ImiBhalo eNgcwele
Etere 14


Isahluko 14

Ububi babantu buletha isiqalekiso ezweni—UKoriyantuma ulwa noGileyadi, kanye noLibi, futhi kanjalo noShizi—Igazi kanye nokubulawa kwabantu abaningi kugcwala izwe.

1 Manje kwaqala kwaba khona aisiqalekiso esikhulu kulo lonke izwe ngenxa yobubi babantu, ngendlela yokuthi, uma umuntu ayebeka into yakhe yokusebenza noma inkemba yakhe ethala lakhe, noma endaweni lapho ayezoyigcina khona, bheka, ngakusasa, wayengeke esayithola, sasisikhulu kakhulu isiqalekiso ezweni.

2 Ngalokho-ke wonke umuntu wanamathela kulokho okwakungokwakhe, ngezandla zakhe, futhi wayengaboleki noma abolekise; futhi wonke umuntu wayegcina umphini wenkemba yakhe esandleni sokunene, ukuze avikele okungokwakhe kanye nempilo yakhe kanye nabafazi nabantwana bakhe.

3 Manje, emva kwesikhathi esingangeminyaka emibili, futhi emva kokufa kukaSharedi, bheka, kwavela umfowabo kaSharedi futhi walwa noKoriyantuma, lapho uKoriyantuma amehlula khona futhi wamxosha waze wayomfaka ehlane lakwa-Akishi.

4 Futhi kwenzeka ukuthi umfowabo kaSharedi walwa naye ehlane lakwa-Akishi; futhi impi yaba nzima kakhulu, futhi izinkulungwane eziningi zawa ngenkemba.

5 Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma wavimba ehlane; futhi umfowabo kaSharedi wahamba waphuma ehlane ngobusuku, futhi wabulala ingxenye yebutho likaKoriyantuma, ngesikhathi besadakiwe.

6 Futhi weza ezweni lakwaMoroni, futhi wazozibeka esihlalweni sobukhosi sikaKoriyantuma.

7 Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma wahlala nebutho lakhe ehlane isikhathi esingangeminyaka emibili, lapho athola khona amandla amakhulu ebuthweni lakhe.

8 Manje umfowabo kaSharedi, igama lakhe okwakunguGileyadi, naye ngokunjalo wathola amandla amakhulu ebuthweni lakhe, ngenxa yamaqembu ayimfihlo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi umphristi wakhe omkhulu wambulala ngesikhathi ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi.

10 Futhi kwenzeka ukuthi omunye wamaqembu ayimfihlo wambulala ngentuba eyimfihlo, futhi wazithathela umbuso; futhi igama lakhe kwakunguLibi; futhi uLibi wayeyindoda ende kakhulu, ngaphezu kwawo wonke amadoda phakathi kwabo bonke abantu.

11 Futhi kwenzeka ukuthi ngonyaka wokuqala kaLibi, uKoriyantuma weza ezweni lakwaMoroni, futhi walwa noLibi.

12 Futhi kwenzeka ukuthi walwa noLibi; lapho uLibi wamshaya engalweni kangangoba wamlimaza; nokho, ibutho likaKoriyantuma lamhlasela uLibi, kangangokuthi wabalekela eminceleni ngasogwini lolwandle.

13 Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma wamlandela; futhi uLibi walwa naye khona ngasogwini lolwandle.

14 Futhi kwenzeka ukuthi uLibi wayishaya impi kaKoriyantuma, kangangokuthi babalekela ehlane lika-Akishi futhi.

15 Futhi kwenzeka ukuthi uLibi wamlandela kwaze kwaba ufika emathafeni ase-Agoshi. Futhi uKoriyantuma wayesethathe bonke abantu wabaleka nabo ngesikhathi ebalekela uLibi kuleyo ngxenye yezwe lapho ayebalekele khona.

16 Futhi ngesikhathi esefike emathafeni ase-Agoshi walwa noLibi, futhi wamshaya kwaze kwaba uyafa; nokho, umfowabo kaLibi wabuya wazolwa noKoriyantuma esikhundleni sakhe, futhi impi yaba nzima kakhulu, lapho uKoriyantuma aphinda wayibalekela futhi impi yomfowabo kaLibi.

