Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 7


HJS, NgokukaMathewu 7:1–2. Qhathanisa noMathewu 7:1–2

Ungahluleli ngokungekhona ukulunga.

1 Yiwo lawa amazwi uJesu awafundisa abanfundi bakhe ukuthi bawasho kubantu.

2 Ungahluleli ngokungekona ukulunga, ukuze ungahlulelwa; kodwa hlulela ngokwahlulela okulungileyo.

HJS, NgokukaMathewu 7:4–8. Qhathanisa noMathewu 7:3–5

UJesu ufundisa abafundi bakhe ukuthi babhekane nababhali, abaFarisi, abaphristi, namaLevi ngenxa yokuzenzisa kwabo.

4 Futhi niyophinda nithi kubo, Kungani ubona ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni na?

5 Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; ungaluboni ugongolo olusesweni lakho na?

6 UJesu wathi kubafundi bakhe, Niyababona ababhali, nabaFarisi, nabaphristi, namaLevi? Bayafundisa emasinagogeni abo, kepha abawugcini umthetho, nemiyalelo; bonke baphumile endleleni, futhi baphansi kwesono.

7 Hambani nithi kubo, Nibafundiselani abantu umthetho nemiyalelo, uma nina uqobo lwenu ningabantwana benkohlakalo na?

8 Thanini kubo, Bazenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho; emva kwalokho uzobe usubona kahle ukuze ukhiphe ucezwana esweni lomfowenu.

HJS, NgokukaMathewu 7:9–11. Qhathanisa noMathewu 7:6

UJesu ufundisa abafundi Bakhe ukuthi bafundise ngokuphenduka futhi nokuthi bangabelani nomhlaba izimfihlakalo zombuso.

9 Hambani niye emhlabeni, nithi kubo bonke, Phendukani, ngokuba umbuso wasezulwini ususeduze nani.

10 Futhi izimfihlakalo zombuso niyozigcina kini; ngokuba akukuhle ukunikeza izinja lokho okungcwele; noma niphose amagugu enu phambi kwezingulube, funa zikunyathele ngezinyawo zazo.

11 Ngokuba umhlaba awukwazi ukwemukela lokho nina, uqobo lwenu, eningakwazi ukukwemukela; ngalokho-ke aniyukubanika amagugu enu, funa baphenduke futhi banidluzule.

HJS, NgokukaMathewu 7:12–17. Qhathanisa noMathewu 7:7–8

UJesu ufundisa abafundi Bakhe ukuthi uBaba wambulela bonke abacelayo.

12 Thanini kubo, Celani kuNkulunkulu; celani, nizophiwa; funani, nizofumana; ngqongqothani, nizovulelwa.

13 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo, uyaphiwa; nofunayo, uyafumana; nongqongqothayo, uyavulelwa.

14 Abafundi bakhe base bethi kuye, Bazothi kithi, Thina uqobo lwethu silungile, futhi asimdingi omunye umuntu ukuba asifundise. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wamuzwa uMose nabanye abaphrofethi; kepha thina akazukusizwa.

15 Futhi bazothi, Sinawo umthetho osinika insindiso, futhi lokho kusanele.

16 UJesu waphendula, wathi kubafundi bakhe, Niyokhuluma lokhu kubo,

17 Ngubani phakathi kwenu, onendodana, okuyothi uma imi ngaphandle, ithi, Baba, ngivulele endlini yakho ukuze ngingene ngizodla nawe, ongeyukuthi, Ngena, ndodana yami; ngokuba okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami na?