ImiBhalo eNgcwele
Jakobe 4


Isahluko 4

Bonke abaphrofethi babekhonza uBaba egameni likaKristu—Ukunikela kuka-Abrahama ngo-Isaka kwakungumfanekiso kaNkulunkulu kanye noZelwe Yedwa Wakhe—Abantu kumele babuyisane noNkulunkulu ngeNhlawulo—AmaJuda azolenqaba itshe lesisekelo. Cishe ngonyaka wama 544 kuya kowama 421 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje bheka, kwenzeka ukuthi mina, Jakobe, sengibafundisile okuningi abantu bami ngezwi, (futhi ngeke ngikwazi ukubhala ngaphandle kokuncane nje kwamazwi ami, ngenxa yobulukhuni bokuqopha amazwi ethu phezu kwezingcwephe) futhi siyazi ukuthi izinto esizibhalayo phezu kwalezi zingcwephe kufanele zihlale;

2 Kodwa noma ngabe yiziphi izinto esizibhalayo phezu kwanoma yini enye into ngaphandle kwasezingcwepheni kufanele zishabalale futhi zinyamalale; kodwa singawabhala amazwi ambalwa phezu kwezingcwephe, ayonikeza abantwana bethu, futhi ngokunjalo nabafowethu abathandekayo, ulwazi oluncane mayelana nathi, noma mayelana noyise—

3 Manje kulento siyathokoza; futhi sisebenza ngokukhuthala ukuqopha lamazwi phezu kwezingcwephe, sethemba ukuthi abafowethu abathandekayo kanye nabantwana bethu bazowemukela ngezinhliziyo ezibongayo, futhi babheke kuwo ukuze bafunde ngokujabula futhi hhayi ngokudabuka, noma ngokwedelela, mayelana nabazali babo bokuqala.

4 Ngokuba, ngalenhloso sizibhalile lezi zinto, ukuze bazi ukuthi sasazi ngoKristu, futhi sasinethemba lenkazimulo yakhe amakhulu amaningi eminyaka ngaphambi kokufika kwakhe; futhi hhayi ukuthi yithina kuphela nje esasinethemba lenkazimulo yakhe, kodwa ngokunjalo nabo bonke abaphrofethi abangcwele ababengaphambi kwethu.

5 Bheka, babekholwa kuKristu futhi bemkhonza uBaba egameni lakhe, ngokunjalo nathi sikhonza uBaba egameni lakhe. Futhi ngalenhloso sigcina umthetho kaMose, okhombisa imiphefumulo yethu kuye; futhi ngalesi sizathu kuthathwa ngokuthi senza ukulunga, ngisho njengoba kwancomeka ku-Abrahama ehlane ukuthi alalele imiyalelo kaNkulunkulu ekunikeleni ngendodana yakhe u-Isaka, lokho okungumfanekiso kaNkulunkulu kanye neNdodana yakhe eZelwe Yodwa.

6 Ngalokho-ke, siyabacwaninga abaphrofethi, futhi sinezambulo eziningi kanye nomoya wokuphrofetha; futhi ngokuba nabo bonke labofakazi sithola ithemba, futhi ukholo lwethu lungabe lusanyakaziseka, kangangokuthi ngempela singayala ngegama likaJesu futhi izihlahla zona kanye zisilalele, noma izintaba, noma amagagasi olwandle.

7 Nokho, iNkosi uNkulunkulu isikhombisa ubuthakathaka bethu ukuze sazi ukuthi kungenxa yomusa wayo, kanye nokuzehlisa kwayo okukhulu kubantwana babantu, ukuthi sibe namandla okwenza lezi zinto.

8 Bheka, mikhulu futhi iyamangalisa imisebenzi yeNkosi. Akucwaningeki kangakanani ukujula kwezimfihlakalo zayo; futhi akunakwenzeka ukuthi umuntu athole zonke izindlela zayo. Futhi akukho muntu owaziyo ngezindlela zayo ngaphandle kokuthi zembulwe kuye; ngalokho-ke, bafowethu, ningazideleli izambulo zikaNkulunkulu.

