngenxa yokuthi ubuthembekile futhi wamemezela kulaba bantu izinto engikuyale ngazo, bheka, bafuna aukuthatha impilo yakho.

2 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi ayamyala ubaba, ngisho bephusheni, ukuthi kufanele cathathe umndeni wakhe emuke aye ehlane.

3 Futhi kwenzeka ukuthi awalilalela izwi leNkosi, ngalokho-ke wenza njengoba iNkosi imyalile.

4 Futhi kwenzeka ukuthi wemuka waya ehlane. Futhi washiya umuzi wakhe, kanjalo nezwe elaliyifa lakhe, kanye negolide lakhe, kanye nesiliva lakhe, kanye nezinto eziyigugu zakhe, futhi wangathatha lutho ukuba ahambe nakho, ngaphandle komndeni wakhe, kanye nezinto ayezidinga, kanye namatende, awemuka waya ehlane.

5 Futhi wehlela ezansi ngaseminceleni eduze nosebe aloLwandle oluBomvu; futhi wahamba ehlane eminceleni eseduze noLwandle oluBomvu; futhi wahamba ehlane nomndeni wakhe, owawenziwa ngumama, uSariya, kanye nabafowethu abadala, okwakungu bLamani, noLemuweli, kanye noSamu.

6 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esehambe izinsuku ezintathu ehlane, wamisa itende lakhe aesigodini ngasogwini lomfula wamanzi.

7 Futhi kwenzeka ukuthi wakha ai-altare bngamatshe, futhi wenza umnikelo eNkosini, futhi cwabonga eNkosini uNkulunkulu

8 Futhi kwenzeka ukuthi wawubiza lomfula, ngokuthi nguLamani, futhi wawuthululela oLwandle oluBomvu; futhi isigodi sasiseminceleni eduze kwesizalo sawo.

9 Futhi ngesikhathi ubaba ebona ukuthi amanzi omfula ayethululela emthonjeni woLwandle oluBomvu, wakhuluma kuLamani ethi: O sengathi ubungaba njengalomfula, njalo ugobhozela emthonjeni wakho konke ukulunga!

10 Futhi phezu kwalokho wakhuluma kuLemuweli ethi: O sengathi ubungaba njengalesi sigodi, ugxile ubambelele, futhi unganyakaziseki ekugcineni imiyalelo yeNkosi!

11 Manje lokhu wakukhuluma ngenxa yokuba ngontamo lukhuni kukaLamani kanye noLemuweli; ngokuba bheka abavungama ngezinto eziningi bkuyise, ngoba cwayeyindoda yemibono, futhi wayebaholile wabakhipha ezweni laseJerusalema, ukuze bashiye izwe okwakuyifa labo, kanye negolide labo, kanye nesiliva labo, kanye nezinto ezingamagugu zabo, ukuze babhubhele ehlane. Futhi bathi wayekwenze lokhu ngenxa yobuwula bemicabango yenhliziyo yakhe.

12 Futhi kungalendlela uLamani noLemuweli abavungamela ngayo uyise, kuyibo abadala. Futhi bavungama ngoba ababengazazi izenzo zikalowo Nkulunkulu owayebadalile.

13 Futhi babengakholwa ukuthi iJerusalema, lelo dolobha elikhulu, alalingabhujiswa njengokusho kwamazwi abaphrofethi. Futhi babenjengamaJuda ayeseJerusalema, ayefuna ukuthatha impilo kababa.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ubaba wakhuluma kubo esigodini sikaLemuweli, angamandla, egcwaliswe ngoMoya, kwaze kwathi uhlaka lwemizimba yabo blwathuthumela phambi kwakhe. Futhi wabathobisa, kangangoba ababange besalokotha bakhulume ngokuphikisana naye; ngalokho-ke, benza njengoba wayebayalile.

15 Futhi ubaba wahlala etendeni.

16 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngimncane kakhulu, nokho ngimkhulu ngimude, futhi nginezifiso ezinkulu zokwazi angezimfihlakalo zikaNkulunkulu, ngalokho-ke, ngakhala eNkosini; futhi bheka nempela byangihambela, futhi cyayithambisa inhliziyo yami kangangokuthi dngakholwa yiwo wonke amazwi ayekhulunywe engubaba; ngalokho-ke, mina angizange ngimvukele njengabafowethu.

17 Futhi ngakhuluma kuSamu, ngimazisa ngezinto iNkosi eyayizivezile kimi ngoMoya wayo oyiNgcwele. Futhi kwenzeka ukuthi wakholelwa emazwini ami.

18 Kodwa, bheka, uLamani noLemuweli abazange bawalalele amazwi ami; futhi angidabukile ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo ngabakhalela eNkosini.

19 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yakhuluma kimi, ithi: Ubusisiwe wena, Nefi, ngenxa ayokholo lwakho, ngokuba ungifunile ngokukhuthala, nangokuthobeka kwenhliziyo.

20 Futhi kangangoba uyoyigcina imiyalelo yami, auyophumelela, futhi uyoholelwa bezweni lesethembiso; yebo, ngisho izwe engikulungisele lona; yebo, izwe elikhethiweyo ngaphezu kwawo wonke amanye amazwe.

21 Futhi kangangoba abafowenu beyokuvukela, abayohlukaniswa neNkosi.

22 Futhi kangangoba uyoyigcina imiyalelo yami, uyokwenziwa aumbusi nomfundisi phezu kwabafowenu.

23 Ngokuba bheka, ngalolo suku abayongivukela ngalo, angiyobaqalekisa ngisho nangesiqalekiso esibuhlungu, futhi ngeke babe namandla ngaphezu kwenzalo yakho ngaphandle uma nayo ingivukela futhi.

24 Futhi uma kwenzeka ukuthi bangivukele, bayokuba awuhlupho enzalweni yakho, ukuba bbayivusele ezindleleni zokukhunjuzwa.