ImiBhalo eNgcwele
Etere 8


Isahluko 8

Kukhona ukulwa kanye nombango ngokuphathelene nombuso—U-Akishi wakha iqembu eliyimfihlo eliboshwe ngesifungo ukuthi libulale inkosi—Amaqembu ayimfihlo angakadeveli futhi aholela ekubhujisweni kwezizwe—AbeZizwe bamanje bayexwayiswa ngokumelene namaqembu ayimfihlo afuna ukuqeda inkululeko yazo zonke izindawo, izizwe, kanye namazwe.

1 Futhi kwenzeka ukuthi wazala uYomere, futhi uYomere wabusa esikhundleni sakhe. Futhi uYomere wazala uJarede; futhi uJarede wazala amadodana kanye namadodakazi.

2 Futhi uJarede wavukela uyise, futhi weza wazohlala ezweni lakwaHeti. Futhi kwenzeka ukuthi wakhohlisa abantu abaningi, ngenxa yamazwi akhe anobuqili, kwaze kwaba uthola ingxenye yombuso.

3 Futhi ngesikhathi esethole ingxenye yombuso walwa noyise, futhi wamthwala uyise wamyisa ekuthunjweni, futhi wamenza ukuthi asebenze ekuthunjweni;

4 Manje, ngezinsuku zokubusa kukaYomere wayesekuthunjweni ingxenye yezinsuku zakhe. Futhi kwenzeka ukuthi wazala amadodana kanye namadodakazi, phakathi kwabo okwakukhona u-Esiromu kanye noKoriyantuma;

5 Futhi bathukuthela kakhulu ngenxa yezenzo zikaJarede umfowabo, kangangokuthi bahlanganisa ibutho futhi bayolwa noJarede. Futhi kwenzeka ukuthi balwa naye ngobusuku.

6 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sebelibulele ibutho likaJarede base bezombulala naye futhi; wabancenga ukuthi bangambulali, futhi nokuthi wayezowuyekela kuyise umbuso. Futhi kwenzeka ukuthi bamyeka ukuthi aphile.

7 Manje uJarede waba buhlungu kakhulu ngenxa yokulahlekelwa wumbuso, ngokuba inhliziyo yakhe wayeyibeke kuwo umbuso kanye nakulo udumo lomhlaba.

8 Manje indodakazi kaJarede yayinobuqili kakhulu, futhi ibona ubuhlungu bukayise, yacabanga ukwenza isu eyayizobuyisela ngalo umbuso kuyise.

9 Manje indodakazi kaJarede yayiyinhle kakhulu. Futhi kwenzeka ukuthi yakhuluma noyise, futhi yathi kuye: Kungani ubaba enobuhlungu obungaka na? Akazange awufunde yini umbhalo obaba bethu abawuletha ngaphesheya kolwandle na? Bheka, ayikho yini indaba mayelana nalabo basendulo, ukuthi angamasu abo ayimfihlo bathola imibuso kanye nodumo olukhulu na?

10 Ngakho-ke, ubaba makathumele ku-Akishi, indodana kaKiminori; futhi bheka, ngimuhle, futhi angizodansa phambi kwakhe, futhi ngizomthokozisa, ukuze afune ukuthi ngimgane; ngalokho-ke uma eyofuna ukuthi umnike mina ukuthi ngimgane, uma kunjalo uyobe sewuthi: Ngizokunika yena uma uzoletha kimi ikhanda likababa, inkosi.

11 Manje uYomere wayengumngane ka-Akishi; ngalokho-ke, ngesikhathi uJarede esethumele ku-Akishi, indodakazi kaJarede yadansa phambi kwakhe ukuze imthokozise, kangangokuthi wafuna ukuthi imgane. Futhi kwenzeka ukuthi wathi kuJarede: Nginike yena ukuthi angigane.

12 Futhi uJarede wathi kuye: Ngizokunika yena, uma uzoletha kimi ikhanda likababa, inkosi.

13 Futhi kwenzeka ukuthi u-Akishi waqoqela endlini kaJarede zonke izihlobo zakhe, futhi wathi kuzo: Nizofunga yini kimi ukuthi nizothembeka kimi kuleyonto engizoyicela kini na?

14 Futhi kwenzeka ukuthi bonke abafunga kuye, ngoNkulunkulu wasezulwini, futhi kanjalo nangamazulu, futhi kanjalo nangomhlaba, kanye nangamakhanda abo, ukuthi lowo oyokwenza okuhlukile kunalolo sizo u-Akishi ayelufuna uyolahlekelwa yikhanda lakhe; futhi lowo oyodalula noma ngabe yini u-Akishi ayembule kubo, lowo uyolahlekelwa yimpilo yakhe.

