ITestamente eliDala 2022
Ngo-Agasti 1–7. UJobe 1–3; 12–14; 19; 21–24; 38–40; 42: “Nokho Ngizokwethemba Kuye”


“Ngo-Agasti 1–7. UJobe 1–3; 12–14; 19; 21–24; 38-40; 42: ‘Nokho Ngizokwethemba Kuye,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Agasti 1–7. UJobe 1–3; 12–14; 19; 21–24; 38-40; 42,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
amadoda amathathu akhuluma nendoda ephansi emhlabathini

Izahlulelo zikaJobe, nguJoseph Brickey

Ngo-Agasti 1–7.

UJobe 1–3; 12–14; 19; 21–24; 38–4042

“Nokho Ngizokwethemba Kuye”

Njengoba ufunda ngoJobe, uMoya uzokuhola ukuthola amaqiniso abalulekile ahambisana nawe. Bhala phansi okutholayo, bese ucabanga ukuthi lamaqiniso asebenza kanjani kuwe.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Kungokwemvelo ukuzibuza ukuthi kungani izinto ezimbi zehlela abantu abalungile—noma-ke, kungani izinto ezinhle zenzeka kubantu ababi. Kungani uNkulunkulu, olungile, ekuvumela lokho na? Imibuzo efana nalena iyahlolisiswa ngokuphathelene nokwehlela uJobe, omunye walabo bantu abalungile okwenzeka kubo izinto ezimbi. Ngenxa yokulingwa kukaJobe, abangane bakhe babezibuza ukuthi ingabe ulunge ngempela yini na. UJobe wagcizelela ukulunga kwakhe futhi wazibuza ukuthi uNkulunkulu ulungile ngempela yini na. Kodwa yize wayehlupheka futhi ezibuza, uJobe wabugcina ubuqotho bakhe nokholo kuJesu Kristu. Encwadini kaJobe, ukholo luyabuzwa futhi luyavivinywa kodwa alulahlwa ngokuphelele. Lokho akusho ukuthi yonke imibuzo iyaphendulwa. Kodwa incwadi kaJobe ifundisa ukuthi kuze kube iyaphendulwa, imibuzo nokukholwa kungahlangana, futhi noma ngabe kwenzekani okwamanje, singathi eNkosini yethu, “Nokho Ngizokwethemba Kuye” (uJobe 13:15)).

Ukubuka konke okusencwadini kaJobe, bheka isihloko esithi “uJobe” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UJobe 1–3; 12–13

Ukwethembela kwami kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu kungangisiza ukuthi ngihlale ngithembekile kuzo zonke izimo.

Izahluko zokuqala zikaJobe zihloselwe ukugcizelela indima kaSathane njengesitha noma ummangaleli wethu, hhayi ukuchaza ukuthi uNkulunkulu noSathane basebenzisana kanjani. Njengoba ufunda izimangalo zikaSathane ngoJobe (bheka uJobe 1:9–11; 2:4-5), ungahle ucabange ukuthi kungashiwo yini okufanayo ngawe. Ungase uzibuze uthi, Ngabe yiziphi izizathu zami zokuhlala ngithembekile kuNkulunkulu na? Zindla ngezilingo ezanikwa uJobe nezimpendulo zakhe (bheka uJobe 1:20–22; 2:9–10). Yikuphi okufundayo kuye okungakusiza uphendule uma ubhekene nezakho izinselelo na?

Nakuba uJobe ayezama ukuhlala ethembekile, izilingo nokuhlupheka kwakhe kwaqhubeka (qaphela izililo zakhe kwisahluko 3). Empeleni, ukuhlupheka kwakhe kwakubonakala kukhula, futhi abangane bakhe babethi uNkulunkulu wayemjezisa (bheka uJobe 4–5; 8; 11). Njengoba ufunda ingxenye yempendulo kaJobe kwizahluko 12–13, cabanga ngalokho uJobe ayekwazi ngoNkulunkulu okwamenza wakwazi ukuqhubeka nokwethemba, ngaphezu kokuhlupheka kwakhe nemibuzo engaphenduliwe. Ngabe yikuphi okwaziyo ngoNkulunkulu okukusiza ukuba ubhekane nezinselelo na? Uwazi kanjani lamaqiniso, futhi aluqinise kanjani ukholo lwakho na?

UJobe 19

UJesu Kristu UnguMhlengi wami.

Kwesinye isikhathi amaqiniso abaluleke kakhulu avezwa kithi phakathi kosizi lwethu olukhulu. Zindla ngezivivinyo uJobe azichaze ku Jobe 19:1–22 kanye namaqiniso awamemezele ku Jobe 19:23–27. Bese uzindla ngokuthi wazi kanjani ukuthi uMhlengi wakho uyaphila. Ngabe lolulwazi lwenza muphi umehluko lapho uhlangabezana nezivivinyo ezinzima na?

