ITestamente eliDala 2022
Ngo-Agasti 15–21. AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86: “Ngizakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami”


“Ngo-Agasti 15–21. AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86: ‘Ngizakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Agasti 15–21. AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UJesu ebambe ikhandlela

Ukusindisa Lokho Okwakulahlekile, nguMichael T. Malm

Ngo-Agasti 15–21

AmaHubo 49–51; 61–66; 69–72; 77–78; 85–86

“Ngizoakulandisa Akwenzele Umphefumulo Wami”

Loluhlelo lugqamisa ezinye izihloko zemfundiso ezitholakala encwadini yamaHubo. Ngesikhathi ufunda, amagama athize, izithombe, noma amasu kuzokugqamela. Ucabanga ukuthi iNkosi izama ukukufundisani na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ababhali bamaHubo babhala ngemizwa yabo ejulile kwizinkondlo zabo. Babhala ngokuzizwa bedumele, benokwesaba noma benokuzisola. Ngezinye izikhathi, babebuye bezizwe belahliwe nguNkulunkulu, futhi amanye amahubo azwakala enokucikeka noma enokuxakeka. Uma uke waba nemizwa ekanje, ukufunda amaHubo kungakusiza wazi ukuthi awukho wedwa. Kepha ungathola futhi amahubo angakugqugquzela ngesikhathi unalemizwa, ngoba ababhalile babebuye bedumise iNkosi ngenxa yobuhle Bayo, bemangazwa amandla Ayo, futhi bethokoziswa umusa Wayo. Babazi ukuthi umhlaba uthwele ububi nesono kodwa nokuthi iNkosi “[yin]hle, [i]ngothethelelayo” (IHubo 86:5). Babekwazi ukuthi ukuba nokholo eNkosini akusho ukuthi awusoze ulwe nokukhathazeka, isono noma ukwesaba. Kusho ukuthi uyazi ukuthi uye kubani uma uzizwa kanjalo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

AmaHubo 49; 62:5–12

Ukuhlengwa kuza ngoJesu Kristu kuphela.

IHubo 49 linomyalezo “wabantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu” (uvesi 2). Lowo myalezo ungathi yini na? Ucabanga ukuthi IHubo 62:5–12 linezelela ngani kulowo myalezo?

Ukufunda AmaHubo kungakwenza ucabange ngezindlela abanye babeka ngayo ithemba labo entweni kunoNkulunkulu ukuze bathole inkulululeko (bheka AmaHubo 49:6–7). Impilo yakho ithintwe kanjani wubufakazi bakho bokuthi “uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo”? (uvesi 15).

Bheka futhi IzAga 28:6; Alima 34:8–17.

AmaHubo 51; 85–86

Ngenxa yomusa woMsindisi, ngingathethelelwa izono zami.

Izicelo zomusa IHubo 51 kuthiwa zingeNkosi uDavide, owayenecala lokuphinga nokubulala (bheka ku 2 Samuweli 11). Noma ngabe izono zethu azithusi kangako, singazwelana nesidingo somusa okukhulunywa ngaso kulelihubo. Singaphinde sifunde okuthile ngokuthi kuchaza ukuthini ukuguquka. Isibonelo, yimaphi amagama noma imishwana kwi Hubo 51 okukufundisa ngomoya okumele sibe nawo ukuze siguquke na? Ngabe ufundani ngomthelela weNhlawulo kaJesu Kristu empilweni yakho na?

Ungase ubuze umbuzo ofanayo ngesikhathi ufunda AmaHubo 85–86. Ungase futhi ubheke imisho echaza iNkosi. Ngabe lemisho iluqinisa kanjani ukholo lwakho ukuthi Izokuthethelela na? (bheka, isibonelo, IHubo 86:5, 13, 15).

Bheka futhi ku Alima 36; Russell M. Nelson, “We Can Do Better and Be Better,” Liyahona, Meyi 2019, 67–69; Carole M. Stephens, “The Master Healer,” Liahona, Nov. 2016, 9–12.

AmaHubo 51:13–15; 66:16–17; 71:15–24

Ubufakazi bami ngoJesu Kristu kungasiza abanye baze Kuye.

