ImiBhalo eNgcwele
Etere 7


Isahluko 7

U-Oriha ubusa ngokulunga—Phakathi kokugabadela kanye nokulwa, imibuso ephikisanayo kaShule kanye noKohori iyamiswa. Abaphrofethi bayabusola ububi kanye nokukhonza izithixo kwabantu, okuthe emva kwalokho baphenduka.

1 Futhi kwenzeka ukuthi u-Oriha wakwenza ngokulunga ukwahlulela ezweni lonke ngezinsuku zakhe, izinsuku zakhe ezaba ziningi kakhulu.

2 Futhi wazala amadodana kanye namadodakazi; yebo, wazala abangamashumi amathathu nanye, phakathi kwabo okwakunamadodana angamashumi amabili nantathu.

3 Futhi kwenzeka ukuthi phezu kwalokho wazala uKibi ebudaleni bakhe. Futhi kwenzeka ukuthi uKibi wabusa esikhundleni sakhe; futhi uKibi wazala uKorihori.

4 Futhi ngesikhathi uKorihori eseneminyaka yobudala engamashumi amathathu nambili wavukela uyise, futhi wahamba wawela wayohlala ezweni lakwaNehori; futhi wazala amadodana kanye namadodakazi, futhi baba bahle kakhulu; ngalokho-ke uKorihori wadonsa abaningi abantu bamlandela.

5 Futhi ngesikhathi eseqoqele ndawonye ibutho wakhuphukela ezweni lakwaMoroni lapho inkosi yayihlala khona, futhi wayithumba, lokho okwenza ukuthi kugcwaliseke aokwakushiwo ngumfowabo kaJarede ukuthi bayolethwa ekuthunjweni.

6 Manje izwe lakwaMoroni, lapho kwakuhlala khona inkosi, laliseduzane nalelozwe elalibizwa ngamaNefi ngokuthi yiNcithakalo.

7 Futhi kwenzeka ukuthi uKibi wahlala ekuthunjweni, kanye nabantu bakhe bengaphansi kukaKorihori indodana yakhe, kwaze kwaba uba mdala kakhulu; nokho uKibi wazala uShule ebudaleni bakhe, ngesikhathi esesekuthunjweni.

8 Futhi kwenzeka ukuthi uShule wamthukuthelela umfowabo; futhi uShule wakhula waba namandla, futhi waba namandla ngokwamandla endoda; futhi phezu kwalokho wayekwazi ukwehlulela ngokuyikho.

9 Ngalokho-ke, waya egqumeni i-Efrayimi, futhi wancibilikisa insimbi kulelo gquma, futhi wenza izinkemba ngensimbi zalabo ayebadonsile bahamba naye; futhi emva kokuthi esebahlomisile ngezinkemba wabuyela ezweni lakwaNehori, futhi wayolwa nomfowabo uKorihori, ngaleyo ndlela wawuthola umbuso futhi wawubuyisela kuyise uKibi.

10 Manje ngenxa yalento uShule ayeyenzile, uyise wamnika umbuso; ngakho-ke waqala ukubusa esikhundleni sikayise.

11 Futhi kwenzeka ukuthi wehlulela ngokulunga; futhi wawusabalalisa umbuso wakhe kubo bonke ubuso bezwe, ngokuba abantu base bebaningi kakhulu.

12 Futhi kwenzeka ukuthi uShule naye wazala amadodana kanye namadodakazi amaningi.

13 Futhi uKorihori waphenduka ebubini obuningi ayebenzile; ngalokho-ke uShule wamnika amandla embusweni wakhe.

14 Futhi kwenzeka ukuthi uKorihori wayenamadodana kanye namadodakazi amaningi. Futhi phakathi kwamadodana kaKorihori kwakukhona oyedwa ogama lakhe kwakunguNowa.

15 Futhi kwenzeka ukuthi uNowa wavukela uShule, inkosi, futhi kanjalo noyise uKorihori, futhi wadonsela kude umfowabo uKohori, futhi kanjalo nabo bonke abafowabo kanye nabaningi abantu.

16 Futhi walwa noShule, inkosi, okwenza athola izwe elaba yifa labo lokuqala; futhi waba yinkosi kuleyo ngxenye yezwe.

17 Futhi kwenzeka ukuthi waphinda futhi walwa noShule inkosi, futhi wamthatha uShule, inkosi, futhi wamthwala wayomthumbela eMoroni.

18 Futhi kwenzeka ngesikhathi esezombulala, amadodana kaShule acathama angena endlini kaNowa ebusuku futhi ambulala, futhi ephula umnyango wetilongo futhi amkhipha uyise, futhi ambeka esihlalweni sakhe sobukhosi embusweni wakhe.

19 Ngalokho-ke, indodana kaNowa yawakha umbuso wakhe esikhundleni sakhe; nokho bona ababange besawathola amandla nanini phezu kukaShule inkosi, futhi abantu ababe ngaphansi kombuso kaShule inkosi baphumelela kakhulu futhi bakhula kakhulu.

20 Futhi izwe lahlukana; futhi kwaba khona imibuso emibili, umbuso kaShule, kanye nombuso kaKohori, indodana kaNowa.

21 Futhi uKohori, indodana kaNowa, yenza ukuthi abantu bayo balwe noShule, lapho uShule abehlula khona futhi wambulala uKohori.

22 Manje uKohori wayenendodana eyayibizwa ngokuthi nguNimrode; futhi uNimrode wawuyeka umbuso kaKohori wawunika uShule, futhi wemukeleka emehlweni kaShule; ngalokho-ke uShule wamenzela okuhle, futhi wenza embusweni kaShule njengokuthanda kwakhe.

23 Futhi phezu kwalokho embusweni kaShule kwafika abaphrofethi phakathi kwabantu, ababethunyiwe bevela eNkosini, bephrofetha ukuthi ububi kanye nokukhonza aizithixo kwabantu kwakuletha isiqalekiso kulelizwe, futhi nokuthi kwakufanele babhujiswe uma babengaphenduki.

24 Futhi kwenzeka ukuthi abantu babethuka abaphrofethi, futhi babahleka usulu. Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uShule yabehlulela bonke labo ababethuka abaphrofethi.

25 Futhi wabeka umthetho kulo lonke izwe, owawunikeza amandla kubaphrofethi ukuthi babengaya noma kuphi lapho babefuna ukuya khona; futhi ngenxa yalokhu abantu baphenduka.

26 Futhi ngenxa yokuthi abantu baphenduka ebubini babo kanye nasekukhonzeni izithixo iNkosi yabasindisa, futhi baqala baphumelela futhi kulelizwe. Futhi kwenzeka ukuthi uShule wazala amadodana kanye namadodakazi ebudaleni bakhe.

27 Futhi kwakungasekho zimpi ezinsukwini zikaShule; futhi wazikhumbula izinto ezinkulu iNkosi eyayizenzele oyise ekubaletheni angaphesheya kolwandle yabayisa ezweni lesethembiso; ngalokho-ke wehlulela ngokulunga zonke izinsuku zakhe.