ImiBhalo eNgcwele
Moroni 4


Isahluko 4

Indlela amagosa kanye nabaphristi ababusisa ngayo isidlo esingcwele iyachazwa. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 aIndlela bamagosa kanye nabaphristi babo ababebusisela ngayo ibandla umzimba kanye negazi likaKristu; futhi cbabekubusisa ngokwemiyalelo kaKristu; ngalokho-ke siyazi ukuthi lendlela iyiqiniso; futhi yigosa noma ngumphristi owayekubusisa.

2 Futhi babeguqa phansi nebandla, futhi bakhuleke kuBaba egameni likaKristu, bethi:

3 O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuthi ubusise futhi ungcwelise lesi asinkwa emiphefumulweni yabo bonke labo abasidlayo; ukuze basidle bbekhumbula umzimba weNdodana yakho, futhi bakhombise kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayafisa ukubizwa cngegama leNdodana yakho, futhi bayikhumbule njalo, futhi bagcine imiyalelo yayo ebanikeze yona, ukuze babe no dMoya wayo njalo. Amen.