Bheka futhi IMfundiso NeziVumelwano 121:1–12; 122.

Isithombe
indoda ebheke phezulu

UJobe, ngu-Gary L. Kapp

UJobe 21–24.

“Esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.”

Ngenkathi ufunda kabanzi ngenkulumo-mpikiswano phakathi kukaJobe nabangani bakhe ngezizathu zokuhlupheka kukaJobe, ungase ucabange ukuthi ungawuphendula kanjani umbuzo osenkulumweni yabo: Kungani abalungileyo kwesinye isikhathi behlupheka kuthi ababi kwesinye isikhathi bangajeziswa na? Cabanga ngalokhu njengoba ufunda uJobe 21–24. Yini oyaziyo ngoBaba oseZulwini nohlelo Lwakhe elingasiza ukunikeza izimpendulo na? Bheka, isibonelo, ku 2 Nefi 2:11–13; uMosiya 23:21–23; 24:10–16; u-Abrahama 3:22–26.

UJobe 38; 40; 42

Umbono kaNkulunkulu mkhulu kunowami.

Ekhungathekiswe yizinsolo zabangani bakhe (bheka uJobe 16:1–5; 19:1–3), uJobe wakhala ephindelela kuNkulunkulu efuna incazelo yokuhlupheka kwakhe (bheka UJobe 19:6–7; 23:1–931). IGosa uNeal A. Maxwell uphawule ukuthi “lapho siphelelwa yisineke ngokungafanele ngesikhathi sikaNkulunkulu owazi konke,” njengoba uJobe ayebonakala ngayo lendlela, “kahle kahle sithi sazi okungcono kakhulu. Kuyaxaka, akunjalo—thina esigqoka amawashi esandla sifuna ukweluleka Lowo owengamele amawashi namakhalenda ezulu” (“Hope through the Atonement of Jesus Christ,” Ensign, Nov. 1998 , 63). Zindla ngalamazwi njengoba ufunda impendulo kaNkulunkulu kuJobe kwisahluko 38 naku 40. Ngabe yimaphi amaqiniso Ayewafundisa uJobe na? Kungani lamaqiniso ebalulekile kithina ukuba siwazi njengoba silwa nobunzima nemibuzo kulempilo yasemhlabeni na? Yini ekuhlaba umxhwele ngempendulo kaJobe ku Jobe 42: 1–6?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UJobe 1:20–22.Ukuqonda ukuthi uJobe wayengazizwa kanjani, njengoba kuchazwe kulamavesi, umndeni wakho ungalingisa uJobe 1:13–22. Yini esingayifunda esibonelweni sikaJobe na?

UJobe 14:14.Singawuphendula kanjani umbuzo kaJobe kulelivesi na? Izimfundiso eziku Alima 11:42–44 zingasisiza kanjani na? ­

UJobe 16:1–5.Ingabe sike sibe njengabangani baJobe, abamehlulela futhi bamgxeka uJobe lapho edinga induduzo na? (bheka uJobe 16:1–4; bheka futhi NgokukaJohane 7:24). Amazwi ethu angabaqinisa kanjani abanye osizini lwabo na? (bheka uJobe 16:5).

UJobe 19:23–27.Ngemva kokufunda lamavesi, amalunga omndeni angabelana ngokuthi azi kanjani ukuthi uMhlengi wethu uyaphila. Ningathanda ukusebenza ndawonye ukufaka amazwi obufakazi benu (noma imidwebo yabantwana yoMsindisi) encwadini yomndeni (bheka ivesi 23).

UJobe 23:8–11.Kusho ukuthini “ukuphuma” ezivivinyweni zethu “njengegolide” na? Ngubani esimaziyo owenze lokhu na? Abantwana bangakuthokozela ukwenza okuthile ngamagama abhalwe ku vesi 10. Ningaxoxa futhi ngokuthi uJesu Kristu wazinqoba kanjani izivivinyo zaKhe (bheka NgokukaLuka 22:41–44; IMfundiso neziVumelwano 19:16–19).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Cabanga. Ukuqonda okusho okuthile kungafika ngenkathi sizama ukuzifaka emibhalweni engcwele. Isibonelo, ukuzibeka esimweni sikaJobe kungakusiza uzindle ngobudlelwano bakho noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

Isithombe
amadoda ekhuluma nendoda ephansi

UJobe Nabangani Bakhe, ngu-Ilya Repin