9 Ngokuba bheka, ngamandla ezwi lakhe umuntu weza phezu kobuso bomhlaba, lowo mhlaba owawudalwe ngamandla ezwi lakhe. Ngalokho-ke, uma uNkulunkulu ekwazi ukukhuluma futhi umhlaba wabakhona, wakhuluma futhi umuntu wadalwa, O pho-ke, kungani engenakukwazi ukuyala umhlaba, noma umsebenzi wezandla zakhe phezu kobuso bawo, njengokuthanda kanye nokufisa kwakhe na?

10 Ngalokho-ke, bafowethu, musani ukufuna ukweluleka iNkosi, kodwa ukuthatha ukwelulekwa esandleni sayo. Ngokuba bhekani, nina qobo lwenu niyazi ukuthi yeluleka ngokuhlakanipha, nangokulunga, kanye nangomusa omkhulu, phezu kwayo yonke imisebenzi yayo.

11 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, buyisanani naye ngenhlawulo kaKristu, iNdodana yakhe eZelwe Yodwa, futhi ningathola uvuko, njengokwamandla ovuko akuKristu, futhi nilethwe njengezithelo zokuqala zikaKristu kuNkulunkulu, ninokholo, futhi nithole ithemba elihle lenkazimulo kuye ngaphambi kokuzibonakalisa kwakhe esenyameni.

12 Manje, bathandekayo, ningamangali ukuthi nginitshela lezi zinto; ngokuba kungani kungakhulunywa ngenhlawulo kaKristu, futhi kuzuzwe ulwazi oluphelele lwakhe, njengokuzuza ulwazi lovuko kanye nomhlaba ozayo na?

13 Bhekani, bafowethu, lowo ophrofethayo, makaphrofethe ngokuqonda kwabantu; ngokuba uMoya ukhuluma iqiniso futhi awuqambi manga. Ngalokho-ke, ukhuluma ngezinto njengoba ngempela zinjalo, futhi nangezinto njengoba ngempela zizokuba njalo; ngalokho-ke, lezi zinto zibonakaliswa kithi ngokusobala, ukuze kusindiswe imiphefumulo yethu. Kodwa bhekani, thina asibona ofakazi sodwa kulezi zinto; ngokuba phezu kwalokho uNkulunkulu wazikhuluma nakubo abaphrofethi basendulo.

14 Kodwa bhekani, amaJuda ayengontamolukhuni babantu; futhi awadelela amazwi acacileyo, futhi abulala abaphrofethi, futhi afuna izinto ayengenakuziqonda. Ngalokho-ke, ngenxa yobumpumputhe bawo, lobo bumpumputhe obafika ngokubuka ngale komgomo, kufanele awe; ngokuba uNkulunkulu ukususile okusobala kwakhe kuwo, futhi wathumela kuwo eziningi izinto angenakuziqonda, ngenxa yokuthi ayezifisa. Futhi ngenxa yokuthi ayezifisa uNkulunkulu ukwenzile lokhu, ukuze akhubeke.

15 Manje mina, Jakobe, ngiholelwa nguMoya ekuphrofetheni; ngokuba ngiyabona ngokusebenza kukaMoya okimi, ukuthi ngokukhubeka kwamaJuda azolenqaba lelo tshe abengakhela phezu kwalo futhi abe nesiphephile isisekelo.

16 Kodwa bhekani, ngokwemibhalo engcwele, leli litshe liyokuba ngesikhulu, nesokugcina, futhi isisekelo esiyiso kuphela, amaJuda angakhela phezu kwaso.

17 Manje, bathandekayo bami, kungenzeka kanjani ukuthi laba, emva kokuthi sebesenqabile isisekelo esiyiso, bangakhela phezu kwaso futhi, ukuze sibe yinhloko yengosi yabo na?

18 Bhekani, bafowethu abathandekayo, ngizoyembula lemfihlakalo kini; uma kungenzeki, nangayiphi indlela, ngithole ukunyakaziswa ekuqineni kwami eMoyeni, futhi ngikhubeke ngenxa yokukhathazeka okukhulu kwami ngani.