ImiBhalo eNgcwele
Etere 4


Isahluko 4

UMoroni uyalwa ukuthi ayigcine ilondekile imibhalo yomfowabo kaJarede—Ayizukwembulwa kuze kube abantu baba nokholo ngisho njengomfowabo kaJarede—UKristu uyala abantu ukuthi bawakholwe amazwi Akhe kanye nalawo abafundi Bakhe—Abantu bayalwa ukuthi baphenduke, bakholwe yivangeli, futhi basindiswe.

1 INkosi yayala umfowabo kaJarede ukuthi ehlele ezansi asuke entabeni phambi kweNkosi, futhi aazibhale lezo izinto ayezibonile; futhi ayivumamnga ukuthi ziye kubantwana babantu bkuze kube semva kokuthi iphakanyiselwe phezulu esiphambanweni; futhi ngalesi sizathu iNkosi uMosiya yazigcina, ukuze zingayi emhlabeni kuze kube semva kokuthi uKristu esezivezile kubantu bakhe.

2 Futhi emva kokuthi uKristu esezivezile ngempela kubantu bakhe wayala ukuthi zambulwe.

3 Manje, emva kwalokho, bonke sebencishelwe wukholo; futhi akusekho namunye ngaphandle kwamaLamani, futhi balenqabile ivangeli likaKristu; ngakho-ke ngiyalwe ukuthi ngiphinde angizifihle futhi phansi.

4 Bheka, ngibhale kulezingcwephe zona kanye lezo zinto umfowabo kaJarede azibona; futhi akukaze nanini kube khona izinto ezinkulu ezake zembulwa kunalezo ezembulwa kumfowabo kaJarede.

5 Ngalokho-ke iNkosi ingiyale ukuthi ngizibhale; futhi ngizibhalile. Futhi ingiyale ukuthi angizigcine zilondekile; futhi phezu kwalokho iyale ukuthi ngikugcine kulondekile ukuhunyushwa kwazo; ngalokho-ke ngizigcine zilondekile bizihumushi, njengokomyalelo weNkosi.

6 Ngokuba iNkosi yathi kimi: Aziyikuya kwabeZizwe kuze kube wusuku lapho beyophenduka ebubini babo, futhi bahlanzeke phambi kweNkosi.

7 Futhi ngalolo suku lapho beyosebenzisa ukholo kimi, kusho iNkosi, ngisho nanjengoba umfowabo kaJarede enza, ukuze abangcweliswe kimi, emva kwalokho ngiyozembula kubo lezo zinto umfowabo kaJarede azibona, kangangoba ngiyokwembula zonke izambulo zami, kusho uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, buBaba wamazulu kanye nomhlaba, kanye nazo zonke izinto ezikuwo.

8 Futhi lowo aoyophikisana nezwi leNkosi, makaqalekiswe; futhi lowo boyoziphika lezi zinto, makaqalekiswe; ngokuba kulabo cangiyikubakhombisa izinto ezinkulu, kusho uJesu Kristu; ngokuba nginguye okhulumayo.

9 Futhi ngokuyala kwami amazulu ayavuleka futhi aavaleke; futhi ngezwi lami bumhlaba uyozamama; futhi ngokuyala kwami abantu bakhona bayodlula, ngisho kanjalo nangomlilo.

10 Futhi lowo ongawakholwa amazwi ami akabakholwa nabafundi bami; futhi uma kungukuthi akusimi engikhulumayo, solani; ngokuba niyokwazi ukuthi yimi okhulumayo, angosuku lokugcina.

11 Kepha lowo aokholwayo yilezi zinto engizikhulumile, ngiyomvakashela ngezambulo zikaMoya wami, futhi uyokwazi futhi afakaze. Ngokuba ngenxa yoMoya wami buyokwazi ukuthi lezi zinto cziyiqiniso; ngokuba zikholisa abantu ukuthi benze okuhle.

12 Futhi noma ngabe yini ekholisa abantu ukuthi benze okuhle ivela kimi; ngokuba aokuhle akuveli komunye ngaphandle kokuthi kuvele kimi. Nginguye kanye lowo oholela abantu kubo bonke ubuhle; lowo bongezukuwakholwa amazwi ami akazukungikholwa nami—ukuthi nginguye; futhi lowo ongezukungikholwa akazukumkholwa noBaba ongithumileyo. Ngokuba bheka, nginguBaba, ngiwuku ckhanya, kanye dnokuphila, kanye neqiniso lomhlaba.

13 aWozani kimi, O nina beZizwe, futhi ngizonikhombisa izinto ezinkulu, ulwazi olufihlakele ngenxa yokungakholwa.

14 Wozani kimi, O nina ndlu ka-Israyeli, futhi akuyokwembulwa kini ukuthi zinkulu kangakanani izinto uBaba anibekele zona, kusukela ekuselweni komhlaba; futhi azizanga kini, ngenxa yokungakholwa.

15 Bhekani, uma niyosidabula leso sisitho sokungakholwa esenza ukuthi nihlale nisesimweni senu sobubi obesabekayo, kanye nobulukhuni benhliziyo, kanye nobumpumputhe bengqondo, emva kwalokho izinto ezinkulu kanye nezimangalisayo aenafihlelwa zona kusukela ekusekelweni komhlaba—yebo, uma niyobiza uBaba egameni lami, ngenhliziyo edabukileyo kanye nangomoya okhathazekileyo, emva kwalokho niyokwazi ukuthi uBaba usikhumbulile isivumelwano asenza koyihlo, O ndlu ka-Israyeli.

16 Futhi emva kwalokho aizambulo zami engenze ukuthi zibhalwe yinceku yami uJohane ziyokwambulwa emehlweni abo bonke abantu. Khumbulani, ngesikhathi senizibona lezi zinto, niyobe seniyazi ukuthi isikhathi sesiseduze ukuthi zambulwe ngezenzo uqobo.

17 Ngakho-ke, angesikhathi seniwuthola lombhalo niyobe seniyazi ukuthi umsebenzi kaBaba usuqalile kubo bonke ubuso bezwe.

18 Ngakho-ke, aphendukani nonke nina mikhawulo yomhlaba, futhi nize kimi, futhi nikholwe evangelini lami, futhi bnibhabhadiswe egameni lami; ngokuba lowo okholwayo futhi abhabhadiswe uyosindiswa; kepha lowo ongakholwayo uyovinjelwa ukusondela kuNkulunkulu; futhi cizibonakaliso ziyobalandela labo abakholwa egameni lami.

19 Futhi ubusisiwe lowo otholwa aethembekile egameni lami ngosuku lokugcina, ngokuba uyophakanyiswa ukuze ahlale embusweni olungiselelwe yena bkusukela ekusekelweni komhlaba. Futhi bhekani yimi okukhulumile lokhu. Amen.