ImiBhalo eNgcwele
Abrahama 2


Isahluko 2

U-Abrahama uyahamba e-Uri uya eKhanani—UJehova uvela kuye eHarana—Zonke izibusiso zevangeli zithenjiswa enzalweni yakhe futhi ngenzalo yakhe kubo bonke—Uya eKhanani futhi uqhubekela eGibithe.

1 Manje iNkosi uNkulunkulu yenza indlala ukuba indlange kakhulu ezweni lase-Uri, kangangoba uHarana, umfowethu, wafa; kodwa uThera, ubaba, waqhubeka nokuhlala ezweni lase-Uri, lamaKaledi.

2 Futhi kwenzeka ukuthi mina, u-Abrahama, ngathatha uSarayi ukuba abe ngumfazi wami, futhi no Nahori, umfowethu, wathatha uMilka ukuba abe ngumfazi wakhe, nowaye yindodakazi kaHarana.

3 Manje iNkosi yayithe kimi: Abrahama, phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.

4 Ngakho-ke ngalishiya izwe lase-Uri, lamaKaledi, ukuze ngiye ezweni laseKhanana; futhi ngathatha uLoti, indodana yomfowethu, nomfazi wakhe, noSarayi umfazi wami; futhi no baba wangilandela, saya ezweni esaliqamba ngokuthi yiHarana.

5 Futhi indlala yancipha; futhi ubaba wasala eHarana futhi wahlala lapho, njengoba kwakunemihlambi eminingi eHarana; futhi ubaba wabuyela ekukhonzeni kwakhe izithixo, ngakho-ke waqhubeka nokuhlala eHarana.

6 Kodwa mina, u-Abrahama, no Loti, indodana kamfowethu, sakhuleka eNkosini, futhi iNkosi yavela kimi, futhi yathi kimi: Vuka, futhi uthathe uLoti ahambe nawe; ngokuba ngihlose ukukukhipha uphume eHarana, futhi nokuba ngikwenze umshumayeli ukuze ufakaze nge gama lami ezweni ongalaziyo engizolinika inzalo yakho emuva kwakho libe yifa laphakade, uma belilalela izwi lami.

7 Ngokuba ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho; ngihlala ezulwini; umhlaba isenabelo sezinyawo zami; ngelulela isandla sami phezu kolwandle, futhi lilalele izwi lami; ngenza umoya nomlilo kube yinqola yami; ngithi ezintabeni—Sukani manje—futhi bheka, ziyasuswa yisivunguvungu somoya, ngokuphazima kweso, masinyane.

8 Igama lami ngingu Jehova, futhi ngiyasazi isiphetho kusuka ekuqaleni; ngakho-ke isandla sami siyokuba phezu kwakho.

9 Futhi ngizokwenza isizwe esikhulu, futhi ngizoku busisa kakhulu, futhi ngenze igama lakho libe likhulu phakathi kwezizwe zonke, futhi uyokuba yisibusiso enzalweni yakho emuva kwakho, ukuthi ezandleni zabo bayoletha lobu bufundisi no buPhristi ezizweni zonke;

10 Futhi ngizobabusisa ngegama lakho; ngokuba ngobuningi balabo abayokwemukela leli Vangeli bayobizwa ngegama lakho, futhi bayobalwa njenge nzalo zakho, futhi bayophakama futhi bakubusise, njengo yise;

11 Futhi ngizoba busisa labo abakubusisayo, futhi ngibaqalekise labo abakuqalekisayo; futhi kuwe (okungukuthi, kubuPhristi bakho) nakuyo inzalo yakho (okungukuthi, ubuPhristi bakho), ngokuba ngikunika isethembiso sokuthi leli lungelo liyohlala likuwe, nakuyo inzalo yakho emuva kwakho (okungukuthi, inzalo yakho uqobo, noma inzalo yomzimba) imindeni yonke yomhlaba iyobusiswa, ngisho nangezibusiso zeVangeli, okuyizibusiso zensindiso, ngisho ukuphila okuphakade.

