ImiBhalo eNgcwele
Etere 10


Isahluko 10

Inkosi ingena esikhundleni senye—Amanye amakhosi alungile; amanye akhohlakele—Ngesikhathi ukulunga kuvama, abantu bayabusiswa futhi baphumeleliswa yiNkosi.

1 Futhi kwenzeka ukuthi uShesi, owayewuzalo lukaHeti—ngokuba uHeti wayebulawe yindlala, kanye nabo bonke abomuzi wakhe ngaphandle kukaShesi—ngalokho-ke, uShesi waqala futhi wakha abantu ababecishe babulawa wukonakala nendlala.

2 Futhi kwenzeka ukuthi uShesi wakukhumbula ukubhujiswa koyise, futhi wakha umbuso olungileyo; ngokuba wakukhumbula lokho iNkosi eyayikwenzile ekuletheni uJarede kanye nomfowabo angaphesheya kolwandle, futhi wahamba ezindleleni zeNkosi; futhi wazala amadodana kanye namadodakazi.

3 Futhi indodana yakhe endala, igama layo okwakunguShesi, yamvukela; nokho, uShesi washaywa yisandla somphangi, ngenxa yengcebo yakhe eningi, okwaletha ukuthula futhi kuyise.

4 Futhi kwenzeka ukuthi uyise wakha amadolobha amaningi ebusweni balelizwe, futhi abantu baqala futhi ukusabalala ebusweni bonke bezwe. Futhi uShesi waphila waze waba mdala kakhulu; futhi wazala uRipilakishi. Futhi wafa, kwathi uRiplakishi wabusa esikhundleni sakhe.

5 Futhi kwenzeka ukuthi uRiplakishi akakwenzanga lokho okwakulungile emehlweni eNkosi, ngokuba yena waba nabafazi abaningi kanye anezanciza, futhi wabeka lokho emahlombe abantu okwakunzima ukuthi bakuthwale; yebo, wabathelisa ngentela enzima; futhi ngentela wakha izakhiwo eziningi ezivulekile.

6 Futhi wazakhela isihlalo sobukhosi esihle kakhulu; futhi wakha amaningi amatilongo, futhi lowo owayengafuni ukukhokha intela wayemfaka etilongweni; futhi lowo owayengakwazi ukuthi akhokhe intela naye wayefakwa etilongweni; futhi wenza ukuthi basebenze njalo ukuze bondliwe; futhi lowo owayenqaba ukusebenza wenza ukuthi abulawe.

7 Ngalokho-ke wawuthola wonke umsebenzi wakhe omuhle, yebo, ngisho negolide lakhe elicolekileyo wenza ukuthi licwengwe etilongweni; futhi zonke izinhlobo zemisebenzi emihle wenza ukuthi isetshenzwe etilongweni. Futhi kwenzeka ukuthi wabahlupha abantu ngobufebe kanye nangezinengiso zakhe.

8 Futhi kwathi esebuse isikhathi esiyiminyaka engamashumi amane nambili abantu bamvukela; futhi kwaqala ukuthi kube khona impi futhi kulelizwe, kangangokuthi uRiplakishi wabulawa, futhi abozalo lwakhe baphoqwa ukuba babaleke kelelizwe.

9 Futhi kwenzeka emva kwesikhathi seminyaka eminingi, uMoriyantoni (owayengowozalo lukaRiplakishi) wabuthela ndawonye ibutho labaxoshwa, futhi wahamba wayolwa nabantu; futhi wawazuza amandla phezu kwamaningi amadolobha; futhi impi yaqala yaba yimbi kakhulu, futhi yadonsa isikhathi esiyiminyaka eminingi; futhi wawazuza amandla phezu kwalo lonke izwe, futhi wazibeka waba yinkosi ezweni lonke.

10 Futhi emva kokuthi esezibeke waba yinkosi wawuxegisa umthwalo ebantwini, ngalokho wazuza ukuthandwa ngabantu, futhi bamgcoba ukuthi abe yinkosi yabo.

11 Futhi wenza ukulunga kubantu, kepha hhayi kuye ngenxa yobufebe bakhe obuningi; ngalokho-ke wahlukaniswa neNkosi.

12 Futhi kwenzeka ukuthi uMoriyantoni wakha amadolobha amaningi, futhi abantu banotha kakhulu phansi kombuso wakhe, ngenxa yezakhiwo, nangenxa yegolide nesiliva, nangenxa yokukhulisa okusanhlamvu, nangenxa yemihlambi yezimvu, nangenxa yemihlambi yezinkomo, nangenxa yezinto ezithile ezazibuyiselwe kubo.

13 Futhi uMoriyantoni waphila waze waba mdala kakhulu, futhi ngaleso sikhathi wazala uKimi; futhi uKimi wabusa esikhundleni sikayise; futhi wabusa iminyaka eyisishiyagalombili, futhi uyise wafa. Futhi kwenzeka ukuthi uKimi akazange abuse ngokulunga, ngalokho-ke akazange athandwe yiNkosi.

14 Futhi umfowabo wamvukela, okwathi ngalokho wamfaka ekuthunjweni; futhi wahlala ekuthunjweni zonke izinsuku zakhe; futhi wazala amadodana kanye namadodakazi esekuthunjweni, futhi ebudaleni bakhe wazala uLevi; futhi wabe esefa.

15 Futhi kwenzeka ukuthi uLevi wasebenza esekuthunjweni emva kokufa kukayise, isikhathi esingangeminyaka engamashumi amane nambili. Futhi walwa nenkosi yezwe, okwathi ngayo wazitholela umbuso.

