ImiBhalo eNgcwele
Jakobe 1


INcwadi kaJakobe
Umfowabo kaNefi

Amazwi entshumayelo yakhe kubafowabo. Uthobisa indoda efuna ukuchitha imfundiso kaKristu. Amazwi ambalwa mayelana nomlando wabantu baNefi.

Isahluko 1

UJakobe kanye noJosefa bafuna ukuvumisa abantu ukuthi bakholwe kuKristu futhi bagcine imiyalelo Yakhe—UNefi uyafa—Ububi buyadlanga phakathi kwamaNefi. Cishe ngonyaka wama 544 kuya kowama 421 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba bheka, kwenzeka ukuthi kwase kudlule iminyaka engamashumi amahlanu nanhlanu kusukela ngesikhathi uLehi ahamba eJerusalema; ngalokho-ke, uNefi wanginika mina, aJakobe, bumyalelo mayelana cnezingcwephe ezincane, lapho lezi zinto eziqoshwe khona.

2 Futhi wanginika mina, Jakobe, umyalelo wokuthi kufanele ngibhale kuzo lezi zingcwephe izinto ezimbalwa engicabanga ukuthi ziyigugu elikhulu; nokuthi kufanele ngingathinti, ngaphandle kokuthi kube kancane nje, mayelana nomlando walaba bantu ababizwa ngokuthi ngabantu baNefi.

3 Ngokuba wathi umlando wabantu bakhe kufanele uqoshwe kwezinye izingcwephe zakhe, nokuthi kufanele ngizilondoloze lezi zingcwephe futhi ngizidlulise zehlele kuyo inzalo yami, izizukulwane ngezizukulwane.

4 Futhi uma kukhona intshumayelo engcwele, noma isambulo esikhulu, noma isiphrofetho, kufanele ngiqophe aizihloko zalokho kuzo lezi zingcwephe, futhi ngibhale ngakho kakhulu, ngenxa kaKristu, futhi nangenxa yabantu bethu.

5 Ngokuba ngenxa yokholo kanye nangokukhulu ukukhathazeka, ngempela kwembulwa kithi mayelana nabantu bethu, ukuthi yiziphi izinto aezazizokwenzeka kubo.

6 Futhi phezu kwalokho saba neziningi izambulo, kanye nomoya wokuphrofetha okukhulu; ngalokho-ke, sazi angoKristu kanye nangombuso wakhe, owawuzofika.

7 Ngalokho-ke sasebenza ngokukhuthala phakathi kwabantu bethu, ukuze sibavumise ukuthi abeze kuKristu, futhi nokuthi bahlanganyele ebuhleni bukaNkulunkulu, ukuze bangene bekuphumuleni kwakhe, hleze ndlela thize aze afunge esentukuthelweni yakhe ukuthi cbangangeni kukho, njengokuba dacunulwa ngezinsuku zokulingwa ngesikhathi abantwana bakwa-Israyeli ebesehlane.

8 Ngalokho-ke, siyacela kuNkulunkulu ukuthi sikwazi ukubavumisa bonke abantu ukuthi abangahlubuki kuNkulunkulu, bbamcunule aze athukuthele, kodwa ukuthi bonke abantu mabakholwe kuKristu, futhi bakubone ukufa kwakhe, futhi basivume cisiphambano sakhe futhi babekezelele ukuhlazwa ngumhlaba; ngalokho-ke, mina, Jakobe, ngikwenza kube wumthwalo wami ukuthi ngiwugcwalise umyalelo womfowethu uNefi.

9 Manje uNefi waqala ukuba mdala, futhi wabona ukuthi masinyane awayesezokufa; ngalokho-ke, bwagcoba indoda ukuthi ibe yinkosi kanye nombusi phezu kwabantu bakhe, njengokubusa ckwamakhosi.

10 Abantu bemthandile uNefi ngokwedlulele, yena kade engumvikeli wabo omkhulu, eyisebenzisile ainkemba kaLabani ekubavikeleni, futhi eyisebenzele inhlalakahle yabo ngazo zonke izinsuku zakhe—

11 Ngalokho-ke, abantu baba nesifiso sokuligcina igama lakhe njengesikhumbuzo. Futhi labo ababezobusa esikhundleni sakhe babizwa ngabantu, ngoNefi wesibili, uNefi wesithathu, njalonjalo, ngokwemibuso yamakhosi; futhi babizwa kanjalo ngabantu, noma ngabe amagama abo ayengobani.

12 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi wafa.

13 Manje abantu ababengewona aamaLamani bbabengamaNefi; nokho, babebizwa ngamaNefi, amaJakobe, amaJosefa, camaZoramu, amaLamani, amaLemuweli, kanye nama-Ishmayeli.

14 Kodwa mina, Jakobe, emva kwalokhu angizukubehlukanisa ngalamagama, kodwa angizobabiza ngamaLamani labo abafuna ukubhubhisa abantu baNefi, futhi labo abanobungane noNefi ngizobabiza bngamaNefi, noma cabantu baNefi, ngokubusa kwamakhosi.

15 Manje kwenzeka ukuthi abantu baNefi, ngaphansi kokubusa kwenkosi yesibili, baqala ukukhula balukhuni ezinhliziyweni zabo, futhi bazimbandakanya ngandlela thize ekwenzeni izenzo zobubi, ezinjengalezo zikaDavide wasendulo zokufisa aabafazi abaningi kanye nezancinza, futhi ngokunjalo noSolomoni, indodana yakhe.

16 Yebo, futhi phezu kwalokho baqala ukufuna igolide kanye nesiliva eliningi, futhi baqala ukuthi ngandlelathize baphakame ngenxa yokuziqhenya.

17 Ngalokho-ke mina, Jakobe, ngabanika lamazwi ngesikhathi ngibafundisa aethempelini, sengithole kuqala bukuthunywa kwami eNkosini.

18 Ngokuba mina, Jakobe, kanye nomfowethu uJosefa asasibekwe saba ngabaphristi futhi nabafundisi balaba bantu, ngesandla sikaNefi.

19 Futhi nempela sazihlonipha aizikhundla zethu eNkosini, sakubeka kithi ukuthi bsilithwale icala, siphendule izono zalaba bantu phezu kwamakhanda ethu uqobo uma singabafundisanga izwi likaNkulunkulu ngokukhuthala konke; ngalokho-ke, ngokusebenza ngamandla ethu cigazi labo lingeze leza phezu kwezingubo zethu; ngaphandle kwalokho igazi labo liyoza phezu kwezingubo zethu, futhi asiyikutholakala singenacashazi ngosuku lokugcina.