ImiBhalo eNgcwele
Helamani 7


Isiphrofetho sikaNefi, iNdodana kaHelamani—UNkulunkulu wesabisa abantu baNefi ngokuthi uzobavakashela ngentukuthelo yakhe, okuyobangela ukuba babhujiswe baphele nya ngaphandle kokuthi baphenduke ebubini babo. UNkulunkulu ushaya abantu baNefi ngomashayabhuqe; bayaphenduka futhi babuyela kuye. USamuweli, umLamani, uphrofetha kumaNefi.

Sitholakala ezahlukweni 7 kuya ku 16.

Isahluko 7

UNefi uyenqatshwa enyakatho futhi ubuyela eZarahemla—Uyakhuleka esembhoshongweni wakhe osensimini futhi emva kwalokho unxusa abantu ukuthi baphenduke noma bafe. Cishe ngonyaka wama 23 kuya kowama 21 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bheka, manje kwenzeka ngonyaka wamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi, ukuthi uNefi, indodana kaHelamani, ayabuyela ezweni lakwaZarahemla ivela ezweni elingasenyakatho.

2 Ngokuba wayekade ephumile ephakathi kwabantu ababesezweni elingasenyakatho, futhi walishumayela izwi likaNkulunkulu kubo, futhi waphrofetha izinto eziningi kubo;

3 Futhi bawenqaba wonke amazwi akhe, kangangokuthi akakwazanga ukuhlala phakathi kwabo, kepha waphinda wabuyela ezweni lakhe lokuzalwa.

4 Futhi ebona abantu besesimweni sobubi obukhulu kanje, kanye nalabo baphangi baGadiyantoni bethatha izihlalo zokwahlulela—Sebethathe ngobuqili amandla kanye negunya lezwe; bebeka eceleni imiyalelo kaNkulunkulu, futhi bengenzi nokuncane ukulunga phambi kwakhe; bengehluleli ngokulunga kubantwana babantu;

5 Bebeka icala abalungileyo ngenxa yokulunga kwabo; beyekela abanecala nababi ukuthi bahambe bangajeziswa ngenxa yemali yabo; futhi ngaphezu kwalokho babekwe ezihlalweni eziphezulu zomkhandlu ophetheyo, ukuthi babuse futhi benze njengokuthanda kwabo, ukuze bathole inzuzo kanye nodumo alomhlaba, futhi, ngaphezu kwalokho, ukuze baphinge kalula, futhi bebe, futhi babulale, futhi benze njengokuthanda kwabo—

6 Manje lobu bubi obukhulu beza kumaNefi, esikhathini esingeminyaka mingaki; futhi ngesikhathi uNefi ekubona lokhu, inhliziyo yakhe yagcwala usizi ngaphakathi kwesifuba sakhe; futhi wamemeza ngobuhlungu obukhulu bomphefumulo wakhe ethi:

7 O, ukube izinsuku zami zabe zingezinsuku ngesikhathi ubaba uNefi ephuma okokuqala ezweni laseJerusalema, ngabe ngangiyojabula naye ezweni lesethembiso; ngaleso sikhathi abantu bakhe kwakulula ukubancenga, beqinile ekugcineni imiyalelo kaNkulunkulu, futhi kungelula ukuthi baholelwe ekwenzeni ububi; futhi babeshesha ukuwalalela amazwi eNkosi—

8 Yebo, ukuba izinsuku zami zazingalezo zinsuku, ngabe umphefumulo wami wawuyothola ukuthokoza kukho ukulunga kwabafowethu.

9 Kodwa bheka, ngabelwe ukuthi lezi kube yizinsuku zami, futhi nokuthi umphefumulo wami uyogcwaliswa ngosizi ngenxa yalenkohlakalo yabafowethu.

10 Futhi bheka, manje kwenzeka ukuthi kwakuphezu kombhoshongo, owawusensimini kaNefi, eyayingasemgwaqweni omkhulu owawuya emakethe enkulu, eyayisedolobheni lakwaZarahemla; ngakho-ke, uNefi wayeguqe embhoshongweni owawusensimini yakhe, umbhoshongo owawuseduze futhi nesango lensimu lapho umgwaqo omkhulu owawudlula khona.

11 Futhi kwenzeka ukuthi kwakukhona amadoda athile ayedlula lapho futhi ambona uNefi ngesikhathi ekhuleka ngokushisekela okukhulu kuNkulunkulu phezu kombhoshongo; agijima ayotshela abantu ngalokho ayekubonile, futhi abantu beza babuthana beyizixuku ukuze bazi ngesizathu sokukhala okukhulu kangaka ngenkohlakalo yabantu.

