ImiBhalo eNgcwele
Etere 6


Isahluko 6

Izikebhe zamaJarede ziqhutshwa wumoya ukuya ezweni lesethembiso—Abantu badumisa iNkosi ngobuhle Bayo—U-Oriha uyabekwa uba yinkosi yabo—UJarede kanye nomfowabo bayafa.

1 Manje mina, Moroni, sengiyaqhubeka nokubhala umbhalo kaJarede kanye nomfowabo.

2 Ngokuba kwenzeka emva kokuthi iNkosi isiwalungisile lawo amatshe umfowabo kaJarede ayewathwale waya nawo entabeni, umfowabo kaJarede wehlela ezansi wasuka entabeni, futhi nempela wawabeka amatshe kulezo zikebhe ezazilungisiwe, ngalinye ekugcineni kwaso ngasinye; futhi bheka, azikhanyisa izikebhe.

3 Futhi ngaleyo ndlela iNkosi yenza amatshe ukuthi akhanye ebumnyameni, ukuze anike ukukhanya emadodeni, kwabesifazane, kanye nasezinganeni, ukuze bangawanqamuli amanzi amakhulu ebumnyameni.

4 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sebelungise yonke inhlobo yokudla, ukuze baphile ngakho emanzini, futhi kanjalo nokudla kwemihlambi yezimvu kanye neyezinkomo zabo, kanye nokwanoma yisiphi isilwane noma inyoni ababezoyithwala bahambe nayo—kwenzeka ukuthi ngesikhathi sebenzile zonke lezi zinto bangena emikhumjini noma ezikebheni zabo, futhi bahamba baya olwandle, bezinikela eNkosini uNkulunkulu wabo.

5 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi uNkulunkulu yenza ukuthi kube khona aumoya onamandla ohamba ebusweni bamanzi, oya ngasezweni lesethembiso; futhi ngaleyo ndlela baphonseka ngapha nangapha kuwo amagagasi olwandle phambi komoya.

6 Futhi kwenzeka ukuthi izikhathi eziningi bacwila ekujuleni kolwandle, ngenxa yezintaba zamagagasi ayewela kubo, futhi kanjalo nezivunguvungu ezinkulu nezimbi kakhulu ezazibangwa wumoya omubi kakhulu.

7 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi sebecwile ekujuleni kwakungekho manzi ayengabalimaza, ngenxa yokuthi izikebhe zabo azaziqine njengesitsha, futhi phezu kwalokho zaziqine njengo bmkhumbi kaNowa; ngakho-ke ngesikhathi sebezungezwa ngamanzi amaningi bakhala eNkosini, futhi nempela yabakhiphela ngaphezulu kwamanzi futhi.

8 Futhi kwenzeka ukuthi umoya awuyekanga ukuhamba uye ngasezweni lesethembiso ngesikhathi besemanzini; futhi ngalendlela baqhutshwa baya phambili phambi komoya.

9 Futhi abahlabelela bedumisa iNkosi; yebo, umfowabo kaJarede wahlabelela edumisa iNkosi, futhi bwayibonga futhi wayidumisa iNkosi bonke ubude bosuku; futhi ngesikhathi kufika ubusuku, abayekanga ukudumisa iNkosi.

10 Futhi ngaleyo ndlela baqhutshwa baya phambili; futhi kwakungekho nasilwane esesabekayo solwandle esasingabanqamula, noma umkhoma owawungabalimaza; futhi baba nokukhanya njalo, noma kwakungaphezu kwamanzi noma ngaphansi kwamanzi.

11 Futhi ngaleyo ndlela baqhutshwa baya phambili, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi amane nane emanzini.

12 Futhi bafika ogwini lwezwe lesethembiso. Futhi ngesikhathi sebebeke izinyawo zabo ogwini lwezwe lwesethembiso bakhothama ebusweni bezwe, futhi bazithoba phambi kweNkosi, futhi bakhala izinyembezi zenjabulo phambi kweNkosi, ngenxa yobukhulu besihawu sayo esimnene kubo.

