ImiBhalo eNgcwele
Etere 9


Isahluko 9

Umbuso usuka komunye uya komunye ngokozalo, ngokuvumelena ngamacebo ngasese, kanye nangokubulala—U-Emeri wayibona iNdodana yokuLunga—Abaphrofethi abaningi bashumayela ngokuphenduka—Indlala kanye nezinyoka kuhlupha abantu.

1 Manje mina, Moroni, ngiyaqhubeka nombhalo wami. Ngakho-ke, bheka, kwenzeka ukuthi ngenxa ayamaqembu ayimfihlo ka-Akishi kanye nabangani bakhe, bheka, nempela bawuketula umbuso kaYomere.

2 Nokho, iNkosi yaba nomusa kuYomere, futhi kanjalo nakumadodana akhe kanye nakumadodakazi akhe ayengazange afune ukumbhubhisa.

3 Futhi iNkosi yamxwayisa uYomere ephusheni ukuthi emuke ezweni; ngalokho-ke uYomere wemuka ezweni kanye nomndeni wakhe, futhi wahamba izinsuku eziningi, futhi wawela wazodlula ngasegqumeni lika aShimi, futhi wawelela ngasendaweni blapho amaNefi ayebhujiselwe khona, futhi ukusuka lapho waya ngasempumalanga, futhi waze wafika endaweni eyayibizwa ngokuthi yi-Ablomu, ngasogwini lolwandle, futhi lapho wagxumeka itende lakhe, futhi kanjalo namadodana akhe kanye namadodakazi akhe, kanye nabo bonke abendlu yakhe, ngaphandle kukaJarede nomndeni wakhe.

4 Futhi kwenzeka ukuthi uJarede wagcotshwa waba yinkosi phezu kwabantu, ngesandla senkohlakalo; futhi wanikeza u-Akishi indodakazi yakhe ukuthi imgane.

5 Futhi kwenzeka ukuthi u-Akishi wayifuna impilo yomukhwe wakhe; futhi wacela labo ayekade efunge nabo ngesifungo sabasendulo, futhi balithola ikhanda lomukhwe wakhe, ngesikhathi ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, elalela abantu bakhe.

6 Ngokuba kwase kukukhulu ukwanda kwalezi zinhlangano eziyimfihlo nezikhohlakele kangangokuthi kwase konakalise izinhliziyo zabantu bonke; ngakho-ke uJarede wabulawa esesihlalweni sakhe sobukhosi, kwathi u-Akishi wabusa esikhundeni sakhe.

7 Futhi kwenzeka ukuthi u-Akishi waqala ukuba nomona nendodana yakhe, ngakho-ke wayivalela etilongweni, futhi wayondla ngokudla okuncane noma engayiphi kudla nhlobo kwaze kwaba iyafa.

8 Manje umfowabo walowo owafayo, (futhi igama lakhe kwakunguNimra) wamthukuthelela uyise ngenxa yalokho uyise ayekwenzile kumfowabo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi uNimra wabuthela ndawonye idlanzana labantu, futhi wabaleka waphuma kulelizwe, futhi wawela wayohlala noYomere.

10 Futhi kwenzeka ukuthi u-Akishi wazala amanye amadodana, futhi azizuza izinhliziyo zabantu, naphezu kokuthi babefungile kuye ukwenza zonke izinhlobo zobubi ngaleyo ndlela ayefisa ngayo.

11 Manje abantu ba-Akishi babefuna inzuzo, ngisho njengoba no-Akishi ayefuna amandla; ngalokho-ke, amadodana ka-Akishi abanikeza imali, ngaleyo ndlela badonsa ingxenye eningi yabantu ukuthi babalandele.

12 Futhi kwaqala kwabakhona impi phakathi kwamadodana ka-Akishi kanye no-Akishi, eyadonsa isikhathi esiyiminyaka eminingi, yebo, eyaholela ekubhujisweni cishe kwabo bonke abantu bombuso, yebo, ngisho bonke, ngaphandle nje kwabantu abangamashumi amathathu, kanye nalabo ababebaleke nendlu kaYomere.

13 Ngalokho-ke, uYomere wabuyiselwa futhi ezweni eliyifa lakhe.

14 Futhi kwenzeka ukuthi uYomere waqala ukuba mdala; nokho, eminyakeni yakhe yobudala wazala u-Emeri; futhi wamgcoba u-Emeri ukuthi abe yinkosi ukuze abuse esikhundleni sakhe.

15 Futhi emva kokuthi esegcobe u-Emeri ukuthi abe yinkosi wabona ukuthula ezweni isikhathi esingange minyaka emibili, wabe esefa, esebone izinsuku eziningi kakhulu, ezazigcwele usizi. Futhi kwenzeka ukuthi u-Emeri nempela wabusa esikhundleni sakhe, futhi nempela wahamba ezinyathelweni zikayise.

16 Futhi iNkosi yaqala ukuthi isisuse isiqalekiso ezweni, futhi indlu ka-Emeri yaphumelela kakhulu phansi kombuso ka-Emeri; futhi isikhathi esingangeminyaka engamashumi ayisithupha nambili base beqine kakhulu, kangangokuthi banotha kakhulu—

17 Benezinhlobo zonke zezithelo, kanye nokusanhlamvu, kanye nosilika, kanye nelineni elicolekileyo, kanye negolide, kanye nesiliva, kanye nezinto eziyigugu;

18 Futhi phezu kwalokho nazo zonke izinhlobo zezinkomo, nezinkabi, kanye nezinkomazi, kanye nezimvu, kanye nezingulube, kanye nezimbuzi, futhi kanjalo kanye nazo zonke ezinye izinhlobo zezilwane ezaziwusizo ukuba wukudla kwabantu.

