ImiBhalo eNgcwele
Abrahama 4


Isahluko 4

ONkulunkulu bahlela ukudalwa komhlaba nayo yonke impilo kuwo—Izinhlelo zabo zezinsuku eziyisithupha zendalo zibekwa obala.

1 Futhi yabe isithi iNkosi: Masehleni siye phansi. Futhi behlela phansi aekuqaleni, futhi bona, okungukuthi oNkulunkulu, bawa bhlanganisa futhi bawenza amazulu nomhlaba.

2 Futhi umhlaba, emva kokuba usuwenziwe, wawungenalutho futhi ungenamuntu, ngokuba babengakenzi lutho ngaphandle komhlaba; futhi ubumnyama babu busa phezu kobuso bolwandle, futhi noMoya woNkulunkulu wa awehla wenyuka phezu kobuso bamanzi.

3 Futhi bona (oNkulunkulu) bathi: Makube khona ukukhanya; futhi kwaba khona ukukhanya.

4 Futhi bona (oNkulunkulu) bakuqonda ukukhanya, ngokuba kwakukhazimula; futhi bakuhlukanisa ukukhanya, noma benza ukuthi kuhlukane, nobumnyama.

5 Futhi oNkulunkulu babiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama babubiza ngoBusuku. Futhi kwenzeka ukuthi kusuka kusihlwa kuze kube yisekuseni bakubiza ngobusuku; futhi kusuka ekuseni kuze kube kusihlwa bakubiza ngemini; futhi lokhu kwaba yisikhathi sokuqala, noma ukuqala, kwalokho abakubiza ngokuthi yimini nobusuku.

6 Futhi oNkulunkulu baphinde bathi: Makube khona aisibhakabhaka phakathi kwamanzi, futhi siyohlukanisa amanzi kwamanye amanzi.

7 Futhi oNkulunkulu basiyala isibhakabhaka, kangangoba sahlukanisa amanzi ayengaphansi kwesibhakabhaka namanzi ayengaphezulu kwesibhakabhaka; futhi kwabanjalo, ngisho njengoba babeyala.

8 Futhi oNkulunkulu babiza isibhakabhaka ngokuthi ayiZulu. Futhi kwenzeka ukuthi kusuka kusihlwa kuze kube sekuseni bakubiza ngobusuku; futhi kwenzeka ukuthi kusuka ekuseni kuze kube kusihlwa bakubiza ngemini; futhi lokhu kwase kuyi bsikhathi sesibili ukuthi basibize ngobusuku nemini.

9 Futhi oNkulunkulu bayala, bethi: aAmanzi angaphansi kwezulu mawaqoqane ndawonye bendaweni eyodwa, futhi makuvele umhlabathi owomileyo; futhi kwaba njengoba babeyala;

10 Futhi oNkulunkulu bathi umhlabathi owomileyo, yiZwe; futhi ukuqoqana ndawonye kwamanzi, bathi, nga aManzi amaKhulu; futhi oNkunkunkulu babona ukuthi babelalelwa.

11 Futhi oNkulunkulu bathi: Masilungise umhlabathi ukuba uveze autshani; imifino ethela imbewu; nemithi yezithelo ethela izithelo, ngezinhlobo zayo, imbewu yayo ekuyo eveza okufana nayo emhlabathini; futhi kwaba njalo, ngisho njengoba babeyala.

12 Futhi oNkulunkulu benza umhlabathi ukuba uveze utshani embewini yabo uqobo, nemifino ukuba iveze imifino embewini yayo uqobo, eveza imbewu efana nayo; nomhlaba ukuba uveze imithi embewini yayo uqobo, ethela izithelo, imbewu yayo eyayingakwazi ukuveza enye efana nayo kuyo, ngezinhlobo zayo, futhi oNkulunkulu babona ukuthi babelalelwa.

13 Futhi kwenzeka ukuthi babala izinsuku; kusuka kusihlwa kuze kube sekuseni bakubiza ngobusuku; futhi kwenzeka ukuthi, kusuka ekuseni kuze kube kusihlwa bakubiza ngemini; futhi kwase kuyisikhathi sesithathu.

14 Futhi oNkulunkulu benza aizinkanyiso kuso isibhakabhaka sezulu, futhi benza ukuthi zihlukanise imini nobusuku; futhi bazenza ukuba zibe ezezibonakaliso futhi nezezinkathi, futhi zibe ezezinsuku nezeminyaka;

15 Futhi bazenza ukuba zibe yizinkanyiso kuso isibhakabhaka sezulu ukuze zinike ukukhanya emhlabeni; futhi kwaba njalo.

16 Futhi oNkulunkulu benza izinkanyiso ezinkulu ezimbili, ainkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, futhi inkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku; bazimisa izinkanyezi futhi ndawonye nenkanyiso encane;

17 Futhi oNkulunkulu bazimisa izinkanyiso kuso isibhakabhaka sezulu, ukuze zinike ukukhanya emhlabeni, futhi ukuba zibuse phezu kwemini nobusuku, futhi ukuze zihlukanise ukukhanya ebumnyameni.

