ImiBhalo eNgcwele
Abrahama 1


INcwadi ka-Abrahama

IHunyushwe kuSuka kokusaPhepha, nguJoseph Smith

UkuHunyushwa kwemiBhalo yasendulo ewele ezandleni zethu isuka kwimihume yaseGibithe okwakukhwezwa kuyo izidumbu. Imibhalo ka-Abrahama ngesikhathi eseGibithe, ebizwa ngeNcwadi ka-Abrahama, ebhalwe ngesandla sakhe uqobo, kokusaphepha.

Isahluko 1

U-Abrahama ufuna ukuthola izibusiso zohlelo lobuphatriyakhi—Uhlushwa ngabaphristi bamanga eKalediya—UJehova uyamhlenga—Umdabuko nokubuswa kweGibithe kuyachazwa.

1 Ezweni la amaKaledi, ekhaya lobaba, mina, bu-Abrahama, ngabona ukuthi kwakudingekile ukuba ngithole enye indawo yoku chlala;

2 Futhi, ngithola ukuthi kwakunoku athokoza okukhulu no bkuthula kimi, ngafuna izibusiso zobaba, nelungelo lokuba ngigcotshwe ukuze ngiphathe lezo zibusiso; kade nami uqobo ngingumlandeli wo ckulunga, ngifisa futhi ukuba ngomunye ono dlwazi olukhulu, nokuba ngumlandeli wokulunga othembekileyo, futhi nokuba ngibe nolwazi oluningana, futhi nokuba ngibe ngubaba wezizwe eziningi, inkosi yokuthula, futhi ngifisa ukuthola iziyalo, nokuba ngigcine imiyalelo kaNkulunkulu, ngaba yindlalifa ngokusemthethweni, euMphristi omKhulu, ngiphethe filungelo elingelobaba.

3 La anikwa kimi lisuka kobaba; lehla njalo lisuka kobaba, kusuka ekuqaleni kwesikhathi, yebo, ngisho kusuka ekuqaleni, noma ngaphambi kokusekelwa komhlaba, kwehla njalo kuze kube yisikhathi samanje, ngisho ilungelo le bzibulo, noma indoda yokuqala, engu-cAdamu, noma ubaba wokuqala, ngobaba kwehla njalo kuze kube kimi.

4 Ngafuna aukubekwa kwami kubo ubuPhristi ngendlela uNkulunkulu abeka ngayo obaba ngokuphathelene nenzalo.

5 aObaba bami, sebekushiyile ukulunga kwabo, nemiyalelo engcwele iNkosi uNkulunkulu wabo eyayibanike yona, bbakhonza onkulunkulu babahedeni, benqaba impela ukulalela izwi lami;

6 Ngokuba izinhliziyo zabo zazigxile ekwenzeni ububi, futhi zase zigxile ngokuphelele ku ankulunkulu ka-Elkena, naku nkulunkulu kaLibna, naku nkulunkulu kaMamakra, naku nkulunkulu kaKorashi, naku nkulunkulu kaFaro, inkosi yaseGibithe;

7 Ngakho-ke izinhliziyo zabo zaphendukela kwiminikelo yabahedeni ekunikeleni abantwana babo kulezi zithixo ezingakhulumi, futhi bangalilalela izwi lami, kodwa bazama ukuthatha impilo yami ngesandla somphristi ka-Elkena. Umphristi ka-Elkena wayengumphristi kaFaro futhi.

8 Manje, ngalesi sikhathi kwakuwusiko lwabaphristi baFaro, inkosi yaseGibithe, ukunikela e-altare elalakhiwe ezweni laseKalediya, ukuze kunikelwe kulabonkulunkulu abangaziwa, amadoda, abesifazane, nabantwana.

9 Futhi kwenzeka ukuthi lomphristi wenza umnikelo kunkulunkulu kaFaro, nakunkulunkulu kaShagrili, ngisho ngendlela yabaseGibithe. Manje unkulunkulu kaShagrili kwakuyilanga.

10 Ngisho umnikelo wokubonga womntwana umphristi kaFaro wawunikela e-altare elalime ngasegqumeni elalibizwa ngokuthi yiGquma lika-Photifari, lapho kuqala khona ithafa lase-Olishemi.

11 Manje, lomphristi wayesenikele kuleli-altare izintombi ezimsulwa ezintathu ngesikhathi esisodwa, ezazingamadodakazi ka-Onitha, omunye wasebukhosini ophuma ngqo okhalweni luka aHamu. Lezi zintombi ezimsulwa zanikelwa ngenxa yokulunga kwazo; zazingeke zivume bukuguqa zikhonze onkulunkulu bokhuni noma betshe, ngakho-ke zabulawela phezu kwaleli-altare, futhi kwenziwa ngendlela yaseGibithe.

12 Futhi kwenzeka ukuthi abaphristi bangibamba ngendluzula, ukuze bangibulale nami futhi, njengoba benza kulezo zintombi ezimsulwa phezu kwaleli-altare; futhi ukuze ube nolwazi lwaleli-altare, ngizokuyalela emfanekisweni osekuqaleni kwalombhalo.

13 Lalakhiwe ngesimo sohlaka lombhede, njengalolo olwalukhona phakathi kwamaKaledi, futhi lalime phambi konkulunkulu ba-Elkena, baLibna, baMamakra, nabaKorashi, futhi nonkulunkulu ofana nokaFaro, inkosi yaseGibithe.

14 Ukuze ube nokuqonda ngalabo nkulunkulu, ngikunike umfanekiso wabo kulemidwebo ewekuqaleni, loluhlobo lwemidwebo lubizwa ngamaKaledi ngokuthi yiRahleenos, okusho ukuloba ngemifanekiso.

