Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMathewu 13


HJS, NgokukaMathewu 13:39–44. Qhathanisa noMathewu 13:39–42; bheka futhi ku Mf&V 86:1–7

Ngaphambi kokuphela komhlaba (ukubhujiswa kwababi), izithunywa ezivela ezulwini ziyoqoqa abalungileyo kwababi.

39 Ukuvuna ngukuphela komhlaba, noma ukubhujiswa kwababi.

40 Abavuni yizingelosi, noma izithunywa ezivela ezulwini.

41 Ngakho-ke, njengoba ukhula lubuthwa lushiswa emlilweni, kuyoba njalo-ke ekupheleni kwalomhlaba, noma uma sekubhujiswa ababi.

42 Ngokuba ngalolo suku, ngaphambi kokuba iNdodana yomuntu ize, iyothumela izingelosi nezithunywa zasezulwini.

43 Ziyokukhipha konke okukhubekisayo embusweni wakhe, nalabo abenza okubi, zibaphonse ngaphandle kwababi; lapho kuyoba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo.

44 Ngokuba umhlaba uyoshiswa ngomlilo.