ImiBhalo eNgcwele
Helamani 2


Isahluko 2

UHelamani, indodana kaHelamani, uba ngumahluleli omkhulu—UGadiyantoni uhola iqembu likaKishikumeni—Inceku kaHelamani ibulala uKishikumeni, futhi iqembu likaGadiyantoni libalekela ehlane. Cishe ngonyaka wama 50 kuya kowama 49 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ngonyaka wamashumi amane nambili wokubusa kwabehluleli, emva kokuthi uMoroniha esedale ukuthula futhi phakathi kwamaNefi kanye namaLamani, bheka kwakungekho muntu owayezothatha isihlalo sokwahlulela; ngakho-ke kwaqala kwaba khona umbango futhi phakathi kwabantu mayelana nokuthi ngubani owayezothatha isihlalo sokwahlulela.

2 Futhi kwenzeka ukuthi uHelamani, owayeyindodana kaHelamani, wabekwa ukuthi athathe isihlalo sokwahlulela, ngezwi labantu.

3 Kepha bheka, auKishikumeni, owayebulele uPahorani, wabe elokhu elinde ukumbulala noHelamani futhi; futhi wayesekelwe yiqembu lakhe, elalingene esivumelwaneni sokuthi kungabi bikho namunye oyokwazi ngobubi bakhe.

4 Ngokuba kwakukhona auGadiyantoni othile, owayeyingcweti kakhulu ngamazwi amaningi, futhi kanjalo nangobuciko bakhe, ukuthi aqhubeke nomsebenzi wokubulala kanye nowokuphanga; ngakho-ke waba ngumholi weqembu likaKishikumeni.

5 Ngakho-ke nempela wabalutha, futhi kanjalo noKishikumeni, ukuthi uma bengambeka esihlalweni sokwahlulela wayezokwenza labo okwakungabeqembu lakhe ukuthi banikwe amandla kanye negunya phakathi kwabantu; ngakho-ke uKishikumeni wafuna ukumbulala uHelamani.

6 Futhi kwenzeka ngesikhathi esehamba eya ngasesihlalweni sokwahlulela ukuyobulala uHelamani, bheka enye yezinceku zikaHelamani, kade iphumile ebusuku, futhi isithole, ngokuzifihla, ulwazi ngalawo macebo ayekade ebekwe yileli qembu okubulala uHelamani—

7 Futhi kwenzeka ukuthi yahlangana noKishikumeni, futhi yamnikeza uphawu; ngakho-ke uKishikumeni wayitshela inhloso yesifiso sakhe, efuna ukuthi imhole imyise esihlalweni sokwahlulela ukuze abulale uHelamani.

8 Futhi ngesikhathi inceku kaHelamani seyazile konke okusenhliziyweni kaKishikumeni, futhi nokuthi kwakuyinhloso yakhe ukubulala, futhi kanjalo nokuthi kwakuyinhloso yabo bonke labo okwakungabeqembu lakhe ukuthi babulale, futhi baphange, futhi bazuze amandla, (futhi lokhu akwakuyisu labo elifihlakele, kanye nozungu lwabo) inceku kaHelamani yathi kuKishikumeni: Masihambe siye esihlalweni sokwahlulela.

9 Manje lokhu kwamjabulisa kakhulu uKishikumeni, ngokuba wayecabanga ukuthi wayezolifeza isu lakhe; kepha bheka, inceku kaHelamani, ngesikhathi behamba beya esihlalweni sokwahlulela, nempela yamgwaza uKishikumeni enhliziyweni, kangangokuthi wawa wafa ngaphandle kokuquma. Futhi yagijima yayotshela uHelamani zonke izinto eyayizibonile, neyazizwile, futhi neyayizenzile.

10 Futhi kwenzeka ukuthi uHelamani nempela wathumela ukuthi kuyobanjwa leliqembu labaphangi kanye nababulali abafihlakele, ukuze bajeziswe ngokomthetho.

11 Kepha bheka, ngesikhathi uGadiyantoni esethole ukuthi uKishikumeni akabuyanga wesaba ukuthi hleze naye abulawe; ngakho-ke wenza ukuthi iqembu lakhe limlandele. Futhi babaleka baphuma ezweni, ngendlela efihlakele, baya ehlane; futhi ngenxa yalokhu ngesikhathi uHelamani esethumela ukuthi bayobanjwa ababange besatholakala ndawo.

12 Futhi okunye ngaloGadiyantoni ngizobuye ngikhulume ngakho emva kwalokhu. Futhi waphela kanjalo-ke unyaka wamashumi amane nambili wokubusa kwabehluleli kubantu baNefi.

13 Futhi bheka, ekugcineni kwalencwadi nizobona ukuthi lo aGadiyantoni nempela waba yimbangela, yebo, cishe yokonakaliswa kwabo bonke abantu baNefi.

14 Bheka angiqondile ekugcineni kwencwadi kaHelamani, kodwa ngiqonde ekugcineni kwencwadi kaNefi, engithathe kuyo yonke lendaba engiyibhalile.