ITestamente eliDala 2022
Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda Izinkondlo kwiTestamente eliDala


“Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda Izinkondlo kwiTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: iTestamente eliDala 2020 (2021)

“Okufanele ukuKhumbule: Ukufunda Izinkondlo kwiTestamente eliDala,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
uphawo lolwazi oluthile

Okufanele ukuKhumbule

Ukufunda Izinkondlo kwiTestamente eliDala

Ezincwadini zeTestamente eliDala eziza ngaphambi kwencwadi kaJobe, sithola izindaba kakhulu—izindaba ezilandwayo ezichaza izehlakalo zasemandulo ngeso lomoya. UNowa wakha isikebhe, uMose wakhulula u-Israyeli, uHana wakhulekela ukuba nendodana, kwasha kwacima. Siqala ngencwadi kaJobe, sithola indlela ehlukile yokubhala , ngesikhathi ababhali beTestamente eliDala beqala ukusebenzisa ulimi lwenkondlo ukuchaza imizwa ejulile noma iziphrofetho ezibalulekile ngendlela ekhumbulekayo.

Vele sesibone izibonelo ezimbalwa zezinkondlo ezifafazwe ezincwadini zasemandulo zeTestamente eliDala. Futhi kusukela encwadini kaJobe, sizokubona lokhu kakhulu. Incwadi kaJobe, AmaHubo, neZaga cishe zonke ziyizinkondlo, kanye nezingxenye zemibhalo yabahrofethi abanjengo-Isaya, uJeremiya, no-Amose. Ngoba ukufunda inkondlo kuhlukile kunokufunda indaba, ukuyiqondisisa kudinga indlela ehlukile. Nawa amasu angenza ukufunda kwakho izinkondlo zeTestamente eliDala kube nomthelela omkhulu.

Ukwazi Izinkondlo zamaHeberu

Okukokuqala, kungakusiza ukugcina emqondweni ukuthi izinkondlo zamaHebheru kwiTestamente eliDala azibhaliwe ngokusebenzisa imvumelwano, njengezinye izinkondlo. Futhi noma kuwukuthi isigqi, ukudlala ngamagama, kanye nokuphindwa kwemisindo yizinto ezijwayelekile kwizinkondlo zamaHebheru asendulo, zalahleka ngesikhathi kuhumushwa. Kepha, okukodwa ozokubona, ukuphindwa kwemicabango noma amasu, okubuye kubizwe ngoku “linganisana.” Lelivesi elicashunwe ku-Isaya liqukethe isibonelo esilula:

  • Vuka, vuka, wembathe amandla akho, O Siyoni;

  • yembatha izingubo zakho ezinhle, O Jerusalema (u-Isaya 52:1).

Ihubo lama-29 linemigqa yokulinganisana eminingi—nasi isibonelo esisodwa:

  • Izwi likaJehova linamandla;

  • izwi likaJehova linenkazimulo (AmaHubo 29:4).

Futhi nasi isibonelo lapho ulwazi lokuthi umugqa wesibili ulinganisana nowokuqala lwenza kube lula ukuqondisisa isigqi:

  • Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke,

  • nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu (Amose 4:6).

Kulezi zibonelo, isu liphindiwe kwaba khona umehluko omncane. Lendlela ingagqamisa isu eliphindiwe kube kusetshenziswa okuhlukile ukulichaza ngokuphelele noma ukulengeza.

Ngezinye izikhathi, imishwana emibili elinganiswayo isebenzisa ulimi olucishe lufane ukudlulisa amasu aphikisanayo, njengakulesi sibonelo:

  • Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka:

  • kepha izwi elilukhuni livusa ulaka (IzAga 15:1).

Lokhu kulinganisana akwenzekanga ngephutha. Ababhali bakwenza ngamasibomu. Kwabadedela ukuba baveza imizwa yomoya noma amaqiniso ngendlela eyayibukeka inamandla futhi iyinhle kubo. Ngakho-ke, uma ubona ukulinganisana emibhalweni yeTestamente eliDala,zibuze ukuthi kukusiza kanjani ukuthi uqonde umyalezo wombhali. Isibonelo, ngabe u-Isaya wayezama ukuthini ngokuhlobanisa “amandla” “nezembatho ezinhle” kanye “neSiyoni” “neJerusalema” na? (Isaya 52:1). Singasho ukuthini ngomushwana othi “impendulo ethambileyo” uma sazi ukuthi “amazwi alukhuni” umqondophika wawo? (IzAga 15:1).