17 Manje igama lomfowabo kaLibi kwakunguShizi. Futhi kwenzeka ukuthi uShizi walandela uKoriyantuma, futhi wabhubhisa amaningi amadolobha, futhi wabulala abesifazane kanye nezingane, futhi washisa namadolobha.

18 Futhi ukwesatshwa kukaShizi kwagcwala izwe lonke; yebo, ukukhala kwagcwala izwe lonke—Ngubani ongama phambi kwempi kaShizi na? Bhekani, uyalishanela lelizwe phambi kwakhe!

19 Futhi kwenzeka ukuthi abantu baqala ukubuthana ndawonye ngamabutho, kubo bonke ubuso bezwe.

20 Futhi behlukana; kwathi enye ingxenye yabo yabalekela ebuthweni likaShizi, kwathi enye ingxenye yabo yabalekela ebuthweni likaKoriyantuma.

21 Futhi yayisibe nkulu futhi yadonsa kakhulu impi, futhi sase sibe side kakhulu isehlakalo sokuchitheka kwegazi kanye nokubulawa okuningi kwabantu, kangangokuthi bonke ubuso bezwe base bumbozwe ayizidumbu zabafileyo.

22 Futhi impi yaba ngesivinini nangokushesha okukhulu kangangokuthi akubanga bikho namunye owasalayo ukuthi angcwabe abafileyo, kepha babehamba besuka ekuchitheni igazi beya kokunye ukuchitha igazi, beshiya izidumbu zamadoda, abesifazane, kanye nezingane zisakazeke ebusweni bezwe, ukuthi zibe wukudla kwezi ampethu zenyama.

23 Futhi ukunuka kwazo kwagcwala ebusweni bezwe, ngisho nakubo bonke ubuso bezwe; ngalokho-ke abantu bakhathazeka emini kanye nasebusuku, ngenxa yokunuka kwazo.

24 Nokho, uShizi akayekanga ukumxosha uKoriyantuma; ngokuba wayefungile ukuziphindiselela kuKoriyantuma ngegazi lomfowabo, owayebulewe, kanye nasezwini leNkosi eleza ku-Etere ukuthi uKoriyantuma akayikuwa ngenkemba.

25 Ngakho-ke siyabona ukuthi iNkosi nempela yabahambela ngentukuthelo yayo yonke, futhi ububi kanye nezinengiso zabo kwase kuyilungisile indlela yokubhujiswa kwabo okungapheliyo.

26 Futhi kwenzeka ukuthi uShizi wamxosha uKoriyantuma waya ngase mpumalanga, ngisho naseminceleni ngasogwini lolwandle, futhi lapho walwa noShizi isikhathi esingangezinsuku ezintathu.

27 Futhi kwaba kubi kakhulu ukubhujiswa phakathi kwamabutho kaShizi kangangokuthi abantu baqala ukwesaba, futhi baqala ukuwabalekela amabutho kaKoriyantuma; futhi babalekela ezweni lakwaKorihori, futhi beshanela ababehlala khona ababephambi kwabo, bonke labo ababengafuni ukuhlangana nabo.

28 Futhi bagxumeka amatende abo esigodini sikaKorihori; futhi uKoriyantuma wagxumeka awakhe amatende esigodini sikaShuri. Manje isigodi sikaShuri sasiseduze negquma iKominori; ngalokho-ke, uKoriyantuma wabuthela amabutho akhe ndawonye egqumeni iKominori, futhi washayela amabutho kaShizi icilongo ukuwamema ukuthi aphume bazolwa.

29 Futhi kwenzeka ukuthi baphuma, kepha baphoqwa ukuba babaleke baphindele emuva; futhi babuya okwesibili, futhi baphoqwa ukuba babaleke baphindele emuva futhi okwesibili. Futhi kwenzeka ukuthi baphinda futhi beza okwesithathu, futhi impi yaba nzima kakhulu.

30 Futhi kwenzeka ukuthi uShizi wamshaya uKoriyantuma kangangokuthi wamlimaza kakhulu; futhi uKoriyantuma, eselahlekelwe yigazi lakhe, waquleka, futhi wathwalwa sengathi wayesefile.

31 Manje ukulahleka kwamadoda, abesifazane kanye nabantwana nhlangothi zombili kwase kukukhulu kakhulu kangangokuthi uShizi wayala abantu bakhe ukuthi bengabe besawaxosha amabutho kaKoriyantuma; ngalokho-ke, babuyela enkanjini yabo.