Cabanga ngokuthi wabuthola kanjani ubufakazi bakho ngoJesu Kristu namandla enhlawulo Yakhe. Bese, ngesikhathi ufunda AmaHubo 51:13–15; 66:16–17; 71:15–24, cabanga ukuthi ungabamema kanjani abanye ukuba “[baze] [ba]bone izenzo zikaNkulunkulu” (Psalm 66:5). Kusho ukuthini kuwe “ukukhuluma lonke usuku ngokulunga [Kwakhe]” na? (IHubo 71:24). Uzobatshela kanjani abanye ngalokho “akwenzele umphefumulo [wakho]” na? (IHubo 66:16).

Bheka futhi ku Mosiya 28:1–4; Alima 26.

Isithombe
abafana ababili abaxoxayo

Singabelana kwabanye ngobufakazi bethu ngalokho iNkosi esenzele khona.

Amahubo 63; 69; 77–78

INkosi ingangisiza esikhathini sami esiphuthumayo sosizi.

AmaHubo ambalwa achaza, ngolimi olugqamisayo, ukuthi kunjani ukuzizwa uqhelile kuNkulunkulu nokudinga usizo Lwakhe ngendlela exakile. Ungacabanga ukubheka lezo zincazelo lapha AmaHubo 63:1, 8; 69:1–8, 18–21; 77:1–9. Ngabe yikuphi okutholayo kumaHubo 63; 69; 77–78 okwanikeza ababhali ithemba na?

Uma ukhathazekile, kukusiza kanjani “ukukhumbula izenzo zikaJehova” kanye “[ne]zimangaliso zasendulo” Zakhe na? (AmaHubo 77:11). Ezinye zalezi zimangaliso zitholakala kwi Hubo 78. Ngesikhathi ufunda ngazo, cabanga ngokuthi yikuphi okukusiza “[u]beke ithemba [lakho] kuNkulunkulu” (uvesi 7). Yikuphi umlando owenzeka emndenini wakho okukugqugquzelayo na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

AmaHubo 51:17.Cabanga ukuthi ungawufundisa kanjani umndeni wakho ukuthi kuchaza ukuthini ukuba nenhliziyo ephukile. Isibonelo, amalunga omndeni wakho angashintshisana ngokuvula ngokuphula okuthile okunogobolonde oluqinile, njengeqanda noma ikinati. Kwenzeka kanjani ukuthi izinhliziyo zenu zibuye zibe njengalelogobolonde? Singazithambisa kanjani izinhliziyo zethu eNkosini na? Ukufunda IHubo 51 ndawonye kungase kuninike amacebo.

AmaHubo 61:2–3.Amalunga omndeni angase akuthokozele ukudweba izithombe zezimpawu ezikulamavesi nokukhuluma ngokuthi uJesu Kristu ufana “nedwala” eliphezulu,” “ikhaya [lethu],” futhi “nombhoshongo oqinile.”

AmaHubo 71:17; 78:5–7.Ngabe yikuphi lokhu iNkosi efuna “kwaziwe … abantwana [bakho]” na? (IHubo 78:5). Mhlawumbe ilunga lomndeni ngalinye linganikeza isibonelo “sezenzo ezimangalisayo” zeNkosi, njengendaba etholakala emibhalweni engcwele, okwenzeke kubo noma ubufakazi babo, okubasiza “babeke ithemba labo kuNkulunkulu” (AmaHubo 71:17; 78:7).

IHubo 72.IHubo 72 lalibhalwe nguDavide ngendodana yakhe uSolomoni, kepha okuningi kungaphathelana noJesu Kristu. Ngesikhathi umndeni wakho ufunda lelihubo, bangaphakamisa isithombe somSindisi uma bethola amavesi abakhumbuza ngoJesu Kristu. Singasiza kanjani ukufeza isifiso sokuba “umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe”? (IHubo 72:19; bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 65:2.

IHubo 85:11.Lelivesi lingakhuthaza ingxoxo mayelana nokwenzeka ngesikhathi kuBuyiselwa ivangeli—indlela iNcwadi kaMormoni iyiqiniso “[elaphuma] emhlabeni” nokuthi izithunywa zasezulwini zeza “ziphuma ezulwini” (bheka futhi ku Mose 7:62). ­

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa izindlela ezahlukene “Bheka izindlela ongasebenzisa ngazo okuhlukene emizamweni yakho yokufundisa ivangeli. Ukwenza lokhu kuzofaka ukujula nobuhle kulokho okwenzayo. … Cabanga ngokuthi umculo, izindaba, izithombe, kanye nobunye ubuciko kungamema kanjani uMoya” (Teaching in the Savior’s Way, 22).

Isithombe
Indoda eguqile ngaphambi kwaJesu

Ungangabazi, Thomase, nguJ. Kirk Richards