15 Futhi kwenzeka ukuthi bavumelana kanjalo-ke no-Akishi. Futhi u-Akishi wabafungisa angezifungo ezazinikwe yilabo basendulo nabo ababefuna amandla, ezazidluliswe zehla zisuka ngisho ku bKayini, owayengumbulali kusukela ekuqaleni.

16 Futhi zazigcinwe ngamandla kadeveli ukuze zifungiswe abantu, ukubagcina besebumnyameni, ukusiza labo abafuna amandla ukuze bazuze amandla, kanye nokuthi babulale, futhi baphange, futhi baqambe amanga, futhi benze zonke izinhlobo zobubi kanye nobufebe.

17 Futhi kwakuyindodakazi kaJarede eyakufaka enhliziyweni yakhe ukuthi azicwaninge lezi zinto zakudala; futhi uJarede wakufaka enhliziyweni ka-Akishi; ngalokho-ke, u-Akishi wafungisa izihlobo kanye nabangani bakhe, ebakhohlisa ngezethembiso ezinhle ukuthi benze noma yini ayeyifuna.

18 Futhi kwenzeka ukuthi basungula aiqembu eliyimfihlo, ngisho njengalabo basendulo; lelo qembu elinengeke kakhulu futhi nelikhohlakele ngaphezu kwakho konke, emehlweni kaNkulunkulu.

19 Ngokuba iNkosi ayisebenzi ngamaqembu ayimfihlo, futhi ayizange iyale ukuthi umuntu achithe igazi, kepha kuzo zonke izinto yakwenqabela lokho, kusukela ekuqaleni komuntu.

20 Manje mina, Moroni, angibhali ngezinhlobo zezifungo kanye namaqembu abo, ngokuba kwembuliwe kimi ukuthi akhona phakathi kwabantu bonke, futhi akhona naphakathi kwamaLamani.

21 Futhi adale aukubhujiswa kwalabantu engikhuluma ngabo manje, futhi kanjalo nokubhujiswa kwabantu baNefi.

22 Futhi leso sizwe esiyosekela amaqembu anjena ayimfihlo, ukuze sithole amandla kanye nenzuzo, kuze kuthi asabalale nesizwe sonke, bheka, siyobhujiswa; ngokuba iNkosi ngeke ivume ukuthi aigazi labangcwele bayo, eliyochithwa yibo, ukuthi likhale njalo kuyo lisuka phansi likhalele bimpindiselo kubo kodwa yona ingabaphindiseleli.

23 Ngalokho-ke, O nina beZizwe, kuwukuhlakanipha kuNkulunkulu ukuthi lezi zinto zivezwe kini, ukuze ngazo niphenduke ezonweni zenu, futhi ningavumi ukuthi lamaqembu ababulali aninqobe, akhelwe ukuthi athole aamandla kanye nenzuzo—futhi nokuthi umsebenzi, yebo, ngisho nomsebenzi wokubhubhisa uze kini, yebo, ngisho nenkemba yokwahlulela ngokulunga kaNkulunkulu oPhakade iwele kini, ukuze niwe futhi nibhujiswe uma niyovumela lezi zinto ukuthi zenzeke.

24 Ngalokho-ke, iNkosi iyaniyala ukuthi, ngesikhathi senizibona lezi zinto ziza phakathi kwenu ukuthi nazi ngesimo esibi senu, ngenxa yaleliqembu eliyimfihlo eliyoba phakathi kwenu; noma maye kulo, ngenxa yegazi lalabo ababulawayo; ngokuba bakhala besothulini bekhalela impindiselo kulo, futhi kanjalo nakulabo abalakhayo.

25 Ngokuba kuyenzeka ukuthi lowo olakhayo usuke efuna ukuqeda ainkululeko yezindawo zonke, izizwe, kanye namazwe; futhi lifeza ukubhujiswa kwabantu bonke, ngokuba lakhiwe ngudeveli, ongubaba wamanga onke; ngisho lowo mqambi manga bowakhohlisa abazali bethu bokuqala, yebo, ngisho lowo mqambi manga owenza umuntu ukuthi abulale kusukela ekuqaleni; oqinise izinhliziyo zabantu ukuthi babulale abaphrofethi, futhi babakhande ngamatshe, futhi babaxoshe kusukela ekuqaleni.

26 Ngalokho-ke, mina, Moroni, ngiyalwe ukuthi ngizibhale lezi zinto ukuze ububi buyekwe, futhi nokuthi isikhathi sifike sokuthi uSathane aangabe esaba namandla ezinhliziyweni zabantwana babantu, kepha ukuze bbakholwiswe ukuthi benze okuhle njalo, ukuze beze emthonjeni wokulunga konke futhi basindiswe.