12 Manje, emuva kokuba iNkosi isiyekile ukukhuluma kimi, futhi yabususa ubuso bayo kimi, ngathi enhliziyweni yami: Inceku yakho iku funile ngenhliziyo yayo; manje sengikufumene;

13 Uthumelile ingelosi yakho ukuba inzongi khulula konkulunkulu ba-Elkena, futhi kuzoba kuhle kimi ukuba ngililalela izwi lakho, ngakho-ke inceku yakho mayisukume futhi ihambe ngokuthula.

14 Ngakho-ke mina, u-Abrahama, ngahamba njengoba iNkosi yayishilo kimi, noLoti wahamba nami; futhi mina, u-Abrahama, ngase ngineminyaka engamashumi ayisithupha nambili ubudala ngesikhathi ngihamba eHarana.

15 Futhi ngathatha uSarayi, engamenza umfazi wami ngisese Uri, eKalediya, noLoti, indodana yomfowethu, nempahla yonke esase siyiqoqile, nabantu esase sibazuzile eHarana; saphuma sahamba endleleni eya ezweni lase Khanana, futhi sahlala ematendeni ngesikhathi sisahamba endleleni yethu;

16 Ngakho-ke, iphakade kwakuyisivikelo sethu ne dwala lethu nensindiso yethu, ngesikhathi sihamba sisuka eHarana sidlula ngendlela yaseJereshoni, ukuza ezweni laseKhanana.

17 Manje mina, u-Abrahama, ngakha i-altare ezweni laseJereshoni, futhi ngenza umnikelo eNkosini, futhi ngakhulekela ukuthi indlala isuswe endlini kababa, ukuze bangafi.

18 Futhi sadlula sisuka eJereshoni phakathi nezwe saya endaweni yaseShekemi; yayingasemathafeni aseMore, futhi sase sifike emingceleni yezwe la maKhanana, futhi ngenza umnikelo lapho emathafeni aseMore, futhi ngakhuleka eNkosini ngokushisekela, ngokuba sase sifikile ezweni lesizwe esikhonza izithixo.

19 Futhi iNkosi yavela kimi ukuphendula imikhuleko yami, futhi yathi kimi: Lelizwe ngizolinika inzalo yakho.

20 Futhi mina, u-Abrahama, ngasukuma endaweni ye-altare engangilakhele iNkosi, futhi ngasuka ngaleso sikhathi ngaya entabeni eyayisempumalanga ye Bethele, futhi ngagxumeka itende lami lapho, iBhethele ingasentshonalanga, futhi i-Ayi ingasempumalanga; futhi lapho ngakhela iNkosi elinye i-altare, ngaphinde ngali biza futhi igama leNkosi.

21 Futhi mina, u-Abrahama, ngahamba, ngiqhubeka ngiya ngaseningizimu; futhi lapho kwakusaqhubeka indlala ezweni; futhi mina, u-Abrahama, ngathatha isinqumo sokuya ezansi eGibithe, ukuyohlala isikhashana lapho, ngokuba indlala yadlanga kakhulu.

22 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sengisondela ukungena eGibithe, iNkosi yakhi kimi: Bheka, uSarayi, umfazi wakho, ungowesifazane omuhle kakhulu obukekayo;

23 Ngakho-ke kuyokwenzeka, uma abaseGibithe bembona, bayothi—Ungumkakhe; futhi bazokubulala, kodwa bayoyisindisa eyakhe impilo; ngakho-ke qinisekani ukuthi nenza kanje:

24 Makathi kumaGibithe, ungudadewenu, futhi wena uyophila.

25 Futhi kwenzeka ukuthi mina, u-Abrahama, ngamtshela uSarayi, umfazi wami, konke lokho iNkosi eyayikushilo kimi—Ngakho-ke thana kubo, ngiyakucela, ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, futhi ngiyophila ngenxa yakho.