Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 12


HJS, NgokukaMathewu 21:33. Qhathanisa noMathewu 21:32–33

Umuntu kufanele aphenduke ngaphambi kokukholwa kuKristu.

33 Ngokuba lowo ongamkholwanga uJohane ngokuphathelene nami, ngeke angikholwe, ngaphandle kokuphenduka kuqala.

HJS, NgokukaMathewu 21:47–56. Qhathanisa noMathewu 21:45–46

UJesu uthi uyitshe lesisekelo elikhulu. Ivangeli linikwa kumaJuda emva kwalokho nakwabeZizwe. Ababi bazobhujiswa mhla uJesu esebuya.

47 Futhi ngesikhathi abaphristi abakhulu nabaFarisi sebeyizwile imifanekiso yakhe, baqonda ukuthi wayekhuluma ngabo.

48 Futhi bathi omunye komunye, Kungabe lendoda icabanga ukuthi yona yodwa ingonakalisa lombuso omkhulu kangaka na? Futhi babemthukuthelele.

49 Kodwa ngesikhathi befuna ukumbamba, basaba izixuku, ngokuba bathola ulwazi lokuthi izixuku zazimazi njengomphrofethi.

50 Manje abafundi bakhe beza kuye, futhi uJesu wathi kubo, Niyamangala yini ngamazwi omfanekiso engiwakhulume kubona na?

51 Ngiqinisile, ngithi kini, yimi itshe, futhi laba ababi bayangenqaba.

52 Ngiyinhloko yegumbi. LamaJuda ayowela kimi, futhi ayohlakazwa.

53 Futhi umbuso kaNkulunkulu uyothathwa kubo, unikwe isizwe esiveza izithelo zawo; (okusho abeZizwe.)

54 Ngalokho-ke, lowo eliyowela kuye lelitshe, liyomgaya abe yimpuphu.

55 Ngakho-ke uma iNkosi yesivini iza, iyobabhubhisa labo bantu abalusizi, nababi, futhi iyonika isivini sayo kwabanye abalimi, ngisho ngezinsuku zokugcina, abayomnika izithelo ngezinkathi zazo.

56 Emva kwalokho bawuqonda umfanekiso awukhuluma kubo, ukuthi abeZizwe kufanele babhujiswe nabo, uma iNkosi isiyehla iphuma ezulwini ukuzobusa esivinini sayo, esingumhlaba nabantu bawo.