ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 17


Isigaba 17

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Oliver Cowdery, kuDavid Whitmer, kanye nakuMartin Harris, eFayette, eNew York, ngoJuni 1829, ngaphambi kokuthi babone izingcwephe eziqoshiwe eziqukethe imibhalo ngeNcwadi kaMormoni. UJoseph nombhali wakhe, u-Oliver Cowdery, babethole ulwazi ekuhumusheni izingcwephe zeNcwadi kaMormoni lokuthi abathathu ofakazi abakhethekileyo babezo qokwa. (bheka ku-Etere 5:2–4; 2 Nefi 11:3; 27:12). U-Oliver Cowdery, noDavid Whitmer, kanye noMartin Harris baqhutshwa wukulangazelela okunentshisekelo ukuba babe yilabofakazi abathathu abakhethekileyo. UmPhrofethi wabuza iNkosi, lesi sambulo sabe sesi nikwa kuphendulwa umbuzo nge-Urimi neThumimi.

1–4, Ngokholo oFakazi abaThathu bazozibona izingcwephe nezinye izinto ezingcwele; 5–9, UKristu ufakaza ngeNcwadi kaMormoni njengesuka kuNkulunkulu.

1 Bheka, ngithi kini, kufanele nithembele ezwini lami, okuyothi uma nikwenza ngokuphikelela okupheleleyo, niyokwazi aukubona bizingcwephe, kanye nesivikelo sesifuba, cnenkemba kaLabani, ne-dUrimi neThumimi, okwanikezwa eumfowabo kaJarede phezulu entabeni, ngesikhathi ekhuluma neNkosi fubuso nobuso, futhi gnezinti eziyisimangaliso ezikhombisa indlela ezanikezwa uLehi ngesikhathi besehlane, emngceleni hwoLwandle oluBomvu.

2 Futhi kungokholo lwenu ukuthi nizokwazi ukuzibona, ngisho ngalolokholo lwabaphrofethi basemandulo.

3 Futhi emva kokuba senithole ukholo, futhi senizibonile ngamehlo enu, aniyofakaza ngazo, ngamandla kaNkulunkulu;

4 Futhi lokhu niyokwenza ukuze inceku yami uJoseph Smith, omNcane, bangalonakalisi udumo lwakhe, ukuze ngifeze izinhloso zami ezilungileyo kubantwana babantu ngalomsebenzi.

5 Futhi niyofakaza ukuthi nizibonile, njengoba nenceku yami uJoseph Smith, omNcane, ezibonile; ngokuba kungamandla ami ukuthi ukwazile ukuzibona, futhi kungoba ubenokholo.

6 Futhi uyihumushile aincwadi, ngisho leyo bngxenye engimyalile ngayo, futhi njengoba iNkosi yenu noNkulunkulu wenu iphila kuyiqiniso.

7 Ngalokho-ke, niphiwe amandla afanayo, futhi nokholo olufanayo, nesipho esifanayo njengakuye;

8 Futhi uma niyigcina lemiyalelo yami yokugcina, engininike yona, aamasango esihogo ngeke abuse phezu kwenu; ngokuba bumusa wami unanele, futhi niyo cphakanyiswa ngosuku lokugcina.

9 Futhi mina, uJesu Kristu, aiNkosi yenu noNkulunkulu wenu, ngikukhulumile lokhu kini, ukuze ngifeze izinhloso zami ezilungileyo kubantwana babantu. Amen.