15 Futhi ngesikhathi bengibamba ngezandla zabo, ukuze banginikele futhi bathathe impilo yami, bheka, ngaphakamisela izwi lami eNkosini uNkulunkulu wami, futhi iNkosi ayalalela futhi yezwa, futhi yangigcwalisa ngombono kaMninimandla Onke, futhi ingelosi esuka kuye yema eduze nami, futhi masinyane byazikhulula izibopho zami;

16 Futhi izwi lakhe lathi kimi: Abrahama, Abrahama, bheka, igama lami ngingu aJehova, futhi ngikuzwile, futhi ngehle ukuzoku khulula, nokuzokususa emzini kayihlo, nakuzo zonke izihlobo zakho, ngikuse kwelinye bizwe ongalaziyo;

17 Futhi lokhu kungenxa yokuthi sebezisusile izinhliziyo zabo kimi, ukuze bakhonze unkulunkulu ka-Elkena, nonkulunkulu ka-Libna, nonkulunkulu kaMahmackra, nonkulunkulu kaKorashi, nonkulunkulu kaFaro, inkosi yaseGibithe, ngakho-ke ngehlele ukuba ngizobajezisa, futhi nokuba ngizombhubhisa lowo ophakamisela isandla kuwe, Abrahama, ndodana yami, ukuba akubulale.

18 Bheka, ngizokuhola ngesandla sami, futhi ngizokuthatha, ukuba ngibeke kuwe igama lami, ngisho aubuPhristi bukayihlo, futhi namandla ami ayoba phezu kwakho.

19 Njengoba kwakunjalo kuNowa kuyoba njalo nakuwe; kodwa ngobufundisi bakho aigama lami liyokwaziwa emhlabeni phakade, ngokuba nginguNkulunkulu wakho.

20 Bheka, iGquma likaPotifari lalisezweni lase-aUri, yaseKalediya. Futhi iNkosi yalidiliza i-altare lika-Elkena, nelonkulunkulu balelozwe, futhi yababhubhisa nya, futhi yamshaya umphristi kangangoba wafa; futhi kwaba nokulila okukhulu eKalediya, ngokunjalo nasemzini kaFaro; ukuthi Faro kusho ukuthi yinkosi ngokozalo lwasebukhosini.

21 Manje lenkosi yaseGibithe yayingeyozalo olusuka okhalweni luka aHamu, futhi yayinegazi la bmaKhanani ngokuzalwa.

22 Kusuka kuloluzalo kwadabuka wonke amaGibithe, futhi negazi lamaKhanani lagcinwa kanjalo-ke kulelizwe.

23 Izwe lase aGibithe lalitholwe kuqala ngowesimame, owayeyindodakazi kaHamu, futhi eyindodakazi kaGibithusi, ngesiKaledi okusho ukuthi iGibithe, okusho ukuthi lokho okwenqatshelwe;

24 Ngesikhathi lona owesimame ethola lelizwe lalingaphansi kwamanzi, okwathi emuva kwesikhathi wahlalisa amadodana akhe kulo; futhi ngaleyo ndlela, kusuka kuHamu, kwadabuka isizwe esagcina isiqalekiso kulelizwe.

25 Manje umkhandlu ophetheyo wokuqala waseGibithe wamiswa nguFaro, indodana endala kaGibithusi, indodakazi kaHamu, futhi wawungohlobo lomkhandlu ophetheyo kaHamu, lwalungubu phatriyakhi.

26 UFaro, eyindoda elungileyo, wamisa umbuso futhi wehlulela abantu bakhe ngobuhlakani nangokulunga izinsuku zakhe zonke, efuna ngenhliziyo yakhe ukulingisa lolohlelo olwamiswa ngobaba ezizukulwaneni zokuqala, ezinsukwini zombuso wokuqala wobuphatriyakhe, ngisho ekubuseni kuka-Adamu, futhi nokukaNowa, uyise, owambusisa nge azibusiso zomhlaba, nangezibusiso zokuhlakanipha, kodwa wamqalekisa ngokuphathelene nobuPhristi.

27 Manje, uFaro engowalolozalo ngalo wayengekwazi ukuba nelungelo lo abuPhristi, nakuba oFaro babengafisa ukulifuna kusuka kuNowa, ngoHamu, ngakho-ke ubaba waholeleka ekukhonzeni kwabo izithixo;

28 Kodwa ngizozama, emuva kwalokhu, ukunikeza incazelo yokwenzeka kwezinto kuya emuva kusuka kimi kuya ekuqaleni kwendalo, ngokuba aimibhalo isifikile ezandleni zami, engisayigcinile kuze kube yisikhathi samanje.

29 Manje, emuva kokuba lomphristi ka-Elkena eseshayiwe kangangoba wafa, kwabakhona ukugcwaliseka kwalezo zinto ezashiwo kimi ngokuphathelene nezwe laseKalediya, ukuthi kufanele kubekhona indlala kulelozwe.

30 Kanjalo-ke indlala yabusa kulo lonke izwe laseKalediya, futhi ubaba wahlukumezeka kabuhlungu ngenxa yendlala, futhi waphenduka ebubini ayekucebela mina, ukuthatha aimpilo yami.

31 Kodwa imibhalo yobaba, ngisho abaphatriyakhi, ngokuphathelene nelungelo lobuPhristi, iNkosi uNkulunkulu wami yayigcina ezandleni zami; ngakho-ke ulwazi lokuqala kwendalo, futhi nolwa amaplanethi, futhi nolwezinkanyezi, njengoba kwaziswa kobaba, ngisalugcinile ngisho kuze kube yimanje, futhi ngizozama ukubhala ezinye zalezi zinto kulombhalo, ukuze kuzuze inzalo yami eyokuza emuva kwami.