Isithombe
Indoda ibhala ephepheni

UBuyisela umPhefumulo Wami, nguWalter Rane

Izinkondlo zabaseHebheru njengoMngani oMusha

Kungakusiza ukuqhathanisa ukufunda inkondlo nokwazi umuntu omusha. Isibonelo, ungaqhathanisa ukufunda iTestamente eliDala nokuhlangana nomuntu ophuma ezweni elikude futhi onamasiko angajwayelekile ongakhulumi ulimi olufanayo nalelo esilikhulumayo thina—futhi oneminyaka engaphezulu kwezinkulungwane ezimbili. Lomuntu angaqala ngokusho izinto esingazazi, kepha lokho akuchazi ukuthi akanakho okungase kube yigugu kithi. Ngesineke nesimunyu, lo omusha esisanda kumazi engagcina engumngani wethu omkhulu. Kumele nje sichithe isikhathi ndawonye, sizame ukubona izinto ngeso lakhe. Singase sithole nokuthi ezinhliziyweni zethu, siyezwana kalula.

Ngakho-ke, uma ufunda umushwana kokuqala ku-Isaya, isibonelo, cabanga ukuthi uyaziswa okokuqala kumngani omusha. Zibuze ukuthi, “Yikuphi engikucabangayo?” Umushwana ukwenza uzizwe kanjani—noma kungathiwa awuwaqondisisi wonke amagama? Bese uyawufunda futhi, izikhathi ezimbalwa uma ungakwazi. Abanye abantu bathola ukuqonda okungcono ngokufunda imishwana ngezwi baphimisele. Naka amagama athize u-Isaya akhetha ukuwasebenzisa, ikakhulukazi amagama adweba isithombe emqondweni wakho. Ngabe lezi zithombe zikwenza uzizwe kanjani na? Isithombe sengqondo sisho ukuthini ngendlela u-Isaya ayezizwa ngayo na? Ngesikhathi uqhubeka ufunda lamagama ezimbongi zeTestemente eliDala, yilapho uzothola khona kakhulu ukuthi babekhetha amagama nendlela yokubhala ukuze badlulise umyalezo womoya ojulile.

Izinkondlo zingaba abangani abahle ngoba zisisiza siqonde imizwa yethu nokusehlelayo. Izinkondlo zeTestamente eliDala ziyigugu kakhulu, ngoba zisisiza ukuba siqonde imizwa nokusehlelayo okubalulekile kakhulu—lokho okuphathelene nobudlelwano bethu noNkulunkulu.

Ngesikhathi ufunda izinkondlo kwiTestamente eliDala. Khumbula ukuthi ukufunda imibhalo engcwele kuyigugu kakhulu uma kusiholela kuJesu Kristu. Bheka izibonakaliso, izithombe, kanye namaqiniso akhulisa ukholo lwakho Kuye. Lalela intshisekelo kaMoya oNgcwele ngesikhathi ufunda.

Imibhalo Yokuhlakanipha

Kukhona ingxenye yezinkondlo zeTestamente eliDala abafundi abayibiza “ngemibhalo yokuhlakanipha.” Incwadi kaJobe, IzAga, kanye nomShumayeli kungena kulesisigaba. Ngesikhathi amahubo ekhombisa imizwa yokudumisa, yokulila neyokukhonza, imibhalo yokuhlakanipha igxila ezimfundisweni ezingenasikhathi noma embuzweni ejulile, emayelana nempilo. Isibonelo, incwadi kaJobe ikhuluma ngokulunga kukaNkulunkulu nesizathu sokuhlupheka kwabantu. IzAga zinikeza imiyalo ngokuphila kahle, okuhlanganisa imisho enokuhlakanipha esuka kwizizukulwane ezedlule. UmShumayeli ubuza ngenhloso yempilo uqobo—ngesikhathi yonke into ibukeka iphephuka futhi ingenanhloso, sikuthola kuphi ukuqonda okuyiqiniso? Ungacabanga ngemibhalo yokuhlakanipha njengezingxoxo ezijulile phakathi kwakho nalabo obukela kubo abafuna ukwabelana ngabakutholile ngoNkulunkulu nangomhlaba Awudala—futhi mhlawumbe bangakusiza uqonde lezi zinto kangconywana kunakuqala.