ImiBhalo eNgcwele
Moroni 6


Isahluko 6

Abantu abaphendukayo bayabhabhadiswa futhi kuhlanganwa nabo ngobungane—Amalunga ebandla aphendukayo ayathethelelwa—Imihlangano iqhutshwa ngamandla kaMoya oyiNgcwele. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Manje sengikhuluma ngokuphathelene anombhabhadiso. Bheka, amagosa, abaphristi, kanye nabafundisi babebhabhadiswa; futhi babengabhabhadiswa ngaphandle kokuthi balethe izithelo ezifanele zokuthi bakhombise ukuthi bbafanelekile.

2 Futhi babengemukeli namunye embhabhadisweni ngaphandle kokuthi beza angenhliziyo edabukileyo nangomoya ophukileyo, futhi bekhombisa ebandleni ukuthi base bephenduke ngeqiniso ezonweni zabo zonke.

3 Futhi akukho namunye owayemukelwa embhabhadisweni ngaphandle kokuthi abemukele uKristu futhi babizwe ngaye, bephokophelele ukumsebenzela kuze kube sekugcineni.

4 Futhi emva kokuthi sebemukelwe embhabhadisweni, futhi sebethintwe futhi abahlanzwa ngamandla kaMoya oyiNgcwele, babebalwa kanye nabantu bebandla likaKristu; futhi bamagama abo ayethathwa, ukuze bakhunjulwe futhi bondliwe ngezwi elihle likaNkulunkulu, ukuze babagcine besendleleni eyiyo, ukuze babagcine njalo cbehlala bekhuleka, dbethembele kuphela ezenzweni ezinhle zikaKristu, owayengu emqambi kanye nomphelelisi wokholo lwabo.

5 Futhi aibandla lalihlangana ndawonye bnjalo, ukuze clizile ukudla futhi likhuleke, kanye nokuthi baxoxisane omunye nomunye mayelana nokuzuza kwemiphefumulo yabo.

6 Futhi babehlangana njalo ukuze badle isinkwa kanye newayini, ukukhumbula iNkosi uJesu.

7 Futhi babeqikelela ukuthi babheke ukuthi abungabibikho ububi phakathi kwabo; futhi lowo owayetholwa enze ububi, bofakazi abathathu bebandla babebalahla ngecala phambi ckwamagosa, futhi uma babengaphenduki, futhi dbengavumi, amagama abo eayesulwa, futhi babengabalwa nabantu baKristu.

8 Kepha ngokuphenduka kwabo anjalo futhi becela intethelelo, ngenhloso okuyiyo, bbabethethelelwa.

9 Futhi imihlangano yabo ayayiqhutshwa yibandla ngendlela yokusebenza kukaMoya, kanye nangamandla ka bMoya oyiNgcwele; ngokuba njengoba amandla kaMoya oyiNgcwele ayebahola ukuthi bashumayele, noma bakhuthaze, noma bakhuleke, noma banxuse, noma bacule, kwakwenziwa lokho.