19 Futhi phezu kwalokho baba anamahhashi, kanye nezimbongolo, futhi kwakukhona nezindlovu kanye namakurulomu kanye namakumoni; zonke ezaziwusizo kumuntu, futhi ikakhulukazi izindlovu kanye namakurulomu kanye namakumoni.

20 Futhi ngalendlela iNkosi yazithela izibusiso zayo kulelizwe, aelalikhethekile ngaphezu kwawo wonke amanye amazwe; futhi yayala ukuthi labo abayolithola lelizwe bayolitholela iNkosi, ngaphandle kwalokho bbayobhujiswa uma sebevuthiwe ebubini; ngokuba kwabanjalo, ithi iNkosi: Ngizokwehlisela intukuthelo yami yonke.

21 Futhi u-Emeri wahlulela ngokulunga ngazo zonke izinsuku zakhe, futhi wazala amadodana namadodakazi amaningi; futhi wazala uKoriyantumu, futhi wamgcoba uKoriyantumu ukuthi abuse esikhundleni sakhe.

22 Futhi emva kokuthi esegcobe uKoriyantumu ukuthi abuse esikhundleni sakhe waphila iminyaka emine, futhi wabona ukuthula ezweni; yebo, futhi waze wabona ngisho aneNdodana yokuLunga, futhi wathokoza futhi wadumisa ngezinsuku zakhe; futhi wafa ngokuthula.

23 Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantumu wahamba ezinyathelweni zikayise, futhi wakha amadolobha amaningi amakhulu, futhi wabanika lokho okwakukuhle abantu bakhe ezinsukwini zakhe zonke. Futhi kwenzeka ukuthi akazange abe nabantwana ngisho waze waba mdala kakhulu.

24 Futhi kwenzeka ukuthi umkakhe wafa, eneminyaka eyikhulu neminyaka emibili ubudala. Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantumu wathatha umfazi, ebudaleni bakhe, incekukazi encane, futhi wazala amadodana kanye namadodakazi; ngalokho-ke waphila waze waba neminyaka eyikhulu namashumi amane nambili yobudala.

25 Futhi kwenzeka ukuthi wazala uKomu, futhi uKomu wabusa esikhundleni sakhe; futhi wabusa iminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye, futhi wazala uHeti; futhi waphinde wazala amanye amadodana kanye namadodakazi.

26 Futhi abantu base bephinde basabalala futhi ebusweni bonke bezwe, futhi kwaphinda kwaqala futhi kwaba nobubi obukhulu ebusweni bezwe, futhi uHeti waqala wemukela amacebo ayimfihlo futhi asendulo, ukuze abhubhise uyise.

27 Futhi kwenzeka ukuthi nempela wamketula uyise esihlalweni sobukhosi, ngokuba wambulala ngenkemba yakhe uqobo; futhi wabusa esikhundleni sakhe.

28 Futhi kwaphinda kwafika abaphrofethi futhi kulelizwe, beshumayela ngokuphenduka kubo—ukuthi kufanele balungise indlela yeNkosi ngaphandle kwalokho kuyoza isiqalekiso ebusweni balelizwe; yebo, ngisho nokuthi kuyoba khona indlala enkulu, ngayo bayobhujiswa uma bengaphenduki.

29 Kepha abantu abawakholwanga amazwi abaphrofethi, kepha babaxosha babakhiphela ngaphandle; futhi abanye babo babafaka emigodini futhi babashiya khona ukuze bafe. Futhi kwenzeka ukuthi bazenza zonke lezi zinto njengokwemiyalelo yenkosi, uHeti.

30 Futhi kwenzeka ukuthi kwaqala ukuthi kube khona indlala enkulu kulelizwe, futhi abahlala khona baqala ukuthi babhubhe ngokushesha okukhulu ngenxa yendlala, ngokuba kwakungekho mvula ebusweni balelizwe.

31 Futhi kwaphinde kwavela izinyoka ebusweni balelizwe, futhi zafaka ubuthi kwabaningi abantu. Futhi kwenzeka ukuthi imihlambi yabo yaqala yazibalekela izinyoka, yaya ngasezweni elingaseningizimu, elalibizwa ngamaNefi ngokuthi yi aZarahemla.

32 Futhi kwenzeka ukuthi kwaba khona abaningi babo abafa endleleni; nokho, kwakukhona abanye ababalekela ezweni elingaseningizimu.

33 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yenza aizinyoka ukuthi zingabe zisabalandela, kepha ukuthi zivimbe indlela ukuze abantu bangakwazi ukudlula, ukuze kuthi lowo ozama ukudlula abulawe yizinyoka.

34 Futhi kwenzeka ukuthi abantu balandela indlela yezilwane, futhi badla izidumbu zazo ezaziwe ngendlela, kwaze kwaba bazidla zonke. Manje ngesikhathi abantu sebebona ukuthi base bezofa baqala aukuphenduka ebubini babo futhi bakhala eNkosini.

35 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi asebezithobile ngokwanele phambi kweNkosi yayithumela imvula ebusweni balelizwe; futhi abantu baqala ukuswabuluka futhi, futhi kwaqala ukuthi kube khona izithelo emazweni angasenyakatho, kanye nakuwo wonke amazwe azungezile. Futhi iNkosi yawakhombisa amandla ayo kubo ekubasindiseni endlaleni.