ImiBhalo eNgcwele
Etere 5


Isahluko 5

Ofakazi abathathu kanye nomsebenzi uqobo lwawo kuzokuma njengobufakazi bobuqiniso beNcwadi kaMormoni.

1 Manje mina, Moroni, sengiwabhalile amazwi engangiyalwe ngawo, njengokukhumbula kwami; futhi sengikutshelile izinto aengizigcine zilondekile; ngakho-ke ungazithinti ukuze uzihumushe; ngokuba leyonto wenqatshelwe yona, ngaphandle kokuthi emva kwesikhashana kuyoba ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu.

2 Futhi bheka, ungaba nenhlanhla yokuthi izingcwephe uzikhombise alabo abayosiza ukuthi kumiswe lomsebenzi;

3 Futhi ziyokhonjiswa akwabathathu ngamandla kaNkulunkulu; ngalokho-ke bbayokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi lezi zinto cziyiqiniso.

4 Futhi ngomlomo awofakazi abathathu lezi zinto ziyomiswa; futhi ubufakazi babathathu, kanye nalomsebenzi, kuwo okuyokhonjiswa amandla kaNkulunkulu futhi kanjalo nezwi lakhe, uBaba, kanye neNdodana, kanye noMoya oyiNgcwele abafakaza ngalo—futhi konke lokhu kuyoma njengobufakazi ngokumelene nomhlaba ngosuku lokugcina.

5 Futhi uma kungukuthi bayaphenduka futhi abeza kuBaba egameni likaJesu, bayokwamukelwa embusweni kaNkulunkulu.

6 Manje, uma ngingenalo igunya lalezi zinto, zenqabeni, ngokuba niyokwazi ukuthi nginegunya ngesikhathi seningibona, futhi siyokuma phambi kukaNkulunkulu ngosuku lokugcina. Amen.