16 Futhi emva kokuthi esezitholele umbuso wenza lokho okwakulungile emehlweni eNkosi; futhi abantu baphumelela kulelizwe; futhi waphila waze waba mdala impela, futhi wazala amadodana kanye namadodakazi; futhi phezu kwalokho wazala uKoromu, amgcoba waba yinkosi esikhundleni sakhe.

17 Futhi kwenzeka ukuthi uKoromu wenza lokho okwakukuhle emehlweni eNkosi zonke izinsuku zakhe; futhi wazala amadodana namadodakazi amaningi; futhi emva kokuthi esebone izinsuku eziningi wedlula, ngisho nanjengawo wonke umhlaba; futhi uKishi wabusa esikhundleni sakhe.

18 Futhi kwenzeka ukuthi uKishi wedlula naye ngokunjalo, kwathi uLibi wabusa esikhundleni sakhe.

19 Futhi kwenzeka ukuthi uLibi naye wenza lokho okwakukuhle emehlweni eNkosi. Futhi ngezinsuku zikaLibi aizinyoka ezinobuthi zabhujiswa. Ngalokho-ke bahamba baya ezweni elingaseningizimu, ukuyozingela ukudla kwabantu basezweni, ngokuba izwe lalimbozwe yizilwane zasehlathini. Futhi uLibi naye uqobo waba ngumzingeli omkhulu.

20 Futhi bakha idolobha elikhulu esiqintaneni esincane sezwe, eduze nendawo lapho ulwandle lwalwehlukanisa khona izwe.

21 Futhi balilondoloza izwe elingaseningizimu ukuthi libe yihlane, ukuze bathole izinyamazane. Futhi ubuso bonke bezwe elalingasenyakatho babumbozwe ngabantu ababehlala khona.

22 Futhi babesebenza kakhulu, futhi babethenga futhi bethengisa futhi bahwebelana omunye nomunye, ukuze bathole inzuzo.

23 Futhi babesebenza ngalo lonke uhlobo lwensimbi esatshe, futhi benza igolide, kanye nesiliva, kanye anensimbi, kanye nethusi, kanye nalo lonke uhlobo lwezinsimbi; futhi babeyimba emhlabathini; ngalokho-ke, benza izindunduma ezinkulu zomhlabathi ukuze bathole insimbi esatshe, yegolide, kanye neyesiliva, kanye neyensimbi, kanye neyethusi. Futhi babenza zonke izinhlobo zemisebenzi emihle kakhulu.

24 Futhi baba nosilika, kanye nelineni elicolekileyo elilukiwe; futhi babenza zonke izinhlobo zendwangu, ukuze bazigqokise.

25 Futhi babenza zonke izinhlobo zezinto zokusebenza ukuze balime umhlabathi, ukuze balime futhi batshale, ukuze bavune futhi bahlakule, futhi kanjalo nokuze babhule.

26 Futhi babenza zonke izinhlobo zezinto zokusebenza abasebenzisa ngazo izilwane zabo.

27 Futhi babenza zonke izinhlobo zezikhali zempi. Futhi babenza zonke izinhlobo zomsebenzi wobuciko obukhulu.

28 Futhi kwakungakaze nanini abantu babusiswe kangaka njengabo, futhi baphumelele kakhulu ngesandla seNkosi. Futhi babesezweni elalikhethekile ngaphezu kwawo wonke amazwe, ngokuba iNkosi yayikukhulumile lokho.

29 Futhi kwenzeka ukuthi uLibi waphila iminyaka eminingi, futhi wazala amadodana namadodakazi; futhi phezu kwalokho wazala uHehartomu.

30 Futhi kwenzeka ukuthi uHehartomu wabusa esikhundleni sikayise. Futhi ngesikhathi uHehartomu esebuse iminyaka engamashumi amabili nane, bheka, umbuso wathathwa kuye. Futhi wasebenza iminyaka eminingi esekuthunjweni, yebo, ngisho nangazo zonke izinsuku zakhe ezazisasele.

31 Futhi wazala uHeti, futhi uHeti waphila esekuthunjweni zonke izinsuku zakhe. Futhi uHeti wazala u-Aroni, futhi no-Aroni wahlala ekuthunjweni zonke izinsuku zakhe; futhi yena wazala u-Amnigada, futhi u-Amnigada naye wahlala ekuthunjweni zonke izinsuku zakhe; futhi yena wazala uKoriyantumu, futhi noKoriyantumu wahlala ekuthunjweni zonke izinsuku zakhe; futhi yena wazala uKomu.

32 Futhi kwenzeka ukuthi uKomu wadonsa ingxenye yombuso. Futhi wabusa phezu kwengxenye yombuso iminyaka engamashumi amane nambili; futhi wahamba wayolwa nenkosi, u-Amgide, futhi balwa isikhathi esiyiminyaka eminingi, okwathi ngaleso sikhathi uKomu wamnqoba u-Amgide, futhi wazuza amandla phezu kombuso owawusele.

33 Futhi ngezinsuku zikaKomu kwaqala ukuthi kube khona abaphangi kulelizwe; futhi baqhuba ngamacebo akudala, futhi babafungisa aizifungo ngendlela yabasendulo, futhi baphinda bafuna ukubhubhisa umbuso.

34 Manje uKomu walwa nabo kakhulu; nokho, akazange abehlule.