13 Futhi kwenzeka ukuthi bahamba baya ebusweni bezwe, futhi baqala ukulima umhlabathi.

14 Futhi uJarede wayenamadodana amane; futhi ayebizwa ngokuthi wuJakomu, noGiliga, noMaha, kanye no-Oriha.

15 Futhi umfowabo kaJarede naye wazala amadodana kanye namadodakazi.

16 Futhi aabangani baJarede kanye nomfowabo babeyisibalo sabantu cishe esingangamashumi amabili nambili; futhi nabo ngokunjalo bazala amadodana kanye namadodakazi ngaphambi kokuthi bafike ezweni lesethembiso; ngakho-ke baqala ukuthi babe baningi.

17 Futhi bafundiswa ukuthi abahambe ngokuzithoba phambi kweNkosi; futhi phezu kwalokho bbafundiswa kusuka phezulu.

18 Futhi kwenzeka ukuthi baqala ukusabalala ebusweni bezwe, futhi banda futhi balima umhlabathi; futhi bakhula baba namandla ezweni.

19 Futhi umfowabo kaJarede waqala ukuba mdala, futhi wabona ukuthi kwase kufanele masinyane ahambe ehlele ethuneni; ngalokho-ke wathi kuJarede: Masiqoqe ndawonye abantu bethu ukuze sibabale, ukuze sizwe kubo ukuthi bazofunani kithi ngaphambi kokuthi sihambe sehlele emathuneni ethu.

20 Futhi ngokohlelo abantu baqoqelwa ndawonye. Manje inani lamadodana kanye namadodakazi omfowabo kaJarede kwakungabantu ababengamashumi amabili nambili; futhi inani lamadodana kanye namadodakazi kaJarede ayeyishumi nambili, yena enamadodana amane.

21 Futhi kwenzeka ukuthi bababala abantu babo; futhi emva kokuthi sebebabalile, bafuna ukwazi kubo ukuthi yiziphi izinto ababefuna ukuthi bazenze ngaphambi kokuthi bahambe behlele emathuneni abo.

22 Futhi kwenzeka ukuthi abantu bafuna kubo ukuthi abagcobe oyedwa wamadodana abo ukuthi abe yinkosi yabo.

23 Manje bheka, lokhu kwabakhathaza. Futhi umfowabo kaJarede wathi kubo: Ngempela lento aiholela ekuthunjweni.

24 Kepha uJarede wathi kumfowabo: Bavumele ukuthi babe nenkosi. Ngakho-ke wathi kubo: Khethani-ke phakathi kwamadodana ethu inkosi, leyo eniyifunayo.

25 Futhi kwenzeka ukuthi bakhetha izibulo lomfowabo kaJarede; futhi igama lalo kwakunguPagagi. Futhi kwenzeka ukuthi wenqaba futhi akafunanga ukuthi abe yinkosi yabo. Futhi abantu bafuna ukuthi uyise amphoqelele, kepha uyise akafunanga; futhi wabayala ukuthi bangaphoqi namunye umuntu ukuthi abe yinkosi yabo.

26 Futhi kwenzeka ukuthi babakhetha bonke abafowabo baPagagi, kepha abavumanga.

27 Futhi kwenzeka ukuthi ngisho namadodana kaJarede awavumanga, wonke ngaphandle kweyodwa; futhi u-Oriha wagcotshwa ukuthi abe yinkosi yalabantu.

28 Futhi waqala wabusa, futhi abantu baqala ukuphumelela; futhi banotha kakhulu.

29 Futhi kwenzeka ukuthi uJarede wafa, futhi kanjalo nomfowabo.

30 Futhi kwenzeka ukuthi u-Oriha wahamba ngokuzithoba phambi kweNkosi, futhi wakhumbula ukuthi zazinkulu kangakanani izinto iNkosi eyayizenzele uyise, futhi phezu kwalokho wabafundisa abantu bakhe ukuthi zazizinkulu kangakanani izinto iNkosi eyayizenzele oyise.