12 Manje, ngesikhathi uNefi ephakama wazibona izixuku zabantu abase bebuthene ndawonye.

13 Futhi kwenzeka ukuthi wavula umlomo wakhe wathi kubo: Bhekani, akungani nibuthene ndawonye na? Ukuthi nginitshele ngobubi benu na?

14 Yebo, ngenxa yokuthi ngigibele embhoshongweni wami ukuze ngikhuleke ngokushisekela okukhulu kuNkulunkulu wami, ngenxa yosizi olukhulu lwenhliziyo yami, olungenxa yobubi benu!

15 Futhi ngenxa yokukhala kanye nokulila kwami senibuthene ndawonye, futhi niyamangala; yebo, futhi kufanele kakhulu ukuthi nimangale; yebo, nimele ukumangala ngoba senizinikele ngendlela yokuthi udeveli usethole ukubambalela okukhulu ezinhliziyweni zenu.

16 Yebo, nizinikele kanjani eziyengweni zalowo ofuna ukuphonsa imiphefumulo yenu phansi ekukhathazekeni okungapheliyo kanye nasosizini olungenakuphela na?

17 O phendukani, phendukani! aKungani nizokufa na? Guqukani, guqukelani eNkosini uNkulunkulu wenu. Kungani inilahlile na?

18 Kungenxa yokuthi niziqinisile izinhliziyo zenu; yebo, anifuni ukulalela izwi alomalusi omuhle; yebo, bnimchukuluzile ukuthi anithukuthelele.

19 Futhi bhekani, esikhundleni sokuthi aaniqoqe, ngaphandle kokuthi niphenduke, bhekani, uzonisakaza ukuze nibe yinyama yezinja kanye nezilwane zasendle.

20 O, ngabe nimkhohlwe kanjani uNkulunkulu wenu ngalo kanye lolusuku anikhulule ngalo na?

21 Kodwa bhekani, kuwukuthola inzuzo, ukuze nidunyiswe ngabantu, yebo, futhi ukuze nithole igolide nesiliva. Futhi senibeke izinhliziyo zenu engcebweni kanye nasezintweni eziyize azalomhlaba, enibulala ngazo, niphange, nebe, futhi bnifakaze ngamanga ngenakhelene nabo, futhi nenze zonke izinhlobo zobubi.

22 Futhi ngalesi sizathu usizi luzokuza kini ngaphandle kokuthi niphenduke. Ngokuba uma ningaphenduki, bhekani, lelidolobha elikhulu, futhi kanjalo nawo wonke lawo madolobha amakhulu azungezile, asezweni okungelethu, ayothathwa ukuze ningabe nisaba nandawo kuwo; ngokuba bhekani, iNkosi ayiyikuninika aamandla, njengoba kade yenzile kuze kube manje, ukuze nimelane nezitha zenu.

23 Ngokuba bhekani, isho kanje iNkosi: Angizu kubakhombisa ababi amandla ami, omunye ngaphezu komunye, ngaphandle kwalabo abaphendukayo ezonweni zabo, futhi balalele amazwi ami. Manje ngakho-ke, ngifuna ukuthi nibheke, bafowethu, ukuthi akuyoba ngcono okwamaLamani kunokwenu ngaphandle kokuthi niphenduke.

24 Ngokuba bhekani, wona alunge kakhulu kunani, ngokuba awazange one ngokumelene nalolo lwazi olukhulu enilutholile; ngakho-ke iNkosi iyoba nomusa kuwo; yebo, aizozelula izinsuku zawo futhi yandise inzalo yawo, ngisho noma ngabe nina bningabhujiswa niphele nya ngaphandle kokuthi niphenduke.

25 Yebo, maye kini ngenxa yalezo sinengiso esinkulu esize kini; futhi nizihlanganise naso, yebo, nalelo aqembu eliyimfihlo elaqanjwa nguGadiyantoni!

26 Yebo, ausizi luyoza kini ngenxa yalokho kuziqhenya enikuvumele ukuthi kungene ezinhliziyweni zenu, okuniphakamise ngaphezulu kwalokho okulungile ngenxa byengcebo yenu enkulu kakhulu!

27 Yebo, maye kini ngenxa yenkohlakalo kanye nezinengiso zenu!

28 Futhi ngaphandle kokuthi niphenduke niyokufa; yebo, ngisho namazwe enu ayothathwa kini, futhi niyobhujiswa niphele nya nisuswe ebusweni bomhlaba.

29 Bhekani manje, angisho ukuthi lezi zinto ziyokuba njalo, ngokwami, ngoba akukhona okwami ukuthi angizazi lezi zinto; kepha bhekani, ngiyazi ukuthi lezi zinto ziyiqiniso ngoba iNkosi uNkulunkulu izembulile kimi, ngakho-ke ngiyafakaza ukuthi ziyokwenzeka.