ImiBhalo eNgcwele
Mose 3


Isahluko 3

(Juni–Oktoba ngo1830)

UNkulunkulu wadala zonke izinto ngokomoya ngaphambi kokuba zibe ngokwemvelo emhlabeni—Wadala indoda, inyama yokuqala, emhlabeni—Owesifazane ungumsizi wendoda.

1 Ngalendlela izulu nomhlaba akwaqedwa, kanye bnombuthano wakho wonke.

2 Futhi ngosuku lwesikhombisa mina, uNkulunkulu, ngawuqeda umsebenzi wami, nazo zonke izinto engase ngizenzile; futhi angaphumula ngo bsuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzini wami, futhi zonke izinto engase ngizenzile zase ziqediwe, futhi mina, uNkulunkulu, ngabona ukuthi zazi zinhle;

3 Futhi mina, uNkulunkulu, ngalu abusisa usuku lwesikhombisa, futhi ngalungcwelisa; ngokuba ngalolo suku ngaphumula kuwo wonke bumsebenzi mina, uNkulunkulu, engase ngiwudalile futhi ngawenza.

4 Manje, bheka, ngithi kuwe, lezi yizinxenye zezulu nomhlaba, ngesikhathi zidalwa, mhla mina, iNkosi uNkulunkulu, ngenza izulu nomhlaba.

5 Futhi zonke izitshalo zasendle azingakabi bikho emhlabeni, futhi nayo yonke imifino yasendle ngaphambi kokuba ikhule. Ngokuba mina, iNkosi uNkulunkulu, bngazidala zonke izinto, esengikhulume ngazo, cngokomoya, ngaphambi kokuba zibe khona ngokwemvelo ebusweni bomhlaba. Ngokuba mina, iNkosi uNkulunkulu, ngangingakenzi ukuba imvula ine ebusweni bomhlaba. Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngase ngiba ddalile bonke abantwana babantu; futhi kungakabi bikho muntu owayezolima eumhlabathi; ngokuba fezulwini gngabadala; futhi kwakungakabi bikho okuphilayo emhlabeni, noma emanzini, noma emkhathini;

6 Kodwa mina, iNkosi uNkulunkulu, ngakhuluma, futhi kwenyuka ainkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlabathi.

7 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngambumba umuntu ngo athuli lomhlabathi, futhi ngaphefumelela emakhaleni akhe umoya wokuphila; futhi bumuntu waba cngumuntu ophilayo, dinyama yokuqala emhlabeni, umuntu wokuqala futhi; nokho, zonke izinto zazidalwe ngaphambilini; kodwa ngokomoya zazidaliwe futhi zenziwe ngokwezwi lami.

8 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngatshala insimu e-aEdene ngasempumalanga, futhi lapho ngambeka khona umuntu engangimenzile.

9 Futhi emhlabathini ngenza mina, iNkosi uNkulunkulu, ukuba kumile yonke imithi, ngokwemvelo, egculisayo emehlweni omuntu; futhi umuntu wayengayibona. Futhi nayo yaba yimithi ephilayo. Ngokuba yayingumoya ngosuku engayidala ngalo; ngokuba yayihleli kuleyondawo lapho mina, uNkulunkulu, engangiyidalele khona, yebo, ngisho zonke izinto engazilungiselela ukusetshenziswa ngumuntu; futhi umuntu wabona ukuthi zazilungele ukuba ngukudla. Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngatshala aumuthi wokuphila maphakathi nensimu, futhi bnomuthi wokwazi okuhle nokubi.

10 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngenza ukuba umfula ugobhoze e-Edene ukunisela insimu; futhi kusuka lapho wahlukana, futhi waba ayimifula emine.

11 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngawubiza owokuqala ngegama lokuthi iPishoni; futhi wawuzungeza izwe lonke laseHavila, lapho mina, iNkosi uNkulunkulu, engadala khona igolide eliningi.

12 Futhi igolide lalelozwe lalilihle, futhi kwakukhona itshe lebedola netshe leshohamu.

13 Futhi igama lomfula wesibili wabizwa ngeGihoni; yiwo ozungeza lonke izwe laseKushe.

14 Futhi igama lomfula wesithathu lalinguHidekeli; lowo oya ngasempumalanga yase-Asiriya. Futhi owesine umfula kwakuyi-Ewufrathe.

15 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngase ngimthatha umuntu, ngambeka eNsimini yase-Edene, ukuba ayilime, futhi ayigcine.

16 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngamyala umuntu, ngathi: Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho,

17 Kepha emthini wokwazi okuhle nokubi, ungadli kuwo, nokho, aungazikhethela, ngokuba kunikiwe kuwe; kepha, khumbula ukuthi ngiyakwenqabela lokho, ngokuba bngosuku oyokudla ngalo kuwo cuyokufa nokufa.

18 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngathi ko aZelwe Yedwa wami, akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa; ngalokho-ke, ngizomenzela bumsizi wakhe.

19 Futhi ngomhlabathi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngabumba zonke izilwane zasendle, nezinyoni zonke zezulu, futhi ngayala ukuthi ziye ku-Adamu, ukuba abone ukuthi uziqamba ngokuthini; nazo futhi zaba yizidalwa eziphilayo; ngokuba mina, uNkulunkulu, ngaphefumulela kuzo umoya wokuphila, futhi ngayala ukuthi noma yiliphi igama u-Adamu aziqamba ngalo, lokhu kube igama lazo.

20 Futhi u-Adamu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, futhi nazo zonke izilwane zasendle; kepha mayelana no-Adamu, wayengakatholelwa umsizi wakhe.

21 Futhi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngamehlisela ubuthongo obukhulu u-Adamu; futhi walala, ngase ngithatha olulodwa lwezimbambo zakhe futhi ngavala ngenyama esikhundleni salo;

22 Futhi ngobambo mina, iNkosi uNkulunkulu, engase ngiluthathe endodeni, ngenza aowesifazane, futhi ngamyisa endodeni.

23 Futhi u-Adamu wayesethi: Lona ngiyazi manje ukuthi uyithambo lamathambo ami, anenyama yenyama yami; uyobizwa ngokuthi owesiFazane ngokuba wayethathwe endodeni.

24 Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina, futhi ainamathele kumfazi wayo; futhi bayokuba bnyamanye.

25 Futhi bobabili babehamba ze, indoda nomfazi wayo, futhi babengenamahloni.