ImiBhalo eNgcwele
Mose 8


Isahluko 8

(Februwari 1831)

UMetushela uyaphrofetha—UNowa namadodana akhe bashumayela ivangeli—Ububi buyabusa—Isicelo sokuphenduka asinakwa—UNkulunkulu umemezela ukufa kwayo yonke inyama ngesiKhukhula.

1 Futhi zonke izinsuku zika-Enoke zazingamakhulu amane namashumi amathathu eminyaka.

2 Futhi kwenzeka ukuthi auMetushela, indodana ka-Enoke, akathathwanga, ukuze izivumelwano zeNkosi zigcwaliseke, azenza ku-Enoke; ngokuba ngempela wavumelana no-Enoke ukuthi uNowa kufanele abe yinzalo yokhalo lwakhe.

3 Futhi kwenzeka ukuthi uMetushela waphrofetha ukuthi okhalweni lwakhe kufanele kuphume yonke imibuso yomhlaba (ngoNowa), futhi waziphakamisa.

4 Futhi kwabakhona indlala enkulu ezweni, futhi iNkosi yaliqalekisa lelozwe ngesiqalekiso esinzima, futhi abaningi bantu bakhona bafa.

5 Futhi kwenzeka ukuthi uMetushela waphila iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, futhi wazala uLameka;

6 Futhi uMetushela waphila, emuva kokuzala uLameka, iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili, futhi wazala amadodana namadodakazi;

7 Futhi zonke izinsuku zikaMetushela zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye, futhi wayesefa.

8 Futhi uLameka waphila iminyaka iyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, futhi wazala indodana,

9 Futhi wayetha igama lokuthi auNowa, ethi: Lendodana izosiduduza ngokuphathelene nomsebenzi wethu nokusebenza kwezandla zethu, ngenxa yomhlabathi iNkosi bewuqalekisile.

10 Futhi uLameka waphila, emuva kokuzala uNowa, iminyaka engamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, futhi wazala amadodana namadodakazi;

11 Futhi zonke izinsuku zikaLameka zaba yiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa, futhi wayesefa.

12 Futhi uNowa wayeneminyaka yobudala engamakhulu amane namashumi amahlanu, futhi awazala uJafete; kwathi emva kweminyaka engamashumi amane nambili wazala buShemi kuye owayengunina kaJafete, futhi kwathi eseneminyaka engamakhulu amahlanu ubudala wazala cuHamu.

13 Futhi auNowa namadodana akhe bbayilalela iNkosi, futhi bayinaka, futhi babizwa nga cmadodana kaNkulunkulu.

14 Futhi kwathi lapho lamadoda eseqala ukwanda ebusweni bomhlaba, futhi esezala amadodakazi, aamadodana abantu abona ukuthi lawo madodakazi ayemahle, futhi bawenza abafazi babo, ngisho njengokukhetha kwabo.

15 Futhi iNkosi yathi kuNowa: Amadodakazi amadodana akho aazidayisile; ngokuba bheka ulaka lwani lokhelekile ngokumelene namadodana abantu, ngokuba bayenqaba ukulalela izwi lami.

16 Futhi kwenzeka ukuthi uNowa waphrofetha, futhi wafundisa ngezinto zikaNkulunkulu, ngisho njengoba zazinjalo ekuqaleni.

17 Futhi iNkosi yathi kuNowa: UMoya wami awuyiku asebenza njalo kumuntu, ngokuba uyokwazi ukuthi yonke binyama iyokufa; kepha izinsuku zakhe ziyoba iminyaka elikhulu namashumi amabili; futhi uma abantu bengaphenduki, ngizothumela cizikhukhula kubo.

18 Futhi ngalezo zinsuku kwakukhona aimidondoshiya emhlabeni, futhi yayimfuna uNowa ukuba imbulale; kodwa iNkosi yayinoNowa, futhi bamandla eNkosi ayephezu kwakhe.

19 Futhi iNkosi yam agcoba buNowa ngo chlelo lwakhe uqobo, futhi yamyala ukuthi kufanele ahambe damemezele iVangeli layo kubantwana babantu, ngisho njengoba kwakunikiwe ku-Enoke.

20 Futhi kwenzeka ukuthi uNowa wababiza abantwana babantu ukuba ba aphenduke; kodwa abawalalelanga amazwi akhe;

21 Futhi phezu kwalokho, emuva kokuba sebemzwile, bakhuphukela kuye, bethi: Bheka, singamadodana kaNkulunkulu; asiwathathanga yini amadodakazi abantu aba ngabafazi bethu na? Futhi ngabe aasidli futhi siphuze, siganwe futhi sendisa na? Futhi abafazi bethu basizalela abantwana, futhi nabo bangamadoda anamandla, anjengamadoda asendulo, amadoda odumo olukhulu. Futhi abawalalelanga amazwi kaNowa.

22 Futhi uNkulunkulu wabona ukuthi aububi babantu base bubu khulu emhlabeni; futhi wonke umuntu wayeziphakamisile ngokwe bmidlinzo yenhliziyo yakhe, imibi njalo.

23 Futhi kwenzeka ukuthi uNowa waqhubeka noku ashumayela kwakhe kubantu, ethi: Lalelani, futhi wanakeni amazwi ami;

24 aKholwani futhi niphenduke ezonweni zenu futhi bnibhabhadiswe egameni likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, ngisho njengobaba bethu, futhi niyofumana uMoya oNgcwele, ukuze cnambulelwe zonke izinto; futhi uma ningakwenzi lokhu, izikhukhula zizoza kini; nokho abalalelanga.

25 Futhi wazisola uNowa, futhi inhliziyo yakhe yaba buhlungu ukuthi iNkosi yenze abantu emhlabeni, futhi kwamhlupha enhliziyweni.

26 Futhi iNkosi yathi: Ngizoba abhubhisa abantu engibadalile, ebusweni bomhlaba, abantu nezilwane, futhi nokunwabuzelayo, nezinyoni emkhathini; ngokuba uzisolile uNowa ukuthi ngibadalile, futhi nokuthi ngibenzile; futhi ungibizile; ngokuba bafune impilo yakhe.

27 Futhi ngaleyondlela uNowa wathola aumusa emehlweni eNkosi; ngokuba uNowa wayengumuntu olungileyo, futhi bephelele du esizukulwaneni sakhe; futhi cwayehamba noNkulunkulu, njengoba kwenza namadodana akhe amathathu, uShemi, uHamu, kanye noJafete.

28 Umhlaba wase awonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi wawusugcwele udlame.

29 Futhi uNkulunkulu wawubuka umhlaba, futhi, bheka, wase wonakele, ngokuba konke okuphilayo kwase kunezenzo ezimbi emhlabeni.

30 Futhi uNkulunkulu wathi kuNowa: Isiphetho sayo yonke inyama sesifikile phambi kwami, ngokuba umhlaba usugcwele udlame, futhi bheka angizoyibhubhisa yonke inyama isuke emhlabeni.