18 Futhi oNkulunkulu bazibuka lezo zinto ababezihlelile zaze zalalela.

19 Futhi kwenzeka ukuthi kusuka kusihlwa kuze kube sekuseni kwaba ubusuku; futhi kwenzeka ukuthi kusuka sekuseni kwuze kube kusihlwa kwaba yimini; futhi kwaba yisikhathi sesine.

20 Futhi oNkulunkulu bathi: Masilungise amanzi ukuze aveze izidalwa ngobuningi ezinyakazayo ezinempilo; nezinyoni, ukuba zindize phezu komhlaba esibhakabhakeni esivulekileyo sezulu.

21 Futhi oNkulunkulu bawalungisa amanzi ukuba aveze aimikhomo emikhulu, nazo zonke izidalwa eziphilayo ezinyakazayo, ezazizovezwa ngamanzi zibe ziningi ngezinhlobo zazo; futhi zonke izinyoni ezinezimpiko ngezinhlobo zazo. Futhi oNkulunkulu babona ukuthi babezolalelwa, futhi nokuthi uhlelo labo lwaluluhle.

22 Futhi oNkulunkulu bathi: Sizobabusisa, futhi sibenze bazale futhi bande, futhi bagcwalise amanzi olwandle noma aamanzi amakhulu; futhi senze izinyoni zande emhlabeni.

23 Futhi kwenzeka ukuthi kwakusuka kusihlwa kwaze kwaba sekuseni ukuthi bakubiza ngobusuku; futhi kwenzeka ukuthi kwakusuka ekuseni kwaze kwaba kusihlwa ukuthi bakubiza ngemini; futhi kwase kuyisikhathi sesihlanu.

24 Futhi aoNkulunkulu bawulungisa umhlabathi ukuba uveze izidalwa eziphilayo ngezinhlobo zazo, imfuyo nezinto ezinwabuzelayo, nezilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo; futhi kwaba njalo, njengoba babeshilo.

25 Futhi oNkulunkulu bawenza umhlaba ukuba uveze izilwane ngezinhlobo zazo, nemfuyo ngezinhlobo zayo, nazo zonke izinto ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo; futhi oNkulunkulu babona ukuthi zazizolalela.

26 Futhi oNkulunkulu base abecebisana bathi: Masehle siye phansi futhi sibumbe bumuntu cngomfanekiso wethu, abe njengathi; futhi sizobanika ukubusa phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zesibhakabhaka, naphezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umhlaba, naphezu kwazo zonke izinto ezinwabuzelayo phezu komhlaba.

27 Ngakho-ke aoNkulunkulu baya phansi ukuyokwenza umuntu abe ngomfanekiso wabo, ngomfanekiso wabo bamenza, owesilisa nowesifazane.

28 Futhi oNkulunkulu bathi: Sizobabusisa. Futhi oNkulunkulu bathi: Sizobenza bazale futhi bande, futhi bawugcwalise umhlaba, futhi bawunqobe, futhi babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zesibhakabhaka, naphezu kwako konke okuphilayo okuhambayo phezu komhlaba.

29 Futhi oNkulunkulu bathi: Bheka, sizobanika yonke imifino eveza imbewu eyovela ebusweni bomhlaba wonke, nayo yonke imithi eyokuba nezithelo kuyo; yebo, isithelo somuthi esiveza imbewu siyobanika sona; kuyokuba aukudla kwabo.

30 Futhi kuzo zonke izilwane zomhlaba, nakuzo zonke izinyoni zesibhakabhaka, nakuzo zonke izinto ezinwabuzelayo phezu komhlaba, bheka, sizozinika impilo, futhi sizozinika yonke imifino eluhlaza ukuba kube wukudla, futhi zonke lezi zinto ziyohlelwa kanjalo.

31 Futhi oNkulunkulu bathi: Sizozenza zonke izinto esizishilo, futhi sizenze zibe khona; futhi bheka, ziyolalela kakhulu. Futhi kwenzeka ukuthi kusuka kusihlwa kwaze kwaba yisekuseni bakubiza ngobusuku; futhi kwenzeka ukuthi kusuka ekuseni kwaze kwaba kusihlwa bakubiza ngemini; futhi babala